03/11/2025
Part 3.....
Ngempela ubaba aye emsebenzi thina sasala silala ke impela kwalaleka ngob ebsuku sasingalalanga . Kuthi ntambama ubaba abuye emsebenzini nezinto zokuchela afike achele ke athembise nokuthi sizolala kahle ngalelolanga . Kuphekwe kuqedwe ke sidle siyogeza bese silala . Ngalelo langa sakhetha ukungawa lock amakamera senzela ukuthi incase lezinto zenzeka sisheshe siphume noma abazali bakwazi ukungena . Sacima ke salala nobuthongo bufike nokuthi umzimba wawusakhathele ngavuswa umoya nokushwabana kwekhanda mangivuka nobhuti kanti uyavuka masithi kune light emile e passage ebovu iphezulu nje ilokhu inyakaza . Okusithusayo ukuthi kanjani umnyango uvuleke ekubeni silale siwuvalile . Bese siyibona iza ngakithi nekhethi sekiphephezela kunomoya nje omkhulu lapha endlini owenza kuwe nezinto . Savele sazisonga lapho Liza ngakithi ilambu elibovu sazimboza kuthe nje emva kwesikhathi sizwe ukuvaleka kwesicabha kwathuleka nomoya olapha endlini kodwa kwamane kwashisa kakhulu kwanciza nangaphansi kwenzinyawa nekhanda lashwaqa . Kwangathi kukhona into ekhona lapha ekamelweni lethu kodwa futhi sisaba ukuzimbula sibone ukuthi kungabe yini leyo waphela u 3 mins sengijuluke ngimanzi kuphefumuleka kabuhlungu ngaphansi kwengubo. Kuthe nje sisazimboze kanjalo sizwe ama sniffs like ukukhala kancane komuntu engathi uhudula namafinyila . Sakuzwa lokho kwaze kwaba ukuthi kuyaqinisela ukukhala kwakhe lomuntu as much as ngangisaba kodwa nganele ngabona ubhuti ezimbula ngazimbula Nami masithi intombazane encane inogazi esiketini esigqokile nasesikibheni bese ubhuti ayibuze ukuthi ingubani yavele yakhomba esicabheni lapho kunomama khona olele odondilizile maqede yasuka yahamba kwanyamalala kwalowomama . Savuka Saya ekamelweni labobaba nabo sabathola beme ngenyawo ubona ukuthi bathukile . Ubaba wayelokhu ekhomba I passage ukuthi lento esiyibonile uyibonile naye . Wavala isicabha ubaba salala sonke embhedeni wabo sasibambene sonke ngoba thina sasisaba kwathuleka nje emva kwalokho u