13/05/2026
Ukuphupha amanzi angcolile kanye nezincazelo zawo
Ngokwesiko lesiNtu, ukuphupha amanzi angcolile kuvamise ukubonwa njengophawu lwezinkinga ngokuka moya, ukungcola kwezindlela zakho, noma isexwayiso ngokuthile empilweni. Incazelo iya ngokuthi amanzi ayenjani ephusheni nokuthi wawenzani kuwo.
N**i izincazelo ezijulile ngamanzi angcolile
1. Amanzi amdaka noma amnyama
Kungasho ukukhathazeka, izitha ezifihlekile, abantu abanomona abakuzungezile noma isifo.
2.Ukuwela noma ukubhukuda emanzini angcolile
Kuvame ukubonisa ukuthi umuntu udlula esikhathini esinzima, izingxabano, noma izinkinga empilweni.
3. Ukuphuza amanzi angcolile
Abadala bavame ukukuhumusha njengophawu lokungena ezimeni ezingalungile noma ukungamwa imimoya engalungile empilweni yakho.
4. Amanzi angcolile endlini
Kungasho ukungaboni ngaso linye ekhaya, ukungezwani komndeni, noma umoya ongalungile osindayo ekhaya.
5. Uma amanzi egcina ehlanzeka ephusheni
Lokho kuvamise ukuba uphawu lokuthi izinkinga zizodlula futhi impilo izophinde icace.
Ngokwesintu, amanzi ephusheni axhumene kakhulu, emizwa, umoya womuntu, nabaphansi noma izexwayiso zempilo.
Kodwa iphupho alisho into eyodwa kubo bonke abantu. Isimo sakho sempilo nesenzakalo ephusheni kubalulekile ekulichazeni kahle.
γ