Inkezo ka Zulu

Inkezo ka Zulu Inkezo KaZulu ikuthulela izindaba ngolimi lwesiZulu njengoba zinjalo. Asichemi futhi asivuni muntu.

Mene mene tekel upharsin kusho uGeneral Mkhwanazi eqeda ubukhosi bemigulukudu ebisidlobile eGoli naseMzansi jikelele.
19/11/2025

Mene mene tekel upharsin kusho uGeneral Mkhwanazi eqeda ubukhosi bemigulukudu ebisidlobile eGoli naseMzansi jikelele.

19/11/2025

Abantu bakithi bafuna imsebenzi kodwa ongxiwankulu baziqashela obokufika ngoba babaholela amakinati bese benza inzuzo enkulu bona. Kusekude phambili muntu ompisholo.

Ingabe kwakuyizwe elinjani leli ikwamachagcwa nje kwampunzi edla emini awubheke izinkumbi ezingakanani zikulelizwe ngoku...
19/11/2025

Ingabe kwakuyizwe elinjani leli ikwamachagcwa nje kwampunzi edla emini awubheke izinkumbi ezingakanani zikulelizwe ngokungemthetho kungezona zodwa zigcwele yonke indawo .
Uma amaphoyisa ethola abantu abangaka endaweni eyodwa shuthi kunjani kwezinye izindawo zezwe ngoba nje lapha iJMPD, neSAPS kanye namaphoyisa abokufika babophe abesifazane abangu-217 namadoda angaphezu kuka-400 bonke bakulelizwe ngokungemthetho, lesgameko senzeke eMayfair namhlanje ekuseni.
Ungafunga ukuthi kubanjwe imbizo.

19/11/2025

Yabona ezazalwa zimbethe futhi ingubo yazo ayitshontshwanga abahlengikazi njengobani nje ongaphiwa izimoto mahhala hha engakhiphi ngisho utiki. IChunu lihamba ngemoto yakwaJAC elaphiwa yona nakhu manje inkosi yakwaZondi ilithengela iFortuna.

19/11/2025

Inkosi yesizwe sakwaZondi eNadi ukhuluma ngendaba yabokufika.

Yabona laphayana kwiKhomishane kaMadlanga uyayekwa nje utshakadule wena owabona ithole, nawe uzibone futhi ukuthi cha la...
18/11/2025

Yabona laphayana kwiKhomishane kaMadlanga uyayekwa nje utshakadule wena owabona ithole, nawe uzibone futhi ukuthi cha lana ngihamba nabo impela. Kuthi kusenjalo kuqale imbuzo ehamba nobufakazi wena ongakushongo noma okuphambanisile ngoba phela busenga ezimithiyo, laphoke kuqala kancane kancane kuthombe okhiye uphuma ungafisi ukubuya ngakusasa.

UDkl Wenzwabethi Mary De Haas  ushiye abantu nemibuzo eminingi abanye bathi azathi mzala, babodwa abathi kazi wazithola ...
18/11/2025

UDkl Wenzwabethi Mary De Haas ushiye abantu nemibuzo eminingi abanye bathi azathi mzala, babodwa abathi kazi wazithola kanjani iziqu zobuDokotela kodwa abanye bathi ubhibhi omdala bewadida umqondo abalungu ePhalamende .

Uthi uBrown Mogotsi  kade bazana uBheki Cele noJohn Wick waseMamelodi okuwu Cat Matlala.
18/11/2025

Uthi uBrown Mogotsi kade bazana uBheki Cele noJohn Wick waseMamelodi okuwu Cat Matlala.

Uthi uBrown Mogotsi  izingede zakhe zamtshela ukuthi uGenene Mkhwanazi  neSilo uMisuzulu  baqashwe iCIA okuwuphiko lobun...
18/11/2025

Uthi uBrown Mogotsi izingede zakhe zamtshela ukuthi uGenene Mkhwanazi neSilo uMisuzulu baqashwe iCIA okuwuphiko lobunhloli lwaseMelika.

Woooh kuwena owaqashwa uMkhwanazi  Ekurhuleni lingase lichitheke iphalishi lezingane zakho. IMeya yase-Ekurhuleni uDkl X...
18/11/2025

Woooh kuwena owaqashwa uMkhwanazi Ekurhuleni lingase lichitheke iphalishi lezingane zakho. IMeya yase-Ekurhuleni uDkl Xhakaza ithi kumele kubuyekezwe ukuqashwa kwamaphoyisa omkhandlu wase-Ekurhuleni.

Mary De  Haas uzovela ekomidini lasePhalamende ukuzoziphendulela emva kokusolwa oGenene bamaphoyisa okungu Genene Mkhwan...
18/11/2025

Mary De Haas uzovela ekomidini lasePhalamende ukuzoziphendulela emva kokusolwa oGenene bamaphoyisa okungu Genene Mkhwanazi no Genene Masemola ngokuba nesandla ekuhlakazweni kwethimba eliphenya ngokubulawa kosopolitiki (PKTT) esifundazweni saKwaZulu-Natal .

Umfoka Khathi ungamphikela ukuthi useyohlanganisa ama50 emnyaka ngoba ebukeka eyibhungu elisha. Kuleminyaka kugcwele izi...
18/11/2025

Umfoka Khathi ungamphikela ukuthi useyohlanganisa ama50 emnyaka ngoba ebukeka eyibhungu elisha. Kuleminyaka kugcwele izifo eziningi eziyingozi esikashukela kanye nesokukhuluphala ngokweqile eziholelana kwagoqanyawo, lensizwake mele isicobelele ukuthi sonke singenza njani ukuze sizigcine sinjengaye.

Address

78 Joe Slovo, Durban 40001
Durban
4001

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Inkezo ka Zulu posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Inkezo ka Zulu:

Share