Kwadukuza News

Kwadukuza News Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Kwadukuza News, Media/News Company, Stanger.

✨️kwadukuza News ✨️
All News zenzeka across kzn SIKULETHELA ZIBILA FUTHI ASITHATHI HLANGOTHI,INBOX US FOR ADVERTISING AND EVENT PLANNING
SINIKANA NAMA IDEAS FREE OF CHARGE

✨️kwadukuza News ✨️ BABONGA UBUNTU KU-GAYTON MACKENZIE OSETHEMBISE UKUSUKUMELA UDABA LOWAYENGU MLINGISI KUZALOUsephenduk...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

BABONGA UBUNTU KU-GAYTON MACKENZIE OSETHEMBISE UKUSUKUMELA UDABA LOWAYENGU MLINGISI KUZALO

Usephenduke umsamariya olungileyo uNgqongqoshe wezemidlalo namaciko uGayton Mackenzie njengoba kusanda kusabalala iVideo kaloyo owayenguMlingisi kuZalo edlala indawo kaMfundisi uMdletshe lapho eveze ukuthi isimo sibi ushaya inja ngekhanda.

Uphinde waveza nokuthi uyafisa abanye abangabalingisi abasebancane bengafani nabo ngoba cha impilo ibehlule bona kunzima kulomkhakha ube esephakamisa isandla uMackenzie wathi cha uzovela impela ukulekelela Kanti Abantu basishayele ihlombe isethembiso sikaNgqongqoshe bathi "SIDINGA ABAHOLI ABANJENAKE"

Omunye uphawule wathi "kodwake naye naye loBaba wabhayiza sase simazi njengoMfundisi ukuba wasale eseqhubeka lapho ngabe uzikhabela u cheese akana (Stress) njengoMbhoro kanje"


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Ayikho Into engijabulisa ukubona othisha bengijabulela ngenxa yalomsebenzi engiwenzayo.Today bengise...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Ayikho Into engijabulisa ukubona othisha bengijabulela ngenxa yalomsebenzi engiwenzayo.

Today bengiseThembeni primary school ngyonika usisi wam omncane imali yokudla ngathi ngizichaza kothisha bathi bayawulandela umsebenzi wami futhi muhle kakhulu.

Nga gain nama new followers

Ngyabonga kakhulu ngithando olungaka🙏


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️Sibonga kakhulu ubafo uzivezile  and naye ebevele emufuna .Sibonge kwi page le kwadukuza News  ukuba ...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Sibonga kakhulu ubafo uzivezile and naye ebevele emufuna .

Sibonge kwi page le kwadukuza News ukuba xhumanisa.


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️

Phindile ucela kufuniswa yise wengane yami lona osesithombeni wangishiya nengane ino 3months ukhonjwa koshakaskraal mina ngikwamashu ekhaya usebenza ukuba nogada eziteshi zesitimela angilazi igama lenkampani iyangihlupha ingane ungu sbonelo ngidi udabaku enanda esigodini sasengcukwini angimazi kuthi uhlalakuphi ukugula kwengane idinga usiko ngiyabonga


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Iyaxaka ke Lena awzfundele uzwe👇"KUMITHE UMNTWANA WENTOMBAZANE ONGAKWAZI UKUHAMBA KANYE NOKUKHULUMA ...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Iyaxaka ke Lena awzfundele uzwe👇

"KUMITHE UMNTWANA WENTOMBAZANE ONGAKWAZI UKUHAMBA KANYE NOKUKHULUMA KUTHIWA UHLALA NABOMALUME BAKHE".

Admin nginenkinga lapho ngihlala ES**RT ngicela imibono yena ngingumama ohlukumezekile kakhulu ngihlala nomntwana wentombazane oneminyaka engama (19) lomntwana ukhubazekile akakwaz ukuhamba Kanye nokukhuluma utholakale ekhulelwe nakhona bengazitshelu kuthi umithi ngoba uhlala efake pampers njalo ngesizathu sokuthi akakwaz ukuhamba nokukhuluma .

Nakhona ukuthi ukhulelwe ngibone ngokuthi kushintshe amabele Abe mnyama elokhu ewanwayo kushukuthi ibeluma lamabele akhe ngimthathe ngimise clinic bafike bethi ukhulelwe ngoba ubephalaza ngimangale ukuthi umithiswe ubani ngoba akakwaz ukuhamba futhi uhlez efake pampers. Okubuhlungu ngizombuza ngithini ngoba akakhulumi akazi lutho.

Kulowo mzuzu sihlala nabomalume bakhe abawu 4 Uma sibabuza bonke bayaphika bathi angeke bakwenze lokho futhi nami bengingacabangi ukuthi khonu muntu ongakhumula ipampers kumuntu okhubazekile maqede elale naye ,angeke ngidlale ngabantu bangaphandle umkhokha usekhaya ngoba bengike ngimshiye Uma ngiyokha amanzi asale nabomalume bakhe kushukuthi ila bebathola khona ithuba lokulala naye.

