23/09/2023
Indaba isuke emavikini amabili Uma uNks Nicole Sithole osesithombeni beyodla ukudla endaweni ese Thekwini e Glenwood, eyaziwa ngokuthi i Moment Of Magic, House of Fish and Croc Meat. Uthi Nicole Sithole bengazi ukuthi kuyiqiniso ukuthi Inyama Yengwenya iyaluqeda ngampela idliso. Uthi naye wamudlisa umyeni wakhe emnyakeni eyiShumi eyedlule, ngoba wayehlupha ngokuqonywa izingane ezincane Kanti babesanda kushada no mnumzane u Sithole. Uthi uyazisola ngokumyisa kulendawo umyeni wakhe, kodwa uthi yize kunjalo, ngeke abadlele umona abanikazi balendawo, bayayazi into yabo, imnandi Inyama Yengwenya yakhona, banendlela ethile abayenza ngayo. Uthi angabaxwayisa abantu ukuthi bangaziyisi izithandwa zabo kulendawo makungukuthi khona abakwenza kuzoba.
Ezimnandi ezokuthi, yize umyeni wakhe wamshaya wacishe wamubulala emvakokuzwa ukuqhuzuka kwedliso, kodwa noko sebezilungisile izinto nomnumzane Sithole, futhi umshado wabo uyasimama.
Futhi sophinde sibuyele e Moment Of Magic maduzane nje mangiphola, umyeni wami 😜 uthi uyangibonga ngokuthi ngimuyise khona, wayithanda Inyama yakhona.