Nandi Gasa

Nandi Gasa [email protected]


Imbongi-Yothando

21/11/2022

💔 Wang'dlala 💔 4

Futhi nje akaze angithande okokuqala ngiyabheda nasembhedeni asho nje okuningi ngithule ngikhale lapho bonke sebebuke mina uNonto enye intombazane engisebenza nayo iphendule ithi manje ke pho uthi senzeni thina ngalokho kona ke 🤔😳 kungani uzosho lokho manje wena okokuqala uwena obulokhu ulandelana noKholeka futhi nje uma ke uyabheda njengoba usho ubusaqhubekelani naye ngoba uthandane naye kwaze kwaphela unyaka yazibona kodwa ukuthi awuphelele wena 🤔 ekhanda nxaa awuhambe bandla siyasebenza thina la futhi lento yakho ayihlekisi nje 🤚 nakancane

Waphendula elilodwa izwi nje uDelani wathi " oh.. nawe futhi uyamkhulumela okusho ukuthi nifeba nobabili" washo ephuma ngomnyango lapho abathengi babengihleka abanye babo bengikhomba 😔 amahloni ayengishaya

Ngagcina sengingasayi emsebenzini ngoba ngicabanga indlela engihlazeke ngayo ngahlala nje ekhaya amasonto amathathu ngaze ngafonelwa umphathi esho ukuthi angibuyele emsebenzini

Ngabuyela nje yize 🥺 ngisanaleyanto yokuhlazeka kona nje emsebenzini ngizobabuka kanjani ngoba ngiyazi abanye bayangihleba manje futhi sengiyinhlekisa emsebenzini ngithi noma ngiqhamuka ngikhonjwe ngamehlo

🤚💔 Angisakuphathi ke uma nje ngike ngaphawula into ekhulunywayo kuvele nje kuthiwe angithule ke mina okokuqala nje angimazi ubaba wengane 🥺 ey ngiphoxeke ngize ngijahe nokugoduka ngiye emndenini wami

Ngisho nje ukuthi ey 😳 kodwa uDelani 💔 wangidlala 💔 ngempela ngize ngingasaboni nokuthi ubengangithandi s'dalo
Ngithe nje nges'khathi se lunch ngingenelwe icall engingayazi ngiyiphendule ngizwe ngowesfazane ethi angihlukane nendoda yakhe ngiyifunani ngithi ukhuluma ngobani manje 🤷 athi nje ngisho uDelani 💔 hlukana naye sdwedwe sentombazane 😭 awu jesu ngivele ngikhale angisakwazi nokubekezela mina manje ngisho ngenhliziyo ukuthi sengifisa nokusikhipha lesisu mina manje kodwa ngibuye ngisho ngithi cha 😔 ngeke ngisikhiphe mhlampe lomntwana owokuqala nokugcina, angis'gcine nje ngize ngitete

20/11/2022

God ngenelela umuntu akakwaz ukuzenzela intoyakhe umuntu usebulawela ukuzama kwakhe bushonephi buntu usungaze umphuce umphefumulo wakhe ngenxa yokufuna intozakhe azisebenzele kanzima Uma sikhona isihogo nkosi cela wenze okufanele siyaphela sibulwa kabuhlungu singone lutho ngenxa yemizamo yethu, sesihlezi sinovalo maxesha oke njengenyamazane, wena baba uthula uthini lawukhona sibulawa sihlinzwa sidutshula njengezilwane mawukhona Jehovah ziveze sekwane manje😥😥😥😥💔💔💔💔

20/11/2022

💔 Wang'dlala 💔 3

Umama wavele wasangana mezwa ukuthi ngiphikiwe wabe seyasho nje ukuthi kusasa nje siya ngqo kwaDeleni

Nangempela ekuseni silibangise khona kwazise phela umgqibelo uDelani akasebenzi sifice ukhona wonke umndeni wakhe mina ngihamba nomawami kanye no anti bami ababili bonke bayasangana futhi ababhenywa

Sibingelele.. 🙄 bavele basibuke phansi naphezulu lomndeni vele ke unjalo abamazi omunye umuntu baphakeme basibuze ukuthi sifunani la kusho umaka delani uMasango athi ngoba umfana wami ukubeke kwacaca ukuthi lengane oyithwele akuyona yalana 🤷manje ke nisazolandani la?

