Ngeney'ntwen Media

Ngeney'ntwen Media Ngeney'ntwen media was founded in 2011 as media production house. We manage project and artists. Ngeney'ntwen also does media communication and marketing.

It's an in-house newspaper and magazine. We also specialised in consultation.

uShivambu 'odiliziwe' ushiye angalazi ngamaqembu akuleli πŸ‡ΏπŸ‡¦
19/06/2025

uShivambu 'odiliziwe' ushiye angalazi ngamaqembu akuleli πŸ‡ΏπŸ‡¦

Udedele amabhomu obenguNobhala woMkhonto Wesizwe Party (MKP) UFloyd Shivambu esithangamini sabesindaba eGoli ngoLwesine. Udalule ukuthi eqenjini le MK kunamalunga adla izidakamizwa bese ethuka abantu kuTwitter ebusuku. Kuzokhumbuleka ukuthi kunesigameko esike saba sezindabeni lapho uDuduzile Zuma at...

Umshayisibhakela waseDundee ungqimuze umpetha ngeKO πŸ‡ΏπŸ‡¦
19/06/2025

Umshayisibhakela waseDundee ungqimuze umpetha ngeKO πŸ‡ΏπŸ‡¦

Jerome Thabethe Ugqugquzela ukubekezela kulabo abafisa ukuzibona bephumelela njengaye umpetha womshayi sibhakela esigabeni ifeather weight uLindelani Sibisi (25). USibisi uqophe umlando ngokwehlula imbangi yakhe ngeKO ngomzuliswano weshumi. Ugqimuze uZolisa Batyi waseMdansane wase-Eastern Cape obeng...

Kuthunjwe kwadlwengulwa kwabulawa umfundi eNanda πŸ‡ΏπŸ‡¦
19/06/2025

Kuthunjwe kwadlwengulwa kwabulawa umfundi eNanda πŸ‡ΏπŸ‡¦

Ushone esebabhalile phansi amagama abesilisa abamdlwengulile umfundi waseMakhapha Secondary School. Umgilwa u-Athabile Khanyi (17) waseMaphephetheni, eNanda, obefunda ugrade 11. Kuthiwa uvelelwe umshophi wokuhlangana negenge esebenza ematekisini yamgxisha izidakamizwa yamthumba yamdlwengula ishintsh...

Kubhadanywe indoda nama-AK47 nezinhlamvu KwaMakhutha πŸ‡ΏπŸ‡¦
18/06/2025

Kubhadanywe indoda nama-AK47 nezinhlamvu KwaMakhutha πŸ‡ΏπŸ‡¦

Bahle Mkhize Kubhadanywe kwaboshwa indoda eneminyaka engu-49 ubudala KwaMakhutha, eningizimu yeTheku nama-AK47. Kutholwe nezibhamu ezincane nezinhlamvu. Lo wesilisa uboshwe ithimba le-Economic Infrastructure Task Team (EITT) ngoLwesibili ebusuku. ISAPS ngokubambisana namaphoyisa kaMasipala weTheku a...

ISundowns iqhwakele phezulu kwiFifa Club World CupπŸ‡ΏπŸ‡¦
18/06/2025

ISundowns iqhwakele phezulu kwiFifa Club World CupπŸ‡ΏπŸ‡¦

IMamelodi Sundowns iqhwakele kuGroup F ngemuva kokuthi iBorussia Dortmund neFluminense bedlale ngokulingana ngo 0-0 ngoLwesibili ebusuku. Lokhu kuza emuva kokuthi iSundowns iguqise i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo 1-0 kwiFifa Club World Cup ka-2025 ngoLwesithathu ekuseni. Umqeqeshi weMamelodi Sundowns...

Kuyodela umakhasa inkosi impela, intaka ibekelwe amazolo eMzumbe. Wena waw'ngenzenjani izinto zila? Okwasey'ntwen makubu...
18/06/2025

Kuyodela umakhasa inkosi impela, intaka ibekelwe amazolo eMzumbe. Wena waw'ngenzenjani izinto zila? Okwasey'ntwen makubuyele ey'ntwen Webabeh...🎸🎢🎹

Babongele USelby ukuphuma kuKhozi FM esaphila πŸ‡ΏπŸ‡¦
18/06/2025

Babongele USelby ukuphuma kuKhozi FM esaphila πŸ‡ΏπŸ‡¦

Philasande Luthuli Babongele USelby β€œSelbyonve” Mkhize ngokuphuma kwisikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM esaphila. Kuzokhumbuleka ukuthi kulo msakazo kuvame ukuba nezigameko zokushona kwabasakazi. NgoLwesibili kulalwe kuphungwa amatiye ngendaba kaMkhize okuvele ukuthi uyashiya kulo msakazo ases...

