13/05/2025
“. ⚰️🕊️☠️
🪦NGALE KWETHUNA🪦
💔😭🥺
“Kuthe lapho engivuka khona, ngibona abomndeni wami ekade basishiya bemile eceleni nezindlu zabo"
Ngaphuma phakathi elibeni, umoya wami wawuhamba endaweni egcwel utshani obu luhlaza okwesbhakabhaka, lapho ngiphethe nemithwalo engisindayo, futhi angivumelekile ukuthi ngiyishiye noma ngiyilahle ngoba lekho kuyizinto ebengizenza ngisaphila. Ngang'hambisana nabantu esangcwatswa nabo ngosuku olufanayo, Kodwa besingazane. Kuya ngomthwalo wakho owuphethe ukuthi usinda kangakanani. Endleleni besihamba sishiyana khona ekade bagcwatshwa Kodwa manje sibadlula endleleni behamba bephumula, kwazise Phela ukuthi akudlali ukuphathi okungokwakho. Kuthiwa indlovu ay'sindwa umboko wayo endleleni eya ekhenani aykhulunywa leyonto, wonke umuntu kmele efike ezakhiweni engwele nemithwalo yakhe.
Ngahamba nemithwalo yami mhlampe izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kokuba ngifike eduze nomfula okuthiwa owaseJolithane. Ngithe ngifika eduze kwawo, umfula ugcwele akukho nebholoho engingawela kulo. Ngezwa ngezwi linkenkeza emadlebeni lithi Kimi “konke lokho okubonayo ngaphambi kwakho, izinyembezi zabantu bakini nabakuthandayo bayakhala yingakho kuzomele uthi ukulinda beyek uk'khala ngoba akulula ukuthi umoya wakho ukuthole ukuphumula bengakathuli / ukuyeka uk'khala." Ngezwa ngiphelelwa ngamandla lapho negcwadi Yami yokphila kwami sengiyiphethe ngezandla. Okuyinombolo Yami yeThuna. Usuku engazalwa ngalo Kanye nosuku engashona ngalo.
Ngavel ngahlala phansi eduze nawo umfula ngabekezela. Lapho amanxeba asekhona emoyeni wami Kodwa ekhaya bazamile ukuwageza ayaphola Kancan, ngahlala into engayenza inyanga yonke ngaze ngadedelwa ukuthi benze umsebenzi wokususa is'nyama ekhaya.
Ngangizama ngibuyela ekhaya ebusuku ngephupho Kodwa manje amandla ayesamancani kakhulu ekutheni ngingalwela okungokwami. Inzima lendlela Kodwa ngahamba ngoba yayingekho into ebengingayenza. Nangempela kwenzeke umfula uphunguke ngiqoqe okungokwami ngiwele umfula. Ngithe ngiphakathi nawo umfula kwaqhamuka Indoda enentshebe ende yasondela eduze nami yathi angiyikhombise ingcwadi Yami engize ngayo kulelo. Ngamnika ingcwadi wafika wayvula meqeda wabiza ingelosi ezimbili wathi azingikhombise indlela eya kwabasekhaya, Kodwa ngaphambi kokuba ngifike kuzofanele ngihambe ngiyothethelela izono zami. Zona zazikhona Kodwa ziphungulwe alababantu abangigwaza bangibulala... Ngahamba nazo ngempel ingelosi lezo ukuya endaweni efanele. Sahamba isikhathi esingange Nyanga ...saze safika eduze nalapho ekukhulunywa khona ngezenzo zami. Kodwa konke okwami kwalungabonakali ngoba kwakugcwel igazi, kwathathwa kwabekwa eceleni ukuthi abenzi bobubi bazeyfica zikhona ngelanga abazohamba ngalo emhlaben...abanye bebehleli ngaphandle esangweni becela ukuvulelwa Kodwa manje izinyembezi zabantu zazibavalela amasango. Nalabo ababulala izingane zabo ezingenacala bebehleli ngaphandle esangweni behlulwa ukuphendula imibuzo ababuzwa Yona, lapho izingane zabo azighokile ziyagodola. Ngangena phakathi enhlalenhle ngiyobheka abomndeni wami. Nebala bevele bengilindele, ngabona Ngomama nobaba kuyibona abangihlangabezayo...ngakhala Kodwa manje nenjabulo yayikhona ngibonga ukuthi okungenani abasekhaya ngiaheshe ngabathola.....
Ngangikokhe ngivakasha ngephupho kwabomndeni ngibatshela ukuthi benze njani ukuze labo abangbulala bezothola ukujeza. Izingane zami zasala Zintandane zihlala nomamncane wazo. Kodwa manje ubengabaphethe neze Kahle😭😭...ngangizama ngithi ngikhuluma nabo Kodwa Lutho ukungizwa. Umama nobaba nogogo Kanye nokhokho. Bahlala nami phansi bengifundisa ukuth kuphilwa kanjani kulomhlaba engikuwo obizwa ngokuthi NGALE KWETHUNA 🪦... Ngabekezela kwahamba iminyaka ingani zami zihlupheka...ngafika entathakusa kwindodana Yami yokuqala ngiyitshela ukuthi komele yenze igudluke ngoba umamncane wayo uzama ukuyibulala. Owami umsebenzi enganikezwa wona ukuthi ngigade impilo yengani zami. Nangempela umoya wami wawungapheli empilweni zabantabami. Into Enhle NGALE KWETHUNA ukuthi izinto uzibona zingakenzeki futhi akwenzeki ukuthi ungaphumelel amandla asuke ekhna wonke😭😭😭😭
INDABA IYAQHUBEKA