Nazooo News

Nazooo News Lapho abavela khona, Sasuke sikhona.

🔥 IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE 🔥📅 10 kuMandulo 2026🇿🇦 MZANSI🚨 KUBIKWA UKUTHI U-EDWARD MODIBA UBANJWE NGEMV...
10/09/2026

🔥 IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE 🔥
📅 10 kuMandulo 2026

🇿🇦 MZANSI

🚨 KUBIKWA UKUTHI U-EDWARD MODIBA UBANJWE NGEMVA KOKWEQA EZANDLENI ZOMTHETHO EZINSUKWINI EZINTATHU EZEDLULE

Kubikwa ukuthi u-Edward Modiba usebanjiwe ngemuva kokweqa ezandleni zomthetho ezinsukwini ezintathu ezedlule.

Ngokwemibiko esabalele, abomthetho baqhubekile nokumlandela kwaze kwaba yilapho etholakala waphinde wabuyiselwa ngaphansi kokugcinwa kwabo.

Imininingwane mayelana nokuthi ukweqa kwenzeke kanjani, ukuthi utholakale kuphi, kanye nezinyathelo zomthetho ezizolandela kulindeleke ukuthi zivezwe ngabomthetho njengoba uphenyo luqhubeka.

Umphakathi uyacelwa ukuthi uthembele olwazini oluvela emithonjeni esemthethweni njengoba lolu daba lusaphenywa.

📰 NAZOOO NEWS
“Sibika okwenzeka kuqala.”

Izindaba okufanele uzazi ngu Lindo Malakoane ~ 25 kuNcwaba 2026MZANSI1. I-  iqhubekile nokulalela ubufakazi buka- . N**i...
25/08/2026

Izindaba okufanele uzazi ngu Lindo Malakoane ~ 25 kuNcwaba 2026

MZANSI

1. I- iqhubekile nokulalela ubufakazi buka- . N**i ezinye zezinto ezibalulekile ezivele:

1.1 Ummeli wakhe omkhulu u-Adv van der Heever ubengakaze abe khona ngenxa yokugula, ngakho uMatlala ubemelwe uMmeli omncane u-Adv Fatima Missi.

1.2 Ithimba labameli belifuna ukuthi ukuqulwa kwalolu daba kumiswe isikhashana, laphinde lasabisa ngokuhoxa eKhomishini kanye nokufuna umyalelo wenkantolo ophuthumayo wokumisa ukuqhubeka kwayo. Kodwa lezi zinsongo zayekwa ngemuva kwekhefu lasemini.

1.3 UMatlala ukuphikile ukuthi ungumngani kaGeneral , kodwa wavuma ukuthi uyamazi futhi wake wasebenzisana naye ezindabeni ezithile.

1.4 Uqinisekisile ukuthi waya emcimbini wokuthembisana kukaSibiya, futhi wacela uSibiya ukuthi amsize ngodaba lwesikhalazo ayenaso noMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi.

1.5 UMatlala uvumile ukuthi uyabazi u- , kanye no- , kodwa wakuphika ukuthi wake wenza ibhizinisi nabo, nakuba wake wahlangana nabo epulazini lika- ongasekho.

1.6 UMatlala wenqabile ukuphendula imibuzo emayelana no- , ethi lolu daba lusaphenywa.

1.7 U- kulindeleke ukuthi abuyele eKhomishini namuhla.

2. UNgqongqoshe Wamaphoyisa omisiwe, u- , ukhiphe isitatimende izolo ephika izinsolo zokuthi wayehlela ukuphazamisa ubufakazi bukaNhlanhla Mkhwanazi kwi- .

3. Abasolwa abane abaxhumene nokubulawa kuka- kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla, okubalwa nokufaka izicelo zebheyili.

4. Uphenyo lwe- seluphinde lwavulwa eQonce, kanti ofakazi kulindeleke ukuthi banikeze ubufakazi namuhla.

5. UHulumeni waseNingizimu Afrika udlulisa icala esinqumweni seNkantolo Ephakeme esithinta izibonelelo zikaR350, uthi izinkinga zesabelomali yizona ezenza kube nzima ukuqhubeka nalolu hlelo ngendlela efanayo.

6. Usomabhizinisi waseKZN osolwa ngamacala okushushumbisa abantu uzovela enkantolo namuhla. Umbuso uzophikisana nesicelo sakhe sebheyili.

