Izinyembezi Zentandane

Izinyembezi Zentandane ♥️😪Im a simple person who hides a thousand feelings behind the happiest smile😭♥️

13/08/2025

Ntandane iningi lethu liphila ngaphansi kwezimo ezingezinhle but sihlezi sizama

13/08/2025

Ntandane singabantu abangafani, siphila impilo engafani, sinezimo nezinkinga ezingafani, sinemndeni engafani, sizondwa siphinde sithandwe abantu abangafani so ungangi compare'ishi nomunye umuntu onotho mina ngingenalutho!!😞💔

19/07/2025

San'bonani balandeli balelikhasi

Kusukela namhlanje, leliPage sekuzoba elika Matlotlo Tsolo omunye wabalandeli balo leli page. Bengicela isupport yenu Kube eyangunaphakathi kulo leli page. Angihambile inkinga ukuthi angisakhoni ukubhala ngenxa yezinkinga engibhekene nazo. Bengisacela niShare leliPage Kuma group ahlukahlukene ukuze lizokhula NINGAKHOhlWA ukulike BESE NI FOLLOWER Izinyembezi Zentandane

18/07/2025

Kuningi okwenzeka ngaphandle okumnandi nokubi Kodwa uzungakhohlwa izimfundiso zabazali bakho🥺💙
Good morning 💙🥺🙏

29/05/2025

Happy follow-versary to my awesome followers. Thanks for all your support! Thenjiwe Favourite

24/05/2025

Ubuhlungu benhliziyo baziwa ingqondo 😭💔✊

16/05/2025

. 🪦NGALE KWETHUNA 🪦
😭💔⚰️

Kona kwakungekho Lula ukamkela ukuth angisaphile kulomhlaba. Into eyayingiphath Kabi ukubona izingane zami zidonsa ngoDizili ngenxa yezigilamkhuba, umoya wami usuhleli nakhokho okanye amadlozi akuboka baba no mama. Impilo ephilwa ngale kwethuna ilula futhi kuyaphileka musujwayele futhi usu amkelile ukuthi uzoy'phila. Izinto esizidingayo kubantu abasuke besaphila ukuze sibanike amandla okuphila Kanye nokuvulek kwezinhlanhla zakho komele ningalahli amasiko enu. Abadala bayathanda ukunakwa ngoba umsebenzi wabo ukuvikela Nina emimoyeni emibi nakubathakathi. Idlozi liyagezwa, liyaphunyuzwa futhi liyathanda ukuvulelwa izindlela ezikhanyayo ukuze nalo lizokunakekela ngendlela ekhanyayo. Kubalulekil ukubiza amadlozi ahlambulukile kuphela Kodwa izibongo ungazijwayezi ukuzibiza ngoba usuke ungazi ukuthi iliphi idlozi elisuke likubhekile. Khulula inhliziyo yakho uyeke umona, ujabulele ukubona impumelelo yomunye umuntu. Idlozi liyamuthanda umuntu oxhumene nonkulunkulu ngokomoya futhi nalo liyathanda ukukhulekelwa ulicelele kumvelikuqala.

Zithandwa Indaba emfishane isifike emaphethelweni ekugcineni. Abantu mabazifundise ukukhulekel abaku abangasekho. Nicele ukuthi unkulunkulu agudluze konke okubi okuphambi kwedalwa zakho, zikhuphule uzicelele amandla Kanye nendlela ezimhlophe ungakhohlwa ukubonga konke asebekwenzele Kona.

The End

NGALE KWETHUNA 🪦 NGALE KWETHUNA 🪦 NGALE KWETHUNA 🪦 NGALE KWETHUNA 🪦

13/05/2025

. 😭IS'LILO💔

SEASON 2....
COMING SOON....
13/05/2025....

NGICELA UKUTHI NISHARE LELIPAGE KUMA GROUP AHLUKAHLUKENE UKUZE LIZOKHULA... NINGAKHOLWA UKU LIKE NICOMMENT BESE NI FOLLOWER
IzIzinyembezi Zentandane

13/05/2025

“. ⚰️🕊️☠️
🪦NGALE KWETHUNA🪦
💔😭🥺

“Kuthe lapho engivuka khona, ngibona abomndeni wami ekade basishiya bemile eceleni nezindlu zabo"

