11/01/2025
Naledi aphiwe posted this few days ago ...
Ngicela ukubingelela kubalandeli bami, abahleli bemicimbi kanye nabo bonke abathandi bomculo🙏
Ngizoqala ngokuthatha lelithuba ngibonge ku bhuti omdala uMthandeni ne team yakhe ukunginika ithuba lokuthi ngi performe kulo mcimbi obumkhulu kangaka, Lokhu kusho lukhulu kumina.
Ngiphinde ngidlulise ukuxolisa ngokukhulu ukuzithoba ku bhuti uGatsheni ne Team yakho ngokwenzekile eStage. Bekungeyona inhloso yami ukuphazamisa nokungahloniphi komsebenzi wakhe eStage, ngiyalibona iphutha engilenzile ngokuhluthuka kwenhliziyo futhi ngiyazisola ngalokho. Ngiphinde ngixolise kuwo wonke umuntu okungamuphathanga kahle lokhu. Ngiyathembisa ukuthatha lesi skhathi and reflect on my actions and ngikhule nami njenge ciko ngibe umuntu ongcono moving forward.
Ngizimisele ngokukhula nokuphumelela emculweni, Ngiyaqonda ukuthi indlala eya empumelelweni as an artist needs more than just talent, idinga ukuthi uphinde ukhule ngokumqondo, uhloniphe nokuthi ukwazi nokusebenzisane nabantu.
Once again, Kubahleli bemicimbi, nawo wonke umuntu othintekile ngaloludaba ngicela ningakuboni lokhu ngelinye iso, kube yiphutha engingafisi lenzeke kumina nakwamanye amaciko.
Ngulukhulu uthando nokuzithoba
Naledi Aphiwe.