7. U- , ongumngani kaFadiel Adams futhi ohlobene noShadrack Sibiya, uvele enkantolo izolo futhi usagcinwe esitokisini kuze kube umhla ka-1 kuMandulo 2026 ngamacala ahlobene nokwephulwa koMthetho Wezibhamu.

8. Abasolwa abathathu abaxhumene nokudutshulwa kwabantu eReiger Park kulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili namuhla.

IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 24 AUGUST 2026🇿🇦 EZASE MZANSI1. IKhomishini kaMadlanga ( ) izoqhubeka namuh...
24/08/2026

IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 24 AUGUST 2026

🇿🇦 EZASE MZANSI

1. IKhomishini kaMadlanga ( ) izoqhubeka namuhla nokulalela ubufakazi buka .

2. IDolobha laseGoli (City of Joburg) selikhokhele isikweletu salo sikagesi esingu-R5.25 billion ku-Eskom ngoLwesihlanu.

3. Amaphoyisa abophe abasolwa abane abaxhumene nokubulawa kwenganekwane yesibhakela u- .

4. UStella Ndabeni uqokwe njengoNgqongqoshe Wezempilo obambile ngesikhathi uNgqongqoshe u-Aaron Motsoaledi elulama esekhaya.

5. Imindeni, abangani kanye nezinhlangano zomphakathi bagubhe iminyaka emihlanu kwabulawa u- izolo.

6. Abantu bakwamanye amazwe abahlanu (ababili baseMexico, ababili baseZimbabwe kanye noyedwa waseMalawi) kulindeleke ukuthi bavele enkantolo namuhla kulandela ukuboshwa kwabo mayelana nokutholakala kwezidakamizwa ezibiza u-R600 million eLimpopo ngoLwesihlanu.

7. Ukulalelwa kwesicelo sebheyili sosaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, u- kanye nonkosikazi wakhe u- , kuzoba namuhla enkantolo.

🌍 E-AFRIKA

1. Abantu abangu-30 bashonile kulandela ukuwa kwenqwaba kadoti endaweni yokulahla udoti (landfill) enhlokodolobha yaseGuinea, eConakry.

2. Isikebhe ebesithwele abokufika eTunisia sacwila sisendleleni siya e-Italy ngempelasonto, kanti kuze kube manje sekutholakale izidumbu ezingu-11.

🌎 EMHLABENI

1. Ingxabano yezohwebo phakathi kweMelika neCanada iya ngokuya iba yimbi njengoba iMelika ibeke intela efika ku-50% kwezinye izimpahla zaseCanada.

🗞️ IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 19 AUGUST 2026🇿🇦 EZASE MZANSI1. Ubufakazi obusha kwi   ngodaba lukaJonat...
19/08/2026

🗞️ IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 19 AUGUST 2026

🇿🇦 EZASE MZANSI

1. Ubufakazi obusha kwi ngodaba lukaJonathan Msibi

IKhomishini yaseMadlanga ilalele ubufakazi obethulwe ngu-Advocate Matthew Chaskalson, ongumholi wobufakazi, mayelana nomufi uJonathan Msibi nezinsolo zenkohlakalo nokusebenzisana okungekho emthethweni.

Obunye bobufakazi obethulwe buhlanganisa imiyalezo ye-WhatsApp eyakhishwa ocingweni lukaMsibi ekhomba kulokhu:

• Kube khona iphrojekthi yokuthengwa kobuchwepheshe obubizwa nge-“grabber technology” enkampanini yaseCzech Republic.

• U-Fannie Nkosi uvele ezingxoxweni ezizama ukusiza ukuhlelwa kombukiso walobu buchwepheshe noShaun Jacobs kanye nomphakeli waseCzech, kanti kusolwa ukuthi wayezimele ngokungekho emthethweni ethi lokhu kugunyazwe yi-SAPS.

• Abanye abantu okubalwa kubo uSteve Motsumi noKatiso Molefe kuthiwa babebandakanyeka ekusizeni ukuthengiswa kwalobu buchwepheshe kubathengi baseSwatini, kodwa lolo hlelo aluzange luphumelele.

• UMsibi ubonakale sengathi wayemele iNingizimu Afrika ohambweni lwamazwe ngamazwe oluhlobene nalezi zivumelwano.

