Sakha Isizwe Fm-Backup

Call Website

Sakha Isizwe Fm-Backup sgubhu & accapellas

06/10/2026
03/10/2026

🌸 AKE SIBAZI KANGCONO OWEZAMABHIZINISI WAKITHI! 🌸

UNomthandazo Myeza β€” intokazi esencane yase Mandawe, Scottburgh, engu CEO noDirector we-Intombiyomkhuleko’s Events & Management. πŸ‘πŸ½β€οΈ

UNomthandazo ungusomabhizinisi osebenza nge:
✨ Catering
✨ Decor
✨ Amakhekhe atholakala nsuku zonke
✨ Ice cream etholakala nsuku zonke
✨ Women Empowerment Events
✨ Business Seminars zabasomabhizinisi abasakhula

Inhloso yakhe enkulu wukwakha ubumbano, ukukhuthazana nokuthuthukisa amabhizinisi emphakathini, ikakhulukazi ekufukeni nasekuxhaseni abesifazane kanye nosomabhizinisi abasafufusa. πŸ’ͺπŸ½πŸ‘©πŸ½β€πŸ’Ό

πŸ“’ KULOKHU OKUKHULU OKUZAYO!

U-Intombiyomkhuleko’s Events & Management uzobe ephethe EVENT ENKULU YOSOMABHIZINISI ezoba se:

πŸ“ The Cutty Sark Hotel, Scottburgh
πŸ“… 24 October 2026

Uma ungusomabhizinisi, usaqala ibhizinisi, ufuna ukukhulisa ibhizinisi lakho noma ufuna ukuhlangana nabanye osomabhizinisi β€” lo mcimbi ungowakho! πŸ€πŸ½πŸ“ˆ

🎟️ THENGA ITHIKITHI LAKHO MANJE!

Masimsekele uNomthandazo ekukhuliseni amabhizinisi ethu nasekwakheni amathuba emphakathini wethu. ❀️

Support local. Support women. Support small businesses. πŸ‡ΏπŸ‡¦βœ¨

02/10/2026

Sakha iSizwe FM Ngilimele angipholi

Ingane yami yangena esikoleni iphephile, kodwa yabuya ishonile, igwazwe enye ingane phambi kwabanye abafundi. Kusukela ngalolo suku, ubuhlungu bukhulu kangangokuba ngizwa sengathi ingqondo yami ayisasebenzi. πŸ’”

Okungilimaza kakhulu ukuthi manje kuthiwa icala selihoxisiwe ngenxa yokungabikho kobufakazi. Kodwa ingane yami yagwazwa phambi kwabantu. Ingane yami ayisakwazi ukuzikhulumela β€” mina ngiyizwi layo. Ngicela ningisize ngithole iqiniso nobulungiswa. πŸ™πŸ½

30/09/2026
23/09/2026

🚨 ESIVUKA NAZO | IZINDABA EZIPHUTHUMAYO 🚨

ABANGU-14 BADUTSHULWE KWAMAKHUTHA, KUBIKWA ABANGU-11 ASEBESHONILE

Kubikwa ukuthi abantu abangu-14 badutshulwe ngesikhathi kuhlaselwa umuzi endaweni yaseZiko, KwaMakhutha, eThekwini. Okungenani abangu-11 kubikwa ukuthi bashonile.

Bonke abebehilelekile kulesi sigameko, okuhlanganisa nowesifazane okhulelwe, kuthiwa bebehleli ndawonye emzini othile ngaphambi kuka-11 ebusuku ngesikhathi kufika amadoda ahlomile, angena endlini avulela ngenhlamvu.

Amaphoyisa KwaMakhutha SAPS kanye ne-eThekwini District Tracing Team kuthiwa asevele esendaweni yesigameko.

Ngenxa yobucayi besigameko kanye nesidingo sokuthungatha nokubamba abasolwa, kulindeleke ukuthi lolu daba ludluliselwe ophikweni lwesifundazwe (Provincial Unit) ekuseni.

🚨 Esuvuka Nazo sizoqhubeka nokulandela lolu daba njengoba kutholakala eminye imininingwane eqinisekisiwe.

09/09/2026

πŸŽ™οΈ KUSASA Sobe SINE SIVAKASHI SETHU! πŸ”₯

Siyajabula ukumema uSphelele Shinga wakwaMakhutha, ongomunye wabantu abaqhuba ama-march nemikhankaso yomphakathi. πŸ—£οΈβœŠπŸΎ
Sizoxoxa naye ngezindaba ezithinta umphakathi, ama-march, izinselelo ezibhekene nabantu bakwaMakhutha kanye nokuthi umphakathi ungahlangana kanjani ukuze uthole izisombululo.

πŸ“» SHOW: Morning LIFT
⏰ TIME: 07H00 – 09H00
πŸŽ™οΈ GUEST: Sphelele Shinga – kwaMakhutha
πŸ“‘ ON: Sakha Isizwe FM

Ungaphuthelwa! πŸ”₯
πŸ‘‰ Izwi Lomphakathi, Ukwakha Isizwe. πŸ‡ΏπŸ‡¦

08/09/2026

πŸŽ™οΈπŸ”₯ UNGAPHUTHELWA KUSASA! πŸ”₯πŸŽ™οΈ

Kusasa ku-Sakha Isizwe FM sizoba ne-interview ekhethekile no Menzi Manqele, i-ANC candidate yase Ward 109, eLovu.

πŸ—£οΈ Sizoxoxa ngezindaba ezithinta umphakathi waseWard 109, izinselelo ezibhekene nabantu kanye nezinhlelo zakhe zokusebenzela umphakathi.

πŸ“» Sakha Isizwe FM
πŸ•‘ 14h00
πŸŽ™οΈ Phola Kanye Nathi!

πŸ“Œ Ungaphuthelwa! Lalela, ubambe iqhaza, uzizwele mathupha.



Shiya I voice note ku whattup +27 67 691 0038

Address

Ermelo
4126

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Sakha Isizwe Fm-Backup posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share

Category