22/12/2024
OHH HE NGOBAMBO LWAMI😔♥️
CHARACTERS :
Lindo
Nono
Asamkele
Yoh
Selu
Painkiller
Zamo
Khale
Sphe
Mancane
Alondwe
Thisha Zungu
Thisha Shelembe
Thisha Madondo
Gogo
Andile
Londeka
Zakhele
Thandeka
Mdu
Inkundla yokuqala 1
( Kusekuseni ngovivi uNono ulungiselela ukuyoqala esikoleni esisha samabanga aphezulu i Mawele High School, kwazise phela useqedile esikoleni samabanga aphansi.)
"Ngabe ukujabulele yini ukuyoqala esikoleni esisha?" Kubuza ugogo emamatheka☺
"Yebo ngikujabulele gogo kodwa ngithukile" kuphendula uNono owayesebonakala njengomuntu osekulungele ukuhamba.
"Kungcono ngoba uzohamba nomngane wakho u Andile, ngeke kufane noma uwedwa" Sekusho ugogo emnikeza isikhwama sezincwadi. Asamukele uNono isikhwama sezincwadi avalelise kugogo wakhe
(Kusesikoleni uNono uhlezi nomngane wakhe eclassini bayazixoxela nje kwazise phela kwakungakangeni thisha ngoba zisanda kuvulwa izikole. Kuqhamuke umfana omncane ngokomzimba asondele etafuleni labo.)
"Sanibonani, mina bangibiza uMdu ngabe osisi bawobani bona?" Sekubuza uMdu wakhona
"Mina ngu Andile lona umngane wami uNono" Sekuphendula u Andile oziphaphele futhi okhululekile.
"Ngyajabula ukunazi bosisi, nikhululeke nje mekukhona enikudingayo nisho" kusho uMdu emoyizela ebuyela etafuleni lakhe.
(Kudlule isikhashana aphinde abuye futhi uMdu wakhona)
"Bosisi ngixolise ukukuphazamisa, ngicela ukuhlala nani ngesikhathi sekhefu.Kunodaba ekufanele siluxoxe" Kusho uMdu ngezwi eliphansi engafuni bezwe abanye
"Hawu awukasazi kodwa sekunendaba ofuna ukuyixoxa nathi, he aii soke sizwe" Kuphendula uNono naye oseqala ukumjwayela loMdu wakhona.