• Kwethulwe nobufakazi obukhombisa ubudlelwano phakathi kukaMsibi noZe Nxumalo mayelana nethenda ye-Ekurhuleni BRT, eyagcina inikezwe inkampani exhumene noMsibi.

• Kuphinde kwavezwa udaba lokuba khona kobudlelwano obungaba khona phakathi kukaMsibi noSuliman Carrim mayelana nephrojekthi yemboni yokukhiqiza insangu.

2. UFadiel Adams uzovela phambi kwe

Ilungu lePhalamende futhi ongumholi weNational Coloureds Congress, uFadiel Adams, kulindeleke ukuthi anikeze ubufakazi bakhe kwiMadlanga Commission namuhla.

3. I March and March izosebenzisana ne-AfriForum

I-March and March kanye ne-AfriForum bahlangene ukuze baxoxe ngezindlela zokusebenzisana, ukufunda komunye nomunye, ukuhlonipha umehluko wamasiko kanye nokuvikelwa kwezilimi.

Abaholi balezi zinhlangano bahlangane emahhovisi e-AfriForum izolo.

4. I-NPA izomemezela ukuhoxiswa kwamacala kaGeneral Dumisani Khumalo nabanye

INational Prosecuting Authority kulindeleke ukuthi imemezele ngokusemthethweni ukuhoxiswa kwamacala abebhekene noGeneral Dumisani Khumalo, uBrigadier Dineo Mokwele nabanye.

Lokhu kulandela ubufakazi obethulwe kwiMadlanga Commission kanye nezinsolo zokuthi i-IDAC ayizange ilandele izinqubo ezifanele ngesikhathi kuvulwa la macala.

5. Ihhovisi loMvikeli Womphakathi lithole izinkinga kwi-NSFAS

Ihhovisi loMvikeli Womphakathi likhiphe umbiko mayelana ne-NSFAS, lathola ukuthi abafundi abangaphezu kuka-40 000 ezikhungweni ezahlukene bathole uxhaso olungafanele olulinganiselwa ku-R5.1 billion.

📰 NAZOOO NEWS
Izindaba ezishisayo nezisematheni

🗞️ IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 14 AUGUST 2026🇿🇦 EZASE MZANSI1. Usomabhizinisi waseNyakatho Ntshonalanga...
14/08/2026

🗞️ IZINDABA OKUMELE UZAZI NGU LINDO MALAKOANE ~ 14 AUGUST 2026

🇿🇦 EZASE MZANSI

1. Usomabhizinisi waseNyakatho Ntshonalanga, uSuliman Carrim, kulindeleke ukuthi avele namuhla kwi-Khomishana yaseMadlanga ukuze anikeze ubufakazi.

2. IMadlanga Commission ithe izovulela uMnu Carrim amacala obugebengu uma engabambisani nezinqubo zayo.

Ikomidi lithe: “Sizovulela uMnu Carrim amacala obugebengu. Uma singakwenzi lokho, sizobe singazithathi ngokungathi sína izinqubo zethu. Ofakazi abakwazi ukukhetha ukuza noma ukungaveli ngendlela abayithandayo.”

3. I-Khomishana yaseMadlanga isaqhubeka nokulalela ubufakazi odabeni lwama-“KZN Hit Squads/Task Teams” futhi ilalele ubufakazi buka-ex wamaphoyisa, uGregory Loftus, oveze ukuthi:

3.1 Indodana yakhe, uBevan Loftus, yabulawa ngoMbasa 2023 ngamaphoyisa ayesebenza ngokuthi ayelawulwa umuntu owayesolwa ngokuba umdayisi wezidakamizwa odumile, uClive Naicker.

3.2 Uthe uBevan Loftus nabanye abantu abane babulawa yi-Task Team ngesikhathi somsebenzi wokuhlasela efulethini KwaZulu-Natal.

3.3 UGregory Loftus uthe nakuba indodana yakhe yayizihlanganisa nabantu abangamalungu ezigebengu, yayingesona isigebengu.

3.4 Uthe akazange avule icala lokwakhela uzungu lokubulala ngoba wayecabanga ukuthi amaphoyisa angeke alithathe ngokubaluleka.

4. UFadiel Adams uzovela namhlanje eNkantolo yeMantshi yasePinetown mayelana necala lakhe lokuphazamisa ukusebenza kobulungiswa kanye nobuqola. U-Adams uyaqhubeka nokunikeza abezindaba izingxoxo futhi ugcizelela ukuthi i-PKKT iyisakhiwo esingekho emthethweni.

