01/11/2025
INKABI - THE HITMEN.
•
INSERT 11.
•
.
•
PHAKAMANI.
***Namhlanje usuku luzobalude impele ngoba kuningi esisazokwenza , sesivukile yize abanye besalele umkami usesilungiselile isidlo sasekuseni. Ngimane ngiyacabanga nje ukuthi uNkanyezi uzozizwa kanjani mase ngimtshela ukuthi mele sikhiphe isibhedlela sakhe. Kodwake uzobakahle ngoba akasasinakile kakhulu wayesinaka kabi ngenkathi ngisahamba ebusuku ngibuke ngilimele.***
Thandiswa : imoto ye furniture izofika emina ngoba phela ufuna sikhiphe yonkinto ekulelagumbi , angadinwake uDr Mkhize
Me : uzobakahle ngizokhuluma naye kodwa sizomakhela igumbi ngaphandle lokugcina izinto ezimbalwa
Thandiswa : Ayike mina nabanye sizolungisela ukuya ezitolo siyothenga izinto ezimbalwa
Me : kulungile ikhadi lami laziwa nguwe
***Amamatheke kancane one thing about umkami uyazithandela imali ngisukume ngiphume ngiyovula isango ngoba kuzongena i truck ephethe ama plangwe okuyilapho esizogcina khona izinto zaNkanyezi. Ngoba kulelagumbi kuhlala nezinto zami ezibalulekile ezaziwa yimi naye kuphela. Badilize izinto abafana ngiyokhipha amathuluzi ngabe ngizibeka e garage manje kugcwele izimoto. Aqhamuke ehamba kancane lomfana ngimbuke ngisho ubabwakhe wayengenayo lenkinga yokukhuluma kodwa ngiyaqonda ukuthi idalwa yini.***
Lwandle : uncle
Me : yeah sizosebenza namhlanje ukhulume kakhulu phambi kwa anti wakho khona angazokuyisa enkonzweni. Namhlanje uyabonakala ukuthi ulalekahle ukwazi nokukhuluma ekuseni
Lwandle : lutho sengiqala ukukhululeka
Me : kuhleke namhlanje kusihlwa sinohambo
***Avume kancane ngekhanda siqale siyosebenza kungekho okhulumisa omunye.***
Lwandle : kuzongithatha isikhathi esingakanani ukuthi ngiqale ukusebenza
Me : kuzoya ngokuthi kukuthatha isikhathi esingakanani ukuthi uqeqesheke munenkani ungafuni ukulandela imigomo nemibandela kuzothatha isikhathi
Lwandle : miphi imigomo
Me : miningi kungiphatha kabi nokho ukuthi kumele ngifundise umfana omncane ukubulala mele angabe ufundiswa ukushela kodwake impilo inezayo izinhlelo. Ubabwakho wangazisa ngengozi owabakuyo uhlaselwa kuze kulimala umphefumulo ongenacela bezitshela ukuthi bagadla kuyihlo
***Athule abheke eceleni.***
Me : injalo lento yokuba inkabi ifuna angathi abantu obathandayo nobakhathalelayo ungabaqhelisa ukuze bangazolimala. Uma belimala uzibekicala impilo yakho yonke kungekho ongakushintsha ingakho ngikuqaphelisa ukuthi amadodakazi ami ahleke nobani. Ngoba angifuni bazithole besebudlelwaneni nomuntu oyinkabi noma owenza eminye imisebenzi ezobafaka enkingeni ngoba isikhuni siyobuya ngabo. Izitha mazingafinyeleli kuwena zigadla kwabathandiweyo ingakho ngathatha isinqumo sokuwuyeka lomsebenzi
***Aqale athule isikhashana kubesengathi uyacabanga bese evuma kancane ngekhanda siqhubeke nokusebenza unkosikazi nabanye sebehambile.***
Lwandle : ngisayothola into yokuphuza
Me : kungabi ufuna ukungibalekela
Lwandle : ngizobuya angiwubalekeli umsebenzi
***Ngivume kancane ayongena ngaphakathi endlini ngisale ngiqhubeke nokusebenza.***
•
LWANDLE.
***Kuyashisa umuntu useze wakhumula nesikibha ngifuna nokuyogeza ubuso ngikhuphule itebisi ngiye ekamereni ngingene ngiyogeza ubuso. Emvakwe sikhashana ngiphume ngidlule ngakulelikamero elihlezi livaliwe kuvuliwe ngibone uMinenhle ekhipha izinto. Ngingene kancane ngaphakathi akanakile nokuthi ngikhona izolo kuhlalekile sisobabili wabona ukuthi things are getting personal wahamba. Ngisondele ngakuyena kancane ngime emvakwakhe ngimbambe ingalo and in a flash ngizwe ngento hitting my men hood. Ngigobe while groaning in pain.***
Nkanyezi : ngyaxolisa bengingazi ukuthi uwena , sorry
***Ngiphakamise ubuso kancane ngimbuke angazi nokuthi ungishayengani njengoba esemile nje ngingakhoni nokuphefumula kahle ngiqubula ngenxa yezinhlungu. Izinhlungu zibuya ngamandla asondele ngakumina kancane angibambe ngalezandla zakhe ezincane angenze ngime ngiqonde still in pain.***
Nkanyezi : sorry celuyeke ukunginyonyobela , ngikushayephi ?
