14/03/2025
❤️IMPILO NEZITHA❤️
P1
(Igama lami ngu Sanele ngina 17 ngihlala no gogo, mama, ubaba, osisi Bami abadala nobhuti wami oyedwa, ngisiyeka isikole ngifunda u grade 10 futhi anginayo intombi Abantu abangithandi mebengi bona Kodwa kukhona intombazane ehlakaniphile engiyithandayo ngenhliziyo Yami yonke)
Manje ngiyavuka ekuseni Izolo ngiyeke isikole ngoba ngiyabona siyangihlula Kodwa bengine ntombazane ebengiyithanda Kodwa bengingakoyi ntsheli emehlweni ukuthi ngiyayithanda
Ngivuke embhedeni ngihambe ngiye kumalume wami usebenza eToyota ujwayele ukuhamba njalo ebusuku eyosebenza
Lapho ngilambile ekhaya siyahlupheka umalume yedwa onemali kuthina sonke
Kantike ubaba yena usebenzela umlungu emajalidini....
Ngihambe ngiye kumalume ngimuzwe ekhala ngokuthi akanayo imali ngingakomuceli ngiyabona ukuthi unemali Kodwa akafuni ukunginikeza imali yakhe
Vele mina angithandwa ngathi khona isicitho engafakwa sona.
Ngivele ngihambe ngihlangane no Mam'Mhlongo Umthakathi omkhulu Lana endaweni avele angibingelele ngokukhulu ukushesha lokhu angibuze ukuthi angiyile ngani esikoleni ngivele ngimtshele ukuthi ngizoya kusasa kuthiwe esikoleni masithathe ikhefu....
Avele athi "ikhefu Lani lelo yewena awusafundi yini?"
Ngivele ngibone ukuthi vele lona uze ngokuzongi delela Lana uyena ongenze ngayeka isikole...
Ngivele ngimuzibe ngihambe....
Ngihlangane no Mama ebuya kuyokha imifino
*Avele amangale mebona mina ngingayile esikoleni futhi*
*Avele asondele ufuna ukungibuza Kahle ukuthi angiyile ngani esikoleni*
Avele angithethise angibuze ukuthi awuyile ngani esikoleni sanele?
Ngimutshele ukuthi ayikho lento engiyifundayo mina ngiyazama ngiyahluleka mina nginethalente ekuculeni
*Avele angishaye ngempama emgwaqeni*
Angibuze ukuthi uzodlani? Namhlanje ngoba asinakho ukudla Wena usukhethe ukuyeka isikole ungasebenzi Mase umdala
Kumina kuvele kwehle izinyembezi ngoba uMama ubukeka ekhathazekile ngendaba Yami yokungayi esikoleni...
Ngizame ukuntshela ukuthi angikwazi ukufunda futhi angisithandi isikole...
*Ngale sosikhathi ngisamntshela uMama ukuthi Indaba ngiyeke isikole kwavele kwadlula uKhumalo ujwayele ukungipha ukudla Uma ngingenakho*
Khumalo: aybo Sanele wenzeni kangaka wakushaya uMawakho Kangaka?
Mama: Lengane iyadelela we Khumalo
*Izinyembezi zivele zizehlele kumina*
Sanele: Mama ngizoya kusasa esikoleni ukuthi Namhlanje besingenakho ukudla.
Mama: sihleze singenakho ukudla Indaba ukhetha Namhlanje Sanele?
Sanele: mama angisithandi isikole mina futhi siyangihlula
*Ngivele ngibone uKhumalo ukuthi uphatheke kabi ngalendaba yami yesikole*
Khumalo: vele zikhona izingane eziphumelele Kodwa zayeka isikole hlampe muyeke Mawakhe.
*Umama avele acikeke athethise uKhumalo*
Mama: we Khumalo awusile yini ekhanda lakho Wena uphumelele uhamba ngisho ngemoto eyunyanyavu waqeda isikole manje usufuna ingane Yami isiyeke!!!
(uKhumalo avele ahambe)
Sanele: mama sengiyahamba ngiyodlala no Sphe ibhola kubo ngizobuya kuwena ntambama
Mama: uyahlanya Wena vele kusawu 7:00 manje hamba ekhaya ufake izingubo zesikole bese siya esikoleni ngibone inkinga yakho.
Sanele: mama uzongihlaza nezingane lapha esikoleni anginayo mina inkinga imina engingathandi ukufunda
Mama: ugolozela mina Sanele?
"Ngivele ngihambe Naye ngoba kuzobe sengathi ngiyadelela"
"Sifike ekhaya lapho umalume udakiwe Kodwa uthe akanayo imali"
Sanele: Malume uthe nje awunayo imali Kodwa Indaba manje unayo?
Malume: eyy awungiyeke Wena Sanele Nina nomawakho niyizihluleki mina ngiyasebenza uMawakho akenzi lutho.
Sanele: manje lokho kuya kujabulisa?
Malume: akungijabulisi we Sanele ngoba nawe awuphiwe ngenqondo esikoleni
Mama: ungamnaki Lo Wena Sanele woza uzofaka izingubo zesikole mese siyahamba vele usufunda u grade 10
Malume: noma ungazama ukumduduza we Ntombenhle Lengane yakho ayihlakaniphile.
"Ngiyabona ukuthi ngizogcine sengenza into ewrong umalume uzidakelwe nje kuphela"
"Ngingene endlini ngigqoke izingubo zami zesikole"
"Sengiqedile ukuzigqoka ngizwe umama egumbini lakhe engibiza"
Mama: Sanele mtanami ngiyazi usamncane Kodwa ungayilaleli into eshiwo umuntu oseqedile esikoleni.
Sanele: Yebo mama ngiyakuzwa.
Mama: ngakhoke asambe siye esikoleni siyobheka icala lakho.
Sanele: ok mama ngizokwenze njalo.