Kusolwa itulo ekubulaleni uR Kelly ophuthunyiswe esibhedlela kukubi πŸ‡ΏπŸ‡¦
18/06/2025

Kusolwa itulo ekubulaleni uR Kelly ophuthunyiswe esibhedlela kukubi πŸ‡ΏπŸ‡¦

Uphuthunyiswe esibhedlela kukubi umculi odonsayo ejele, u-R Kelly emuva kokudla amaphilisi awanikwe abasebenzi basejele. Lesi silomo sodumo lwengoma esihloko sithi I believe I can fly siboshwe, eCarolina Prison. Abameli bakhe batshele abezindaba ukuthi labasebenzi bebephezu kwetulo lokuzama ukubulal...

Ugqugquzelwe ubuhle nokudala amatoho oweVirginia Beauty Parlour πŸ‡ΏπŸ‡¦
17/06/2025

Ugqugquzelwe ubuhle nokudala amatoho oweVirginia Beauty Parlour πŸ‡ΏπŸ‡¦

Liyah Mseleku Iphethe istayela, inhlanzeko nokunakekelwa okuseqophelweni eliphezulu indawo yokuzicwala iVirginia Beauty Parlour. Umphathi wale ndawo uNksz Wendy Dlamini uthi ugqugquzelwe ukuthanda ukuhlale ebukeka emuhle nokudala amathuba emisebenzini. Okodonsa amehlo ngayo wukuthi isenkabeni yedolo...

Sesinyukele kwabangu-12 abantu abafe engozini enyantisayo yebhasi neloli eVryheid. Ngesikhathi sishicilela bekusaqinisek...
17/06/2025

Sesinyukele kwabangu-12 abantu abafe engozini enyantisayo yebhasi neloli eVryheid. Ngesikhathi sishicilela bekusaqinisekiswe abangu-10πŸ‡ΏπŸ‡¦

Sihle Mkhize Kushone abagibeli abayishumi kushayisana mahlanze ibhasi neloli NgoLwesibili ebusuku emgaqweni uR34 KwaZulu-Natal, Vryheid. Leli bhasi kubikwa ukuthi belithwele abalandeli beqembu thizeni njengoba bekubuywa kwimibhiyozo yokugubha usuku lwentsha. Ngaphandle kwabayishumi abashonile kunaba...

Imigubho kaJune 16 ezweni lentsha engomahlalela πŸ‡ΏπŸ‡¦
16/06/2025

Imigubho kaJune 16 ezweni lentsha engomahlalela πŸ‡ΏπŸ‡¦

Umgubho wokukhumbula usuku lwentsha kuzwelonke uzobanjelwa ePotchefstroom, eNorth West. Kulindeleke ukuthi usekela mongameli uMnuz Paul Mashatile azokwethula khona inkulumo yosuku. Ithulwa uMashatile nje yingoba uMengameli Cyril Ramaphosa umenywe eCanada engqungqutheleni iG7 Leaders Summit, yabaholi...

Kuphume isidumbu kwalimala namaphoyisa KwaMaphumulo πŸ‡ΏπŸ‡¦
16/06/2025

Kuphume isidumbu kwalimala namaphoyisa KwaMaphumulo πŸ‡ΏπŸ‡¦

Liyah Mseleku Ibhekane ngeziqu zamehlo kwasala umsolwa enkundleni amaphoyisa amabili alimala KwaZulu-Natal, KwaMaphumulo, ngoMsombuluko ntathakusa. Amaphoyisa abelokhu elandele umkhondo womsolwa obefunelwa amacala okuqhumisa izimoto zemali. Kulesi sigameko bekungathi kudlala ifilimu ubona ngomlilo e...

Address

Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ngeney'ntwen Media posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ngeney'ntwen Media:

Share