01/08/2025
Umfazi wami ubuyelene nobaba wengane yake 😭💔🥺.
Ngingowesilisa ngihlezi ngizwa kuthiwa indoda ayikhali kodwa Uma kunje ngivumeleni ngikhale ngidele ,yey wangihlukumeza umuntu wesfazane angiboni ukuthi ngisayophinde ngethembu muntu emhlabeni.locc ngahlangana naye 2018 eGoli ngamshela ehamba nengane encane nakhona umbonu kuthi uhluphekile ,mangimbuza ukuthi wenzani la eGoli wathi uzocinga umsebenzi ngambuzu kuthi ingane uzoyishiya nobani noma ingawuthola umsebenzi wathi akazi kuzobonakala.
Ok ngamshela kuthe singakathandani ngambuzu kuthi uphi ubaba wengane wathu ubaba wengane wamlahla esakhulelwe wayiphika ingane ,empeleni ingane ayimaz ubaba wayo ngathi ok ,ngaqhubeka ngameshela kwaze kwafika iskhathi lapho engiqoma khona ,cha ngamthanda usisi nengane yakhe ngambuzu kuthi njengoba usacinga umsebenzi ukudla ukuthenga ngani la uhlala khona wathi bake bethenge isinkwa besidle aboma 3 days ngathi ok njengoba usungumuntu wami ngicela siyohlala sonke endlini ngoba mina ngiyasebenza.
Cha evume usisi sihlale sobathathu nengane yakhe ngenkathi efika emsebenzini bengihola R23 000 ngenyanga ,kuthe kungakapheli u 3 months ngathola iskhundla emsebenzini ngaxoxa naye ngoba ngangimbona ewu muntu oryr ngamtshelu kuthi ngiyafuna ukumesula izinyembezi ngimnike uthando olumfanele ngoba ngiyamthanda ngifuna ukuyolobola kubo ngimenze umfaz wami ,cha usisi wavuma nangempela ngaya kubo ngamlobola kuthe mangimlobola kwathiwa akashiye ingane kubo ezohlala nami eGoli nangempela wayishiya.
Okutinkinga usisi akafundile Uma ngimbuza uthi eskoleni wagcina ka standard 2 ngithi ok ngiyezwa ngingabi nandaba nalokho ngoba vele ngiyamthanda njalo ngenyanga bengimnika R4000 ngithi eyakhe njengomfazi wami bese kuthi grocery besiyenza soyi 2 naye ,kuhambe iskhathi umfaz wami ekhuluphale eglow ebemuhle ngimshintshe Uma eya emakhaya ngimfakise amafrontal ngifuna bembone emuhle yey kanti mlungisi uzithela isisila.
Kuthe ngonyaka odlule wathi usacela ukuya emakhaya cha ngimvumele ngithi hamba ngimnike R6000 wokuthi uzogibela ebathengele negrocer abakubo ,cha ngimgibelise itekisi ehambe ,indaba iqale la ngimfonela khona ifoni ayisangeni 2 days wonke angimtholi efonini kuthe osukwini lesithathu eyibambe ifoni ngimbuze why ifoni yakho ivaliwe ethi network ayikho emakhaya futhi yena akasezu kubuyela eGoli kunezinto asazilungisayo ngimangale awu kanjani manje eth kunjalo nje.
Ngibone ukuthi lo akasangithandi akafoni akabhazi akasho lutho ngimfonele nge video call ngabo 9 ebsuku eyibambe mengithi ayibo ulele nendoda ngithi mina ubani lo oseceleni kwakho evele suke embhedeni ethi muphi ngithi ungangenzi slima wena ethi yena kanjani ,evele ebize le ndoda ethi woza bbe ize indoda bengithuke bobabili efonini ethi lona mina nobaba wengane sesilungisile ngangingeke ngimzalele kanti angimthandi futhi asikaze sihlukane ukuthi besinezinkinga saqhelelana 💔😭⚠️
Ngcela ningakhohlwa ukuFollower page Ikhaya Labezindaba