17/04/2026
I-Black Mamba (Dendroaspis
E Afrika inyoka esatshwa kunazo zonke yi Black Mamba.Noma ngabe umnumzane uyasatshwa kwakho meke wavela nje ima bonwa bulawe ubaleka ube mfushane. Le nyoka iyona ende kunazo zonke ekwezinobuthi e-Afrika, futhi ingakhula ifinyelele phakathi kuka-2.5m kuya-4.5m .lokho kusho ukuthi ubude bayo bungaphezulu komuntu okhulile njengoba umuntu evame ukuba ngango 3mitre. nakuba ubude obujwayelekile buba cishe ngu-2m. Ingenye yezinyoka ezishesha kakhulu futhi ingahamba ngesivinini esingaphezu kuka-20km ngehora okusho ukuthi u 98 pecernt wabantu abaphilayo ngeke bayishiye mebenikwe u dede. Ivame ukuzingela emini.
I-Black Mambale ivameuku tholakala eNyakatho Ntshonalanga (North West), eLimpopo, eMpumalanga naseNyakatho KwaZulu-Natal eNingizimu Afrika. Ayitholakali ezindaweni eziyizihlabathi (desert) futhi itholakala ogwini kuphela kuze kufike cishe ePort St. Johns. Ivame ukuhlala phansi otshanini nasezihlahleni ezincane, kodwa iyashesha futhi iyakwazi nokukhwela izihlahla.
I-Black Mamba ivamise ukuba nombala oluhlaza okotshani okhanyayo kuya kumnyama onsundu, futhi inekhanda elifana nesimo sebhokisi lomngcwabo (coffin-shaped). Igama layo livela kumbala omnyama ongaphakathi emlonyeni wayo. Inamazinyo (fangs) aqinile anembobo, futhi ikhipha ubuthi obusheshayo (neurotoxins) obukhubaza umzimba. Ikhipha ubuthi obunamandla kakhulu, futhi umuntu angashona kungakapheli imizuzu engu-20 uma iluma futhi ubuthi bungena emthanjeni omkhulu wegazi.
Uma umuntu elunywe i-mamba, shayela usizo ngokushesha futhi zama ukuthola i-helicopter ukuze kuthuthwe isiguli uma kusekude nezibhedlela. Faka ibhandishi lokucindezela (pressure bandage) bese uthutha isiguli uye esibhedlela ngokushesha okukhulu. Abantu abaningi bayasinda uma belunywe i-Black Mamba — okubaluleke kakhulu ukuhlala uzolile.
dankooo