Okubuhlungu lo ebesimsola kwathi mhla kuyothethwa lelicala wavuka eshonile singaz ukuthi ubulawe yini nakhona sinokuthi sizolinda kuzalwe umntwana bese senza (DNA) mhlampe iyona eyosisiza ngoba cha kubuhlungu angikhoni kwakubuka labafana balapha ekhaya ngalesenzo abasenzile lomuntu omithisiwe uhamba nge Wheelchair ukukhuluma nokuhamba akakwaz akaphumeli ngisho ngaphandle ngiboniseni nakhu ngizomelwa inhliziyo.


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Kuthiwa owesifazane lowa oshe wangqongqa owatholakala ezimobeni zaseNqabeni ngeSonto. Izimoba lezi z...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Kuthiwa owesifazane lowa oshe wangqongqa owatholakala ezimobeni zaseNqabeni ngeSonto.

Izimoba lezi zingasesikoleni iNqabeni Primary School.

Imbangela yokubulawa kwakhe kabuhlungu kanje ayikacaci kanti futhi akukezwakali ukuthi ubani owamshisa kanje.


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Uphume enganamyocu u driver wale moto izolo ebsuku emdloti.Ngokombiko ubevika enye imoto okucishe kw...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Uphume enganamyocu u driver wale moto izolo ebsuku emdloti.

Ngokombiko ubevika enye imoto okucishe kwenzeka ingozi enkulu kanti ngenkathi enza njalo eyakhe izophenduka iphindelela kulomgwaqo.

Ngenhlanhla uphume engenaso ngisho isbazi yize imoto yakhe ilimele.


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️Phindile ucela kufuniswa yise wengane yami lona osesithombeni wangishiya nengane ino 3months ukhonjwa...
14/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Phindile ucela kufuniswa yise wengane yami lona osesithombeni wangishiya nengane ino 3months ukhonjwa koshakaskraal mina ngikwamashu ekhaya usebenza ukuba nogada eziteshi zesitimela angilazi igama lenkampani iyangihlupha ingane ungu sbonelo ngidi udabaku enanda esigodini sasengcukwini angimazi kuthi uhlalakuphi ukugula kwengane idinga usiko ngiyabonga


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Abamaziyo bemutshele ukuth ngeke sizwe futhi sitshelwe wuye ukuthi si post ini  Mewukuth ubufuna udu...
13/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Abamaziyo bemutshele ukuth ngeke sizwe futhi sitshelwe wuye ukuthi si post ini

Mewukuth ubufuna udumo nantoke

Hamba uye kwi stanger weekly wee bafo

Ngibonge ithuba🙏


??
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ KUTHOLWE IZANDLA ZOMUNTU EZIMBILI ZISONGWE NGENDWANGU EMHLOPHE.Namuhla abakwaRUSA bashayelwe ucingo ...
13/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

KUTHOLWE IZANDLA ZOMUNTU EZIMBILI ZISONGWE NGENDWANGU EMHLOPHE.

Namuhla abakwaRUSA bashayelwe ucingo ngomunye wabahlanza indawo yase Trenance Park Verulam (KZN) ukuba bephuthume nakhu ebona ulimi olungaqondakali lapha nembala bafikile nokuthe baqhubeka bebheka bazithela phezu kwezandla zomuntu zisongiwe ngendwangu emhlophe kepha kungekho isidumbu eduzane nazo.

Lesigameko senzeke khona namuhla (ulwesuthathu) ngo12:12 pm lendla nezingalo zitholaka eduze nodonga lwesikole samabanga aphansi kuyona leya ndawo Kanti kusaqhutshekwa nokubheka isidumbu noma ke ukuthola kabanzi ukuthi ngabe ngezikabani lezandla ngoba ulimi cha aluqondakali ukuthi ngolwani


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Kuzoba nokuphazamiseka kwagesi kulezindawo Umfolozi college Groutville,Zama zama Engineering, Shayam...
13/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Kuzoba nokuphazamiseka kwagesi kulezindawo

Umfolozi college Groutville,Zama zama Engineering, Shayamoya Road


🗞
🔥

✨️kwadukuza News ✨️ Uphume engenamyocu umshayeli weloli eliphaphalaze maqede lalahla phansi umthwalo namuhla ekuseni emg...
13/08/2025

✨️kwadukuza News ✨️

Uphume engenamyocu umshayeli weloli eliphaphalaze maqede lalahla phansi umthwalo namuhla ekuseni emgwaqeni u R34 eduze kwaseCentral Park eMpangeni enyakatho nelikaMthaniya nokudale ukubambezeleka kokuhamba kwezimoto ezingena neziphuma kulelidolobha.


🗞
🔥

Address

Stanger

Telephone

+27793967219

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Kwadukuza News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Kwadukuza News:

Share