29/12/2025
Umbiko: Abashayeli bezimoto bangase bamoyizele bodwa ngoJanuary.
Kulindeleke ukuba zombili izinhlobo ikaphethiloli zehle phakathi kwamasenti angu-49 nangu-54 ilitha.
Udizili wona kulindeleke ukuba wehle phakathi kuka-R1.26 no-R1.38 ilitha kanti uphalafini wona wehle ngo-R1.00 ilitha.
UMnyango wezokuMbiwa Phansi kulindeleke ukuba umemezele amanani kaphethiloli amasha maduze.