5. Ummeli u-Advocate Drushantha Ramsamy kulindeleke ukuthi avele futhi aqede ubufakazi bakhe namhlanje kwi-Khomishana yaseMadlanga.

6. I-Khomishana yaseMadlanga izophinde inqume namhlanje ukuthi ubufakazi buka-Witness P, oyiphoyisa elizifihlile, buzolalelwa ngaphakathi kwekhamera (in-camera) ngokuphelele noma cha.

7. IBanyana Banyana igcine amathemba ayo okudlala kwiNdebe yoMhlaba ephila ngemuva kokunqoba iNigeria izolo emdlalweni obalulekile wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

8. UJulius Mkhwanazi nabanye abane basaqhubeka nesicelo sabo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg mayelana necala lokubulawa kuka-Emmanuel Mbense.




🗞️ Izindaba ezishisayo nezisematheni

IZINDABA EZIBALULEKILEYO NGU LINDO MALAKOANE  13 AUGUST 2026MZANSI 🇿🇦1. IKAIZER CHIEFS IYAHOLA KU-BETWAY PREMIER LEAGUEI...
13/08/2026

IZINDABA EZIBALULEKILEYO NGU LINDO MALAKOANE
13 AUGUST 2026

MZANSI 🇿🇦

1. IKAIZER CHIEFS IYAHOLA KU-BETWAY PREMIER LEAGUE

Iqembu elikhulu laseMzansi iKaizer Chiefs selihlezi endaweni yokuqala ku-log yeBetway Premier League ngemuva kokunqoba iSekhukhune FC ngo 2-0 emdlalweni obudlalwe izolo ebusuku.

2. IKHOMISHANA KAMADLANGA IZWE UBUMFAKAZI NGE “SAPS KZN HIT-SQUADS”

IKhomishana kaMadlanga izolo ilalele ubufakazi bukaLen John, uSekela Mqondisi waseKZN, mayelana nalokho okubizwa ngama-SAPS KZN Hit-Squads.

ULen John uveze ukuthi:

• Lawa maqembu kuthiwa abandakanyeka ekubulaweni kwabantu ngaphandle kwenkantolo, ikakhulukazi labo abasolwa ngokuxhumana nezinhlangano zobugebengu.

• Kuthiwa amanye amaphoyisa aseKZN ayesebenza namanetwekhi obugebengu ukuqeda izimbangi zawo.

• Kusukela ngo-2023 kuya ku-2026 kube nokwanda kwabantu abasolwa ngokuxhumana nalawa maqembu. I-IPID iphenya amacala angaphezu kuka-300, lapho angu-77 awo ebandakanya ukufa kwabantu abangu-149.

• Waphinde wabiza amagama abaholi bamaqembu athintekayo kulolu daba.

• Uveze nokuthi kukhona ukuxhumana phakathi kwabashayeli bamaloli okudonsa izimoto, ukuhweba ngezidakamizwa nokuhamba kwemali. Kwesinye isigameko kwathiwa imali engaphezu kuka-R2.3 million yafakwa kwi-akhawunti yasebhange yephoyisa.

3. INKANTOLO YOMTHETHOSISEKELO IYALA ISICELO NGE-PHALAPHALA

INkantolo yoMthethosisekelo izolo ichithile izicelo ezazifakwe amaqembu ahlukene okubalwa kuwo i-EFF ne-ATM, zokudlulisa icala ngesinqumo seNkantolo ePhakeme yaseWestern Cape esamisa umsebenzi weKomidi Lokubekwa Icala (Impeachment Committee) odabeni lwasePhala Phala.

Inkantolo ithe akusikho okusemthethweni ukulalela lolu daba njengoba isicelo sokubuyekezwa sizolalelwa emasontweni azayo.

4. UJOE SIBANYONI UZOBONAKALA EKHOMISHANENI KAMADLANGA

Ummeli womphathi wamatekisi uJoe Sibanyoni usekuqinisekisile ukuthi iklayenti lakhe selithole isaziso sokuthi lizovela phambi kweKhomishana kaMadlanga.