Ngaphuma phakathi elibeni, umoya wami wawuhamba endaweni egcwel utshani obu luhlaza okwesbhakabhaka, lapho ngiphethe nemithwalo engisindayo, futhi angivumelekile ukuthi ngiyishiye noma ngiyilahle ngoba lekho kuyizinto ebengizenza ngisaphila. Ngang'hambisana nabantu esangcwatswa nabo ngosuku olufanayo, Kodwa besingazane. Kuya ngomthwalo wakho owuphethe ukuthi usinda kangakanani. Endleleni besihamba sishiyana khona ekade bagcwatshwa Kodwa manje sibadlula endleleni behamba bephumula, kwazise Phela ukuthi akudlali ukuphathi okungokwakho. Kuthiwa indlovu ay'sindwa umboko wayo endleleni eya ekhenani aykhulunywa leyonto, wonke umuntu kmele efike ezakhiweni engwele nemithwalo yakhe.

Ngahamba nemithwalo yami mhlampe izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kokuba ngifike eduze nomfula okuthiwa owaseJolithane. Ngithe ngifika eduze kwawo, umfula ugcwele akukho nebholoho engingawela kulo. Ngezwa ngezwi linkenkeza emadlebeni lithi Kimi “konke lokho okubonayo ngaphambi kwakho, izinyembezi zabantu bakini nabakuthandayo bayakhala yingakho kuzomele uthi ukulinda beyek uk'khala ngoba akulula ukuthi umoya wakho ukuthole ukuphumula bengakathuli / ukuyeka uk'khala." Ngezwa ngiphelelwa ngamandla lapho negcwadi Yami yokphila kwami sengiyiphethe ngezandla. Okuyinombolo Yami yeThuna. Usuku engazalwa ngalo Kanye nosuku engashona ngalo.

Ngavel ngahlala phansi eduze nawo umfula ngabekezela. Lapho amanxeba asekhona emoyeni wami Kodwa ekhaya bazamile ukuwageza ayaphola Kancan, ngahlala into engayenza inyanga yonke ngaze ngadedelwa ukuthi benze umsebenzi wokususa is'nyama ekhaya.

Ngangizama ngibuyela ekhaya ebusuku ngephupho Kodwa manje amandla ayesamancani kakhulu ekutheni ngingalwela okungokwami. Inzima lendlela Kodwa ngahamba ngoba yayingekho into ebengingayenza. Nangempela kwenzeke umfula uphunguke ngiqoqe okungokwami ngiwele umfula. Ngithe ngiphakathi nawo umfula kwaqhamuka Indoda enentshebe ende yasondela eduze nami yathi angiyikhombise ingcwadi Yami engize ngayo kulelo. Ngamnika ingcwadi wafika wayvula meqeda wabiza ingelosi ezimbili wathi azingikhombise indlela eya kwabasekhaya, Kodwa ngaphambi kokuba ngifike kuzofanele ngihambe ngiyothethelela izono zami. Zona zazikhona Kodwa ziphungulwe alababantu abangigwaza bangibulala... Ngahamba nazo ngempel ingelosi lezo ukuya endaweni efanele. Sahamba isikhathi esingange Nyanga ...saze safika eduze nalapho ekukhulunywa khona ngezenzo zami. Kodwa konke okwami kwalungabonakali ngoba kwakugcwel igazi, kwathathwa kwabekwa eceleni ukuthi abenzi bobubi bazeyfica zikhona ngelanga abazohamba ngalo emhlaben...abanye bebehleli ngaphandle esangweni becela ukuvulelwa Kodwa manje izinyembezi zabantu zazibavalela amasango. Nalabo ababulala izingane zabo ezingenacala bebehleli ngaphandle esangweni behlulwa ukuphendula imibuzo ababuzwa Yona, lapho izingane zabo azighokile ziyagodola. Ngangena phakathi enhlalenhle ngiyobheka abomndeni wami. Nebala bevele bengilindele, ngabona Ngomama nobaba kuyibona abangihlangabezayo...ngakhala Kodwa manje nenjabulo yayikhona ngibonga ukuthi okungenani abasekhaya ngiaheshe ngabathola.....