Aphendule kuqala uAnti Florence athi we mfazi ndini 🤚 awuyibambe lapho ke kancane Ake sikhulume njengabantu abadala vele izingane zethu ziyawenza amacala emvakwalokho ziwaphike indodakazi yethu la iyasho iyaphindelela ukuthi uDelani omthisile ngakho ke angisiboni 🥺 is'dingo sokuphakamisa amaphapho akho la Uma ngabe niyiphika nonke kulungile ngizonenzela into elula lomntwana mesetetile sizokwenza I DNA test ukuze sizobona ke lapho ukuthi ubani onamanga phakathi kwabo

Waphendula kuqala uDeleni wathi cha 🤚 asikho isdingo salento angani ngiyasho nje ukuthi akusiyona eyami, umawakhe wathi nje sobona ngengane ke maseyizelwe

Umama wathi Uma nje 🤔 kwatholakala iqiniso lokuthi uyakho Delena lengane uzowukhomba uMuzi onotshwala angibhenywa mina siyezwana 😳

Saqede saphuma ngesango sabuyela ekhaya umama bengithisa indlela yonke lapho sengikhala phela nami ngiyayiqala into enje evele yangehlela ngibe ngiqala ukukhulelwa

Sihambe size sifike ekhaya safika ubaba ezibukele uTV wabuza naye ukuthi sihambe kanjani umama amchazele ubaba
Ai ubaba wayesefuna ukuyakhona ngqo eyomsakaza ikhanda uDelani samkhuza esho nje ethi akafune muntu odlala ngengane yakhe ai cha akavumi

Ngakusasa ngivuke ngiye emsebenzini ngizisebenzele ngimbone efika ezo deliver amadrinks angibuke kabi aqede angihlaze phambi kwawo wonke umuntu emsebenzini athi mina ngiyamjwayela ngisanganela kuyena

19/11/2022

Umthandazo wanamuhla uthi"Nkosi makubelula laphokunzima khona😭🙇

19/11/2022

💔 Wang'dlala 💔 2

Ngiyicabange yonke 🤔 lento ebeyishiwo uDeleni ukuthi aibo 🥺 kungani engiphika manje ai ngithi ake ngifonele u sis wakhe uNontobeko ngimtshele loludaba vele uyangazi naye futhi besizwana kahle nje

Ngifone alubambe ucingo lakhe ngibingelele nje kube kuhle ngisho ukumchazela yonke into mayeee!👏 Naye futhi wavele wangidilika umntanomuntu 😳 engithuka ethi ngingazidakelwa umfowabo angani ushilo ukuthi akusiyo eyakhe ingane manje ke pho 🤷 ucabanga ukuthi mawubikela mina kuzoshintshani sdwedwe sentombazane awuhlukane nathi

Esho evala ucingo lakhe zange asanginika nethutshana nje elincane 🤏 lokuthi ngichaze ngendlela ngoba ngiyazi ukuthi uDelena ukhulume amanga wodwa

Ngibayeke kanjalo 🙄 ngiqhubeke nokumitha kwami lapho i stress singibambeni Jesu 😳 ngisaba nokubikela abazali bami, lapho nje kusasa umama uyeza ekhaya futhi ngiyazi nje ukuthi umama uzongibona ukuthi ai 🙄 cha sekubhedile kumina

Ekuseni ngiye emtholampilo ngiyoxokuza emvakwalokho ngibuyele ekhaya ngafika umama sebuyile eThekwini ngimjabulele nje lonto engatheni phela ngiyasaba manje 🥺 futhi novalo luyangishaya

Athi umama ngiphumaphi kona emsebenzini awuyanga ngani? Ngithi cha 😔 mama bengisemtholampilo angimnandi ngibanjwe umkhuhlane weee jesu 😱 avele athi umama unamanga Kholeka wena uzithwele ngikubonile nje usaqhamuka ungangenzi nje upopayi mina
Ngithi aibo mama ayikho lonto mina anginalutho, athi cha ndodakazi yami ukuthi unefiga akusho ukuthi angiboni yebo asikoveli isisu kodwa mina ngiyazi engathi uyakhohlwa ukuthi mina ngiyaboniswa njalo

Aqede athi ubani ubaba wengane ai 🙄 zivele zehle izinyembezi 😭 ngiyasaba ukumtshela lonke iqiniso umama ngoba ngiyamazi uzofuna kuyiwe Kwa Delena, ngithi ngiyamziba umama angibuze athi ufuna iqiniso

Ngithi mama cela siyiyeke lento engezwa mshini umama lapho seyathetha uphakamisa nezwi manje endlini ngigcine sengilikhiphe lonke iqiniso 😭

18/11/2022

🌹 wang'dlala 💔 1

Igama ngingu Kholeka Jula ngihlala nabazali Bami kanye nezingane zakithi ezimbili uSphe no Thuli imina omdala ekhaya 😊 umama wami uyasebenza eThekwini usebenza emakhishini ubuya makuphela inyanga, ubaba yena usebenza ka beer sihlala naye iskhathi esiningi, mina ngisebenza estolo ngiku cashier epar, indawo yangakithi isegamalakhe

Nganginesoka ekwakuthiwa uDeleni waseShabeni ngokuhlala ukuthandana kwethu sabonana emsebenzini yena wayesebenza Kwa Coke uthando lwethu laluluhle nje lusaqala lushisa bhe 🔥

Sajola nje eside iskhathi mina naye kwaze kwafika iskhathi sokuthi sibendawonye ngavele ngamitha 💔 ngimfonele ngoba ngifuna ukumtshela ukuthi sekubhedile ngikhulelwe mina Bengivele ngingenayo ingane athi kumina ngingazimsanganela akuyona eyakhe ingane 😥 ngibuze ukuthi 🤔 kanjani 🤷 ngoba uwena wedwa isoka enginalo nje kulomhlaba futhi wangithola ngingathandani namuntu

