23/04/2024
☕Tea Time no LadyD Wabantu ☕
“Ngibingelele mam’Khoza nethimba lakho lonke. Ngingumlaleli womsakazo UKHOZI FM nakhu sibhekane nenkinga ekhaya yingako ngiyilethe lapha kwi- . Ngabe ubani ongaba nosizo kulenkinga ngicela ningenelele. Udaba lwami lumi kanje ngo February ngonyaka ophelile usisi wam omdala washonelwa umntwana wakhe omdala wadutshulwa eGoli. Saphatheka kabi sonke singumndeni ngaleso simo esasivele ekhaya kwenziwa amalungiselelo omncgwabo wafihlwa umntwana kwadlula kuthe uma kudlula, kwavele kwenzeka enye into ebesingayilindele nhlobo. Udadewethu lo ongumama womntwana lona oshonile wathi umntwana wakhe ubulewe umfowethu, ukusho nje lokhu ukhumbule singabandawonye sonke sizalwa uMama oyedwa noBaba oyedwa.
Umfowethu wayekhala imihla nezolo ethi usisi uyamsukela akayazi yena leyonto. Zahamba ke izinsuku, aphela amaviki, zaphela izinyanga isimo sisibi ekhaya usisi emile ekutheni umfowethu wabulala umntwana wakhe. Kwahamba kwaze kwafika isikhathi la umfowethu ehamba khona emhlabeni wadutshulwa ekhaya ebaleni ebusuku. Ekuhambeni kwakhe zaba khona izinsolo zokuthi usisi kungenzeka ukuthi unesandla kulento ngoba kwakunguye owayengamfuni ngempela umfowabo, uma sizwa uzungu lokubulala ubhuti walwakha nabantwana bakhe ababili ayesele nabo ngalesoskhathi.
Zaqhubeka izinsuku isimo sisibi ekhaya, kuthe ngenyanga eyalandulela leyo umfowethu ashona ngayo kwaphinda futhi kwadutshulwa omunye ubhuti wakwesinye isibongo khona endaweni waphinda wasolakala futhi udadewethu kanye nabantwana bakhe. Isizathu sokumbulala kwathiwa bavala ubufakazi bokuthi basebenzisa isibhamu sakhe ekubulaweni kukamfowethu isimo saqhubeka saba nzima zaqhubeka izinsuku kunzima, kuthe ngenyanga eyalandela leyo ukuhamba kwalobhuti kwaphinda futhi kwadutshulwa kwabulawa umntwana kasisi wesibili. Asazi ubani owamdubula kodwa futhi emveni kokushona kwakhe kwaphinda kwadutshulwa kwabulawa omunye wesibongo esifanayo nalo owathi mayeshona kwasolakala lo wesibili kasisi. Isimo siya ngokuba nzima