5. USULIMAN CARRIM UZOVELA EKHOMISHANENI KAMADLANGA

USuliman Carrim kulindeleke ukuthi avele mathupha phambi kweKhomishana kaMadlanga ngoLwesihlanu mhla ziyi-14 ku-Agasti 2026, kulandela isinqumo esakhishwa yile Khomishana ngomhlaka-29 kuJulayi 2026.

6. UREGAN COLLINS UVELE ENKANTOLO NGAMACALA OKUBULALA AMAPHOYISA

URegan Collins oneminyaka engu-23, osolwa ngokubulala amaphoyisa amabili angamalungu e-Anti-Gang Unit. Kanye nabesifazane ababili uvele enkantolo izolo.

Isicelo sakhe sebheyili kulindeleke ukuthi silalelwe ngasekupheleni kuka-Agasti.

7. UJULIUS MKHWANAZI NABANYE BAYAVELA ENKANTOLO YASEBOKSBURG

UJulius Mkhwanazi nabanye abantu abane bazovela namuhla eNkantolo yeMantshi yaseBoksburg ngecala lokubulawa kukaEmmanuel Mbense.

Kulindeleke ukuthi bafake izicelo zebheyili.

8. IKOMIDI LE-AD HOC LASEPHALAMENDE LIYAHLANGANA

IKomidi le-Ad Hoc lasePhalamende lizohlangana namuhla ukuze libheke umbiko walo wokuqala.

IZINDABA ZASE-AFRICA 🌍

1. ISIBALO SABASHONILE ENGOZINI YESIKEBHE EZIMBABWE SIYAKHULA

Isibalo sabantu abashonile engozini yesikebhe eLake Ferry eZimbabwe sesikhuphuke safinyelela ku-44.

Umsebenzi wokusesha nokuhlenga usaqhubeka.

IZINDABA ZOMHLABA 🌎

1. ABASHONILE EKUZAMAZAMENI KOMHLABA E-COLOMBIA BAYANDA

Isibalo sabantu abashonile ngenxa yokuzamazama komhlaba eColombia sesifinyelele ku-250, kanti imizamo yokusesha iyaqhubeka.

2. UKUNGEZWANI PHAKATHI KWE-USA NE-IRAN KUYAQHUBEKA

Ukushuba kwesimo phakathi kwe-United States ne-Iran kusaqhubeka njengoba la mazwe ebhekene nokungezwani kwezepolitiki.

3. UKAROLINE LEAVITT UZOKWEHLA ESIKHUNDLENI SAKHE

Unobhala wezindaba waseWhite House uKaroline Leavitt kulindeleke ukuthi ashiye isikhundla sakhe ekupheleni kwale nyanga.

YIMI INKUNDLA YEZINDABA ZAKHO.
NGU LINDO MALAKOANE

🚨 IZINDABA ZIKAMASKANDI | LIMIT NALA UKHULUMA NGENGOMA KA “INKOSI YAMAGCOKAMA” SCEBI DLAMININgu LINDO MALAKOANE | NAZOOO...
12/08/2026

🚨 IZINDABA ZIKAMASKANDI | LIMIT NALA UKHULUMA NGENGOMA KA “INKOSI YAMAGCOKAMA” SCEBI DLAMINI

Ngu LINDO MALAKOANE | NAZOOO NEWS

Umculi kaMaskandi u LiMiT NaLa usephumele obala ngemva kokuthumela umlayezo othinta izinhliziyo zabalandeli mayelana nengoma ayenze ehlonipha u Scebi “Inkosi Yamagcokama” Dlamini, odlule emhlabeni engozini yemoto.

ULiMiT NaLa uthe uyayibona indlela abalandeli abayithanda ngayo le ngoma, kodwa wachaza ukuthi uyanqikaza ukuyikhipha ngoba engafuni kubonakale sengathi wenza inzuzo ngegama likaDlamini ngesikhathi abalandeli bemkhumbula.

Ubhale wathi:

"Bafwethu ngiyabona niyayithanda ingoma kodwa ngiyaxolisa angiboni ngizokwazi ukuyikhupha ingoma ngoba kuzoba sengathi kwenziwa imali ngegama likaDlamini. Angifuni ukwenza lokho..."

Lo mculi uphinde waveza inhlonipho enkulu anayo ngo Inkosi Yamagcokama, wathi uScebi Dlamini ubengumuntu obalulekile emculweni kaMaskandi futhi uhambe azi ukuthi ubengu mlandeli wakhe omkhulu.