***Ngehlise amehlo kancane ngimkhombise and she swallows hard asiyise ngakhona isandla abuye asijikise ngokushesha ahlehle kancane.***
Nkanyezi : sorry
Me : kanti yindaba unodlame ngalendlela ?
Nkanyezi : wena ubungibambelani ngingaboni?
Me : manje wangishayelani kabuhlungu ngalendlela what if alisasebenzi ?
Nkanyezi : ncese bengingaqondile ukukulimaza angithandi ukubanjwa ngingabonanga especially makuyi opposite gender. Ngizokutholela amanzi
***Ngimbuke isikhashana indlela adabukisa ngakhona njengamanje ngazuthi kukhona engithe ngizomenza kona ngizame ukumbamba futhi asheshe asuke. Aphume ngisale ngibambelela ngalelikhabethe kwamina angisazi isizathu sokumbamba kwasekuqaleni. She's just like a magnet that I'm attracted to and ngiyazama ukumuyeka kodwa akwenzeki the more ngizama ukumkhipha emqondweni wami uba muningi. I guess mele ngingazami nokuba gentle kuyena ngimphathe ngalendlela engibaphatha ngayo bonke. Ngiphume ngihamba kancane ngihlangane naye endleleni ephethe amanzi.***
Nkanyezi : nankamanzi angazi noma azokusiza
***Ngithule angathi angimuzwa ngimdlule ngiphume ngiphindele lapho esisebenza khona lapho ukuthi ngiyamziba is killing me.***
Phakamani : hawu iphi intoyokuphuza ?
Me : into yokuphuza?
Phakamani : kameni booh kanti uhambe uyendlini uyokwenzani ?
Me : oooh s***t yazi ngikhohliwe , ngiyogeza ubuso ngangabe ngisakhumbula kodwa ngizoyokulanda
***Ngimbone enikina ikhanda kancane.***
Phakamani : wasiza wazanazo izinto zokuphuza lomfana unenkinga yokukhohlwa
***Ngiphenduke kancane ukhuluma no Nkanyezi oza nezinto zokuphuza ngisheshe ngisuke eduze kwabo ngiphindele emsebenzini. Mele ngiqale ngidlalele kude naye njengobeseshilo umalume ukuthi uthando mele kube into yokugcina esekhanda lami njengamanje. Ngiyezwa ukuthi uyangibuka njengoba ekhuluma nobabwakhe kodwa angifuni nokumbuka.***
•
.
•
SOMNYAMA.
***Ngicasukile ngalendlela exakukwenza lapho engithi ngimtholile khona u Manqoba wangiphunyuka kanjalo nje akukwazi ukuba uzibalekelile kukhona umuntu omsizile. Nalengane yakhe uhambenayo njengamanje sisendlini yakhe kumapekethwana kade sibheka nomayini engasiholela kubo kodwa akukholutho. Ngihlale phansi ngizibuke esibukweni esiseceleni kwami ngibuke lesisbazi esingasehlweni esabekwa ilomfana omncane.***
Qhawe : akukholutho mphathi baqoqe yonkinto akukho nokuncane okuvelayo ukuthi bakuphi
Me : laphekhona u Manqoba ngifuna nimthole nalengane yakhe engezwa ngibafuna bephila kungenjalo nonke njengoku ngasebenzi kwenu izobonana ecebolethu
Qhawe : kulungile mphathi sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyabathola
***Asuke phambi kwami ngikhiphe izibuko nginamehlo angafani nje namhlanje kungenxa yakhe lapho engiyobathola khona nobabwakhe ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyababulala.***
•
NKANYEZI.
***Sebebuyile omah basendlini kuyaxoxwa mhlasimpe kuzobalula mase kuvulwe izikole ngoba angeke ngibhekane no Lwandle imini yonke. Namanje he's been avoiding me kuhle lokho but somehow it feels so wrong , ngikhokhumoya kancane ngisalungisa my storage room. Sengizoba nenyindawo engizohlala kuyona mangifuna ukuzicabanga engaphandle ngibone isibhamu sami sethoyizi engasithengelwa ubaba. Nakhona wayengafuni kodwa ngoba ngangisikhalela wasithenga ngimamatheke kancane ngisithinta , njengoba engiziba nami mele ngenze okufanayo ngoba kuzosisiza sobabili. Angazi noma kuzokwenzeka yini njengoba kungathi kuwrong ngingakoqali.***
•
2K LIKES 80 COMMENTS 5 SHEARS
TBC .