Aphendule athi angimyeke ngescefe angihambe ngiyofuna ubaba wengane ngiyeke yena ngescefe ubhizi kabi yena akanaso iskhathi semisangano

🥺 Ai ngimyeke ngivale ucingo Lami ngizilalele lapho izinyembezi ziyehla ngiyacabanga nje ukuthi 🤷 engabe ngizobachazelani abazali bami njengoba lomfana ephika ingane

Isaqhubeka

18/11/2022

- Engathi ungaphasa ❤

Ngisho wena ofunda la🥺🤝🏻🕯🔥🔥

18/11/2022

Mntanamii 🥺

Mntanamii thula ungakhalii unkulunkulu uyazii uhlelen ngalempilo esiyphilayo 🥺 silapha nje namhlanje ingba ubaba wakho wakuphika usaseswinii 😭mntanamii ubaba wakho wabona abancono abahamba ngezimoto zikanokusho😓🥺

Wabona abanafiga wahamba nabo wakhohlwa yithina 😭njalo mesbona usbuka ngath akasazii..thula mntanamii ungakhalii unkulunkulu uyazii ukuth uhlosen ngathii 😭noma singalala singadlile vele asfunwa umuntu sijikelwe nawmnden bathi

Ngyathakatha bengsukela esizwen sangakith angsafunwa ngba bangsola ngokthakatha bathi yimii engiqeda izwe..namhlanje silala engwaqenii..sigqoka ezidabukile izimpahla abangazii ngosizi lwethu bahlezii bethi syahlanya🥺😭kant abanalwazii ngempilo yethu

Funda mntanamii ungabi nandaba nokuth bathin ngawe eskolen wena nje funda uphumelele ustakule kulolusizi esikulo usikhiphe kulenhlupheko eslele kuyo mina kuwe kuningi engiklindile..nglinde iphoyisa isosha udokotela ummeli uhlengikazii 🥺😭

>•°Imbongi encane❤🥺👑😊

18/11/2022

❤️❤️❤️

18/11/2022

WAWUNGENJENA STHANDW SAMI 💔😭

Wena ubungenjena sthandw Sam😭💔
Uthando nenjabulo yayibuzwa kuwena😭💔
Amancoko nenhliziyo ebushelelezi ngiyifunde kuwena💔😭
Mina sengikhulum ngamagama amnandi ateketisa inhliziyo yam🥺💔
Ebephuma kwezakho izindebe🥺💔

Kdwa namhlanj usungiphendukele💔😭
Usuphuze wadela kwesami isiziba sothando💔😭
maqendane wafulathela konk lokhu okuhl kangaka ebesikwakhile🥺💔
WAWUNGENJENA STHANDW SAMI🥺💔
Eyami inhliziyo ubuyiphethe kuhle kweqanda🥺💔
Kdwa namhlanj ungiphose phansi ngalima😭💔

Ohhh Ehh wena ubungenjena sibani sami sokukhanya😭💔
Kant kush*tshe kuph ngob namhlanj
usungiphendukel ngath asikaze sabonana nangamehlo🥺💔
Usuhamb lukeke njengenkalankala🦀 uma ungibona😭💔
Kant kwenzekani ngawe sthandw Sam ngish ngoba WAWUNGENJENA 😭💔

18/11/2022

.🥺🫀.

I will stop loving
you when Mr.Bean
changes his car.
🚗I will stop
loving
you when Phines
and Ferb finally go
to school🏫. I will
stop loving you
when Mash grows
up👧☝️🚶‍♀️. I wil
stop
loving you when
there is no water🌊
left in the ocean.
I will stop loving
you when Tom
finally catches
Jerry. 🥺🫀🫂🥺

So what I,m trying to say is that I will never stop loving you

17/11/2022

Inhlupheko iyophela mhla wasebenza❤️not ngokulala namadoda anemali🥺💔

15/11/2022

Yeka laph' imvelo isathobeka mayibhekana nathi
Imsebe yelanga isakhazimula lapho eqondane nathi.
Singukuphilala komunye nakomunye
Olweth'uthando lusavutha amalangabi
Lungenasqalo nasphetho uqhekeko nenxabano sisakubukela kude.
Siqhakambisa uzwano nobumbano
Simaphupho manye.
Oh yeka okwaqeda uthando lwethu.
Baqinisile mabethi okungapheli kuyahlola.
Umuntu obeligugu kimi namhlanje sesaphenduka inja nekati.
Zolo lokhu besingenakuhlukaniswa
Unguthanda nguthanda sinanelana ngezethu izifiso.
Angibalisi kepha ngithi kulungile.
Engathi lonaye engakuthanda akunakekele
Akuhloniphe akuthobele
Ngoba mina kusobala ngehlulekile

15/11/2022

Uyeh boka mngan wakho kunomcimbi uthi uyambiza a Roundise umunwe😭💔

Address

Durban Harbour

Telephone

+27725501640

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nandi Gasa posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nandi Gasa:

Share