Ezihambe phambili izolo

Ezihambe phambili izolo It all about jokes

06/11/2022

I-Orlando Pirates ingompetha be MTN8.

Ezikamagebhula zingompetha be MTN8 ngemumva kokushaya Amazulu fc ngegoli elilodwa eqandeni, igoli lezimnyama lishawe ngu Monnapule Saleng ngesiwombe sokuqala.

Abalandeli be Orlando Pirates baneme bayagigitheka bathi abashayanga Usuthu kodwa bashaye umbimbi, obelukhandwe IChiefs ne Sundowns.

"Bathi sebefuna ukuyodlala i UEFA champions league ngoba abasenantanga la" kusho bona

03/11/2022

Isimutshengise i-Gate uJohn 'Vuligate' Maduka iMaritzburg United.

IMaritzburg United isikhombe indlela umqeqeshi uJohn Maduka ngemumva kokuthi iqembu lilokhu liqhubeka nokungadlali kahle kweye Dstv premiership. Uxoshwe nalo lonke ithimba lakhe labaqeqeshi.

Lokhu kuza ngemumva kokuthi neSikhukhune United sihlukane nomqeqeshi uKaitano Tembo, njengoba nalo liqembu liyibambe emsileni ku dstv premiership.

IMaritzburg United ingahle imemezele owayengumqeqeshi we Orlando Pirates uFadlu Davids njengomqeqeshi omusha.

29/04/2022

Kuthiwa qalani phansi ni Applayele oR350. Kuthiwa ungapheli u-April ungasifakile isicelo ukuze uzokwa ukutho eka April.

Kwaze kwaphela lenyanga ngeke uyidobhe eka April. Phuthuma ke boo.

21/04/2022

IKaizer Chiefs edume ngokuthi 'Amakhosi' isithe Gede kumqeqeshi wayo.

Amakhosi okuthiwa mahle athe Gede ku Stuart Baxter, akahambe khona namuhla ngoba uyabadlisa, futhi ubadlalisa ibhola lombozo" kusho Amakhosi ngokucasuka.
Uxoshiwe

14/04/2022

Sebengu 306 Asebendlule emhlabeni ngenxa yezikhukhula KwaZulu-Natal.

💔

12/04/2022

Izimvula ebezihambisana nezikhukhula zimoshile kakhulu eKZN.

Kusenjalo u-Stage 2 we Loadshedding uqalile khona namuhla.
Nizogodola ebumnyameni. Nezinkuni zimanzi

Ubesathi Ubaba wekhaya ucela ukukhuluma nani mange ngo 20h00. Fellow South African...
22/03/2022

Ubesathi Ubaba wekhaya ucela ukukhuluma nani mange ngo 20h00.

Fellow South African...

17/11/2021

I Loadshedding ishaya ibuya namuhla ngo 14h00 kuze kube umgqibelo. Kuthiwa uyesindwa

Owayengumengameli wakuleli usedlulile emhlabeni.Owayengumengameli wakuleli ngesikhathi sobandlululo uFW De Klerk kasekho...
11/11/2021

Owayengumengameli wakuleli usedlulile emhlabeni.

Owayengumengameli wakuleli ngesikhathi sobandlululo uFW De Klerk kasekho emhlabeni ngemumva kokhushikashikwa umdlavuza isikhathi eside.

U-de Klerk wayehola iqembu iNational party eyahlukumeza kakhulu abantu abamnyama kuleli. Uhole leliqembu kusukela ngo 1989-1994, nokwathi uma kungena UHulumeni wentando yeningi ngo 1994 waphinde waba isekela Mongameli kwaze kwaba unyaka ka 1996.

Cha! Kumfoka de Klerk ziwushayile impela usedabule amafu, nenhlangano i-FW de Klerk foundation iziqinisekisile lezindaba.

05/11/2021

"I love you as a Friend" yiyo lento eyenziwe umphakathi kwi EFF.

Ngekathi Indluvu🐘 ixosha abantu EKZN.
03/11/2021

Ngekathi Indluvu🐘 ixosha abantu EKZN.

Ikumkane yabathembu uBuyelekhaya Dalindjebo usejoyine izitoyitoyi.Inkosi yabathembu ike yamangaza abaningi eminyakeni ey...
25/10/2021

Ikumkane yabathembu uBuyelekhaya Dalindjebo usejoyine izitoyitoyi.

Inkosi yabathembu ike yamangaza abaningi eminyakeni eyendlule ithatha ngokusemthethweni ubulungu beqembu iDA.

Kulonyaka ke isivele yashaya ungqimphothwe yash*tsha yonke lento, Yathi gede indaba ye DA yajoyina iqembu lika Julius Malema i-EFF.

UDalindjebo ekhuluma komunye umkhakaso we EFF unxenxe isizwe sabathembu ukuba sivotele izitoyitoyi (EFF) kulokhetho lohumeni bezindawo oluzayo.

Address

Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ezihambe phambili izolo posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share