Ngangikokhe ngivakasha ngephupho kwabomndeni ngibatshela ukuthi benze njani ukuze labo abangbulala bezothola ukujeza. Izingane zami zasala Zintandane zihlala nomamncane wazo. Kodwa manje ubengabaphethe neze Kahle😭😭...ngangizama ngithi ngikhuluma nabo Kodwa Lutho ukungizwa. Umama nobaba nogogo Kanye nokhokho. Bahlala nami phansi bengifundisa ukuth kuphilwa kanjani kulomhlaba engikuwo obizwa ngokuthi NGALE KWETHUNA 🪦... Ngabekezela kwahamba iminyaka ingani zami zihlupheka...ngafika entathakusa kwindodana Yami yokuqala ngiyitshela ukuthi komele yenze igudluke ngoba umamncane wayo uzama ukuyibulala. Owami umsebenzi enganikezwa wona ukuthi ngigade impilo yengani zami. Nangempela umoya wami wawungapheli empilweni zabantabami. Into Enhle NGALE KWETHUNA ukuthi izinto uzibona zingakenzeki futhi akwenzeki ukuthi ungaphumelel amandla asuke ekhna wonke😭😭😭😭

INDABA IYAQHUBEKA

12/05/2025

“. ⚰️🕊️☠️
🪦NGALE KWETHUNA🪦
💔😭🥺

Ekufeni kwami ukuhamba kwami emhlabeni kwafana nokushaya konyazi, bebekhala ubusuku nemini abang'thandayo, bethi kungani kwenzeke kowabo umfokazi.

Nami angazanga ukuthi kwenzekani, ngabona ngomzimba wami udindilize phansi bonke engbaziyo bekhala. Ngangazi ukuthi lidumephi ingqondo yayingasekho, ngithi ngiyazama ukubuza ukuthi kungani umzimba wami udindilize phansi? Kodwa amukho noyedwa bekafuna ukung'phendul. Ngasondela eduze nami ngithi ngifuna ukuba nesiqiniseko sokuthi kungase Kube yimi yini ngempel olele phansi. Ngabona kufika imoto ethatha izidumbu ifike ithathe umzimba wami usumboziwe bewufaka emotweni behamba nawo. Ngahamba emuva kwemoto ethwale umzimba ngifuna ukubona ukuthi bawisaphi, akuphelanga nasikhathi yafika imoto emoshwali bakhipha umzimba wami bafaka ithikithi kubhozo, lapho kulendlu engikuyona ngiyawezwa amakhaza Kodwa manje amandla ngangenawo. Into eyayingixaka ukuthi ngangihleli nabanye ozakwethu nabo bekhuluma okufanayo ukuthi abazi ukuthi kwenzakalani, igama lokufa belingekho ngoba nengqondo ibingekho isele nomzimba. Omunye owayeze ngodaba olufana nolwethu wathi kithi khululekani lesi isikhathi sokugcina umzimba wenu ungaphezu komhlaba 🥺...

Ngaqalak ukutatazela ngingakholwa ukuthi kungase kwenzeke yini ukuthi angisekho emhlabeni 🧐...Kodwa Phela ngangixakwa ukubona imizimba yabanye abantu ithathwa abomdeni babo bephuma kwisqandisi(ifliji). Eminye imizimba ibimanxebanxeba kubonakala ukuthi igwaziwe Kanti eminye Yona idutshuliwe. Abanye bona behamba belengise izintambo emqaleni. Kancani kancani ingqondo ka Moya yabuya Kodwa manje ulwazi bengenalo lokuthi kwenzekani nje ngempel.

Owami umzimba wawunamanxeba amathathu elinye ingxeba belise nhliziweni🙇...mina ngazigcina ngiphuma edolopheni ukuyofunela abantabami okuya ngase thunjini, ngase ngihlangana nabafana ababili bephethe imbese bethi angibanike konke ebengikuphethe. Omunye wabo labafana ngambona Kodwa manje akafunanga nokuthi ngimazi. Ngezwa ethi asimcishe Lo snawani useng'bonile. Emuva kwalokho ngangidindilize phansi igazi ligcwele yonke indawo lapho engilele khona. Ngasala ngimile umoya wami ngibuka into engiqalayo ukuyibon.