ULiMiT NaLa uthe uyamhlonipha uScebi Dlamini futhi wakhumbula indima yakhe njengomculi omkhulu oshiye uphawu emculweni kaMaskandi.

Umyalezo wakhe uphethe ngokubonga abalandeli ngothando abalukhombisile, wathi le ndaba uzoyiphatha ngenhlonipho ngoba iqiniso nemizwa yabantu ibalulekile.

Abalandeli bakaMaskandi basaqhubeka nokukhuluma ngale ngoma, abaningi bethi bayayifisa ngoba bayibona njengenkumbulo nokuhlonipha ifa lika Inkosi Yamagcokama.

🚨 IZINDABA EZIPHUTHUMAYO | USOMABHIZINISI WASEDURBAN UBOSHELWE AMACALA OKUSHUSHUMBISA ABANTU NOKUTHUMBAUsomabhizinisi wa...
12/08/2026

🚨 IZINDABA EZIPHUTHUMAYO | USOMABHIZINISI WASEDURBAN UBOSHELWE AMACALA OKUSHUSHUMBISA ABANTU NOKUTHUMBA

Usomabhizinisi waseDurban odume ngokuba nempikiswano ubikwa ukuthi uboshiwe ngamacala ahlobene nokushushumbiswa kwabantu kanye nokuthumba.

Igama lalomsolwa selike lavela phambilini ngesikhathi kuqhubeka udaba lwe Khomishini yaseMadlanga kanye naku Sishayamthetho sePhalamende (Parliamentary Ad Hoc Committee).

Ngokwemibiko, lo msebenzi wokuboshwa wenziwe ngoLwesibili yithimba lamaphoyisa eliholwa ngamaHawks KwaZulu-Natal. Amaphoyisa afike emzini kanokusho walosomabhizinisi e Umhlanga ephethe iwaranti yokuboshwa (J50 warrant).

Kubikwa ukuthi umsolwa ubambisene namaphoyisa ngaphandle kokuphikisa, wabe esegcinwa esitokisini ubusuku bonke.

Imininingwane eyengeziwe kulindeleke ukuthi ivele njengoba lolu daba luqhubeka.


📺 Imininingwane ku-eNCA.

IZINDABA EZIBALULEKILEYO NGU LINDO MALAKOANE  12 AUGUST 2026  MZANSI 🇿🇦  1. IKHOMISHANA KAMADLANGA  IKhomishana kaMadlan...
12/08/2026

IZINDABA EZIBALULEKILEYO NGU LINDO MALAKOANE
12 AUGUST 2026

MZANSI 🇿🇦

1. IKHOMISHANA KAMADLANGA

IKhomishana kaMadlanga ikhuze iLungu lePhalamende futhi elingumholi weNational Coloured Congress, uFadiel Adams, ngokuletha sekwephuzile i-afidavithi yakhe efungelwe kule Khomishana.

U-Adams unikeze izizathu zokubambezeleka kwakhe, wathi:

“Inja idle i-laptop yakhe”, ngaleyo ndlela wangakwazi ukuthumela i-afidavithi ngesikhathi.

Ubhekene nezinkinga ze-IT kwi-laptop ayinikezwe yiPhalamende, okuyinkinga athi seyineminyaka engaphezu kwengu-18.

Uthe uyayithatha ngokubaluleka iKhomishana.

Usihlalo weKhomishana kaMadlanga akazange aneliseke ngalezi zincazelo, wagcizelela ukuthi uFadiel Adams kumele ayithathe ngokukhulu ukuzimisela iKhomishana futhi aqinisekise ukuthi uyawenza umsebenzi wokumela abantu abamkhethile ePhalamende.

IPhalamende likhiphe isitatimende siphikisa izimangalo zika-Adams.

UFadiel Adams kulindeleke ukuthi avele phambi kweKhomishana kaMadlanga ngomhlaka 19 August 2026.

2. UBUFAKAZI BUKA-ADVOCATE DRUSHANTHA RAMSAMY

IKhomishana kaMadlanga izwe okwesithathu ubufakazi obuvela ku-IDAC Investigator, u-Advocate uDkt Drushantha Ramsamy.

Phakathi kwezinto azivezile:

Uthe akanabo ubufakazi obuqondile bokuthi uMP we-DA u-Ian Cameron wayeyingxenye yecebo lokuthi kubanjwe uKhomishana Kazwelonke omisiwe uFannie Masemola emangeni phambi kweKomidi lePhalamende.

