
22/01/2025
Kunzima emgwaqeni emikhulu yasemakhaya uma ngabe kunezimvula akuhambeki. Lapha kuse Montobellow ku Word 09. Okubi kakhulu kulomgwaqo ,kunesibhedlela khona e Montobellow. Kubikwa ukuthi uma ngabe linetha izulu kubanzima ukuthola izimoto uma ngabe kunendlela ephuthumayo. Khumbula ukuthi lesibhedlela kumele sisize izinkumbi zabantu ,eziqhamuka e Pietermaritzburg,Ndwedwe, Dulton, Swayimane ,KwamaPhumulo , Apples Boch nakwezinye izindawo. Okunye esingakubalula ngalomgwaqo kunentaba I Nhlangakazi esetshenziswa kakhulu Amanazaretha njengoba kungu January nje.Kanti kunane Boarding school,kanye nesonto lama Roma.