Ngaphuma emakhazeni ngibuyela ekhaya ngiyobuzisisa Kahle ukuthi kwenzekani. Ngathi ng'fika nje ekhaya ngibona omakhelwani nomphakathi wakithi begcwele igceke abanye bephuma abanye bengena bezoduduza izingane zami Kanye nabomdeni.
Umoya wami wawugcwele igazi kwazise Phela ukuthi ngigwaziwe kumelwe ngigezwe. Kodwa konke lokho kwakungekho emqondweni wami. Amanxeba ngangiwezwa emoyeni wami Kodwa lokho kungangishayi indiva ngoba ngangisadidekile. Umoya wami wawuhamba yonke indawo. Ngithi ngiyazama ukukhulum akekho obengiphendul. Ngagcina nami sengikhala Kodwa esami isililo besingazwakali. zahamba izinsuku umoya wami usahleli la engaphelelwa khona. Ngase ngivumile futhi ngibona ukuthi lomhlaba ngiwushiye ngempela. Bang'landa ngohlahla ngosuku lweshlanu bethi angibalandeli bamgiyisa ekhaya. Ngagibela uhlahla lolo ngihambisana nebhokisi lami. Isililo esasiqhuma egcekeni ekhaya sasingabekezeleki, kakhulu-kazi ngibona ingani zami kuyizintandane. Bafika ekhaya ntambama bengifaka endlini. Ngathi ngingena nje abantu basekhaya ekare ngabagcina nabo bakhona. Nabangani bami bakudala esagcinana nabo ezikolweni nabo bebekhona. Yayingasekho iyenzi njani ngoba ngasengiyamkelile ukuthi alwehlanga lungehlanga. Ubusuku bonke kwakuculwa befakaza ngegama lami abangaziyo. Kwasa ilanga langesabatha laqala. Abantu bahlukana abanye beya emakubo. Bengizitshela ukuthi konke sekuphelile Kanti cha usuku lwami lokubekwa kobandayo. Kwashaya isikhathi sokuthi bethathe umzimba wami bewubeke ngaphandle egcekeni, zakhuluma izikhulumi umfundisi wakhulula ukuthi mangithathwe ngiyobekwa emqamulazweni (egodini). Becula amaculo asenkonzweni ababeze emgcwabeni wami. Safika eMalibeni owami umzimba bawufaka phakathi elibeni⚰️... Umoya wami wona wasala ngaphandle wodwa kweliba wodwa. Ngaqala ngasikhihla esikanandi islilo lapho ngihlezi phezu KWETHUNA Lami....lapho abantu bonke bangishiya lapho bayahamba sekutithuna kuphela. Bathi yindlu Yami entsha. Ngithe ngingena ngomoya ethuneni ngiyobheka umzimba wami lapho kumnyamani. Ngangena phakathi elibeni ngahlala ebhokisini phezu komzimba wami lapho esikanandi ngisasikhihla. Kwaze kwafika ubuthongo bokuphumula ngabuyela phakathi emzimbeni wami ngalala ingunaphakade.

INDABA IYAQHUBEKA...
Ngicela niShare leli Page Kuma group ahlukahlukene ukuze lizokhula. Ngaphandle kwenu angiyilutho. Inkosi inibusise❤️☠️
Izinyembezi Zentandane

09/05/2025

KUNJANI NGALE KWETHUNA ADMIM?

Baningi beshona ngale , baningi besishiya,
bayahamba , bahamba bangasabuya , bahamba
ingunaphakade kepha akekho obuya azositshela
ukuthi impilo injani ngale kwethuna.

Bathi kolala izinsizwa kosala izibongo
ngalawo mazwi basho ukuthi ayolala
amaqawe .kunabantu esithi amadlozi
kodwa nabo abaveli ngisho nangephupho
basazise ukuthi injani impilo ngale .

Mina bengifisa ukuzwa ukuthi kunjani ngale
ngifisa ukwazi ukuthi mangushiya lomhlaba
ngiya ngale ngisaya komunye umhlaba yini ?
engifisa ukukwazi kuyadliwa yini ngale noma
nathi asilambi , asomi , asizeli , asilali kuhle kwaJesu?...
From inbox⚰️☠️🕊️🥺

08/05/2025

“. ⚰️🕊️☠️
🪦NGALE KWETHUNA🪦
💔😭🥺

ADVERT☠️🥺🪦

Yonke indlela idlula ethuneni🪦
Ubumnyam indlel edlul ngase thuneni
Inyama ihlukana nomphefumulo🪦
Impil ifiki shintsh ngale kwethuna 🪦

INGABE UYATHANDA UKUZWA UKUTHI KUPHILWA KANJANI EMVAKWE THUNA? YEBO!!!!!

ZILUNGISELE UKUZWA NGEMPILO NENDLELA ESISAZOY'HAMBA...HLALA NE-PAGE UBIZE NABANYE NABO BEZOZIZWELA
Izinyembezi Zentandane Zentandane Zentandaneentandane

Address

Colesberg Town
Cape Province

Telephone

+27719298593

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izinyembezi Zentandane posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izinyembezi Zentandane:

Share