Nokho, uthe indlela okwenzeka ngayo izinto kanye nesikhathi sokuzibandakanya kukaCameron kwabonakala kusolisa.

Wachaza ukuthi umbiko oyimfihlo kakhulu we-Inspector General wafinyelela ku-IDAC ngaphandle kwezindlela ezijwayelekile.

Uthe uNgqongqoshe uSenzo Mchunu wahlela ukutholakala kwalowo mbiko esebenzisa umphenyi we-IDAC omisiwe uDylan Perumal.

Ugcizelele ukuthi abukho ubufakazi bokubeka amacala kuBrigadier Dineo Mokwele.

Uveze ukuthi u-Andrea Johnson wayenikeza imiyalelo yokuthi obani okufanele baboshwe, ukuthi ukuboshwa kwenzeke nini nokuthi kwenziwe kanjani.

U-Advocate Drushantha Ramsamy uzobuyela eKhomishaneni kaMadlanga ngomhlaka 14 August 2026.

3. ITHIMBA LOKUBULALA KWA-ZULU NATAL

IKhomishana kaMadlanga izogxila namuhla ezinsolweni zethimba lokubulala elisebenza KwaZulu-Natal.

Kusolwa ukuthi leli thimba liqukethe amalungu oMbutho Wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, i-SAPS, asolwa ngokubulala abantu ngaphandle kokulandela umthetho.

Kuthiwa leli thimba liqondise abantu abasolwa ngokubandakanyeka ekugetshengeni izimoto zemali (Cash-In-Transit), abashayeli bamatekisi kanye namaqembu ezidakamizwa ngaphansi kwegama le-Task Team.

4. IZIBALO ZOKUNGASEBENZI

I-Stats SA ikhiphe izibalo zakamuva zokungasebenzi zeKota yesibili ka-2026, ezikhombisa amazinga aphezulu okungasebenzi eNingizimu Afrika.

Izibalo ziveza ukuthi:

Ukungasebenzi kukhuphuke ngo 32.7% uma kuqhathaniswa neKota yokuqala ka-2026.

Izinga lokungasebenzi lenyuke lafika ku 33.6% kwiKota yesibili ka-2026.

5. ABAVUKUZI BEZIMAYINI ABA-14 BATHOLAKALE BEFILE

Abavukuzi abangekho emthethweni abangu-14 batholakale beshonile ngemuva kokuwa kwamatshe emayini endala eNyakatho Ntshonalanga.

Amaphoyisa aseqalile uphenyo ngalesi sigameko.

6. USULIMAN CARRIM UZONIKEZA UBUFAKAZI

USuliman Carrim kulindeleke ukuthi avele mathupha anikeze ubufakazi phambi kweKhomishana kaMadlanga ngoLwesihlanu, mhla zingu 14 August 2026, kulandela isinqumo esakhishwa yiKhomishana ngomhlaka 29 July 2026.

🚨 BREAKING NEWS BULLETIN🗞️ NAZOOO NEWSNGU LINDO MALAKOANE🇿🇦 EZASE MZANSI⚖️ UBUFAKAZI BUKA FADIEL ADAMS BUPHOLISWEUbufaka...
11/08/2026

🚨 BREAKING NEWS BULLETIN
🗞️ NAZOOO NEWS
NGU LINDO MALAKOANE

🇿🇦 EZASE MZANSI

⚖️ UBUFAKAZI BUKA FADIEL ADAMS BUPHOLISWE

Ubufakazi belungu lePhalamende futhi ongumholi we-Fadiel Adams, uFadiel Adams, obekumele avele phambi kwe-Madlanga Commission of Inquiry, sebuhlehlisiwe.

I-Commission isinqume ukuthi u-Adams uzobuyela ukuzonikeza ubufakazi ngomhlaka 19 August 2026.

U-Adams kulindeleke ukuthi aphendule imibuzo mayelana nemininingwane ayithumele eyayihlobene nophenyo lwezindaba ezithinta ubugebengu, ukuphazamiseka kwezikhungo zomthetho kanye ne-Crime Intelligence.

**NAZOOO NEWS — Izindaba ezishisayo nezisematheni.**

Address

Johannesburg

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nazooo News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nazooo News:

Shortcuts

Share