She's hurt

She's hurt Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from She's hurt, Digital creator, Mabopane.

03/11/2025

Part 3.....

Ngempela ubaba aye emsebenzi thina sasala silala ke impela kwalaleka ngob ebsuku sasingalalanga . Kuthi ntambama ubaba abuye emsebenzini nezinto zokuchela afike achele ke athembise nokuthi sizolala kahle ngalelolanga . Kuphekwe kuqedwe ke sidle siyogeza bese silala . Ngalelo langa sakhetha ukungawa lock amakamera senzela ukuthi incase lezinto zenzeka sisheshe siphume noma abazali bakwazi ukungena . Sacima ke salala nobuthongo bufike nokuthi umzimba wawusakhathele ngavuswa umoya nokushwabana kwekhanda mangivuka nobhuti kanti uyavuka masithi kune light emile e passage ebovu iphezulu nje ilokhu inyakaza . Okusithusayo ukuthi kanjani umnyango uvuleke ekubeni silale siwuvalile . Bese siyibona iza ngakithi nekhethi sekiphephezela kunomoya nje omkhulu lapha endlini owenza kuwe nezinto . Savele sazisonga lapho Liza ngakithi ilambu elibovu sazimboza kuthe nje emva kwesikhathi sizwe ukuvaleka kwesicabha kwathuleka nomoya olapha endlini kodwa kwamane kwashisa kakhulu kwanciza nangaphansi kwenzinyawa nekhanda lashwaqa . Kwangathi kukhona into ekhona lapha ekamelweni lethu kodwa futhi sisaba ukuzimbula sibone ukuthi kungabe yini leyo waphela u 3 mins sengijuluke ngimanzi kuphefumuleka kabuhlungu ngaphansi kwengubo. Kuthe nje sisazimboze kanjalo sizwe ama sniffs like ukukhala kancane komuntu engathi uhudula namafinyila . Sakuzwa lokho kwaze kwaba ukuthi kuyaqinisela ukukhala kwakhe lomuntu as much as ngangisaba kodwa nganele ngabona ubhuti ezimbula ngazimbula Nami masithi intombazane encane inogazi esiketini esigqokile nasesikibheni bese ubhuti ayibuze ukuthi ingubani yavele yakhomba esicabheni lapho kunomama khona olele odondilizile maqede yasuka yahamba kwanyamalala kwalowomama . Savuka Saya ekamelweni labobaba nabo sabathola beme ngenyawo ubona ukuthi bathukile . Ubaba wayelokhu ekhomba I passage ukuthi lento esiyibonile uyibonile naye . Wavala isicabha ubaba salala sonke embhedeni wabo sasibambene sonke ngoba thina sasisaba kwathuleka nje emva kwalokho u

03/11/2025

Part 2 ....

First day endlini kuthe nje ntambama umama alungiselele ukupheka thina sasi busy ekamelweni lethu ubaba yena ebuke I TV. Bese athi ubhuti kimi uyabuya usayophuza amanzi ngisale ke aphume ashiye isivalo sivulekile ngiqhubeke nengangikwenza. Kuthe nje ngisa busy kanjalo bese ngibona indwangu emhlophe kungathi iyadlula ngasemnyango and ukudlula kwayo iyashesha ngivele nginganaki ngizitshele ukuthi ngididekile nje . Akuphela sikhathi singakanani yaphinda yadlula kodwa ayisithanga kulokho yafike Yama ngasemnyango kwangathi iyajayiva ngithe ngisayibuyike sabhakazeka isicabha kwawa nezinto zokugcoba lapho zihlala khona ilapho engavele ngathila khona ngamemeza . Ubaba bangena belandelana bebuza ukuthi kwenzenjani kanti ngathi ngiyazama ukubachazela kodwa ubaba wamane wathi imicabango yami nje kuphela leyo akukho ndwangu . As much as mina ngangine sure yalokho bona babengangikholwa ubhuti yena wayelokhu ehleka ethi ngine drama . Ngavele ngathula nje bathi mabephuma ngaphuma nabo ngoba ngangingfuni ukuyibona futhi into engangiyibonile . Waqhubeka ke umama namabhodwe wapheka waqeda wasiphakela sadla kwafika isikhathi sokuthi siye kolala .Sihambe ngempela siyolala nobhuti kuthe nje ebusuku ngabo 12 sisalele kanjalo ngivuswe umsindo ngizwa ngathi kukhona umuntu ogijima e passage and endlini kuyashisa bhe ngivele ngivuse lona waekhaya avuke ngempela akhale ngokushisa okusendlini bese ngithi mina akalalele izigi avuke naye allele ngempela ubona ukuthi usethukile ngoba kwakusebusuku kakhulu. Kunzima nokusuka siye ekamelweni lamama kanye nobaba ngoba into ihamba lapho kumele sidlule khona uma suya kubo. Kuthe kusuka yabe iqala ingqongqoza esicbheni sethu ukungqongqoza kwayo kuzwakala nje ukuthi ingqongqoza kabili ingqongozq ekamelweni lethu iphinde iye kwelabazali kwase kunomoya nje endlini oshisayo . Kugijima nezinto phezu kwendlu ilapho esavele sazisonga ngengubo sabambana ngoba sesisaba. Yenzeka leyonto yokugijima kwezinto nokukhuluma kwama voice kwaze kwasha

03/11/2025

Part 1....

Fast foward kuthe nje ekuhambeni kwesikhathi ubaba wathi uthanda ukuthi sibe seduze naye ukuze sizokhula kahle esibhekile ezokwazi nokusicijisa as sasabafana . Sasijabule nje impela ukuthi sesizohlala nobaba almost full time phela thina ubaba wethu sasimuthanda kakhulu . Shuthi ke ubaba abuye phakathi nonyaka afike athi kumama ucabanga ukuthi athenge umuzi khona egoli ukuze sizoba nekhaya esizohlala kulo lapha emakhaya sizobuya nje uzofuna umuntu ozosala ewuvula umuzi . Yize ke umama waqala waba nokungabaza ngokushiya umuzi wakhe ebuza nangemfuyo wathi nje ubaba akakhululeke konke lokho uzokuhlela ukuthi kusala kanjana bese kunakekelwa kanjani . Nathi ke sasimuncenga umama simuhlohla sicela phela ukuthi avume ukube siyohlala egoli ngoba sasesazi ukuthi uma umama engavumi lokho kuyobe kusho khona ukuthi nathi asiyi ndawo kuphela soqhubeka sihlale ekhaya .Wathi ke umama usazocabanga lapho unyaka wawuqhubeka nathi sasesinamaphupho ngempilo entsha esiyoyiphila esilungwini. Nobaba wayesebuyele emuva njalo ke thina sasihleli simubuza umama ukuthi usecabange wagcina kuphi simuncenga nathi . Sajabula kabi mayethi umama akunankinga uma kuphela unyaka sizohamba futhi sosheshe sihambe ngoba kuzomele aqale phansi afunele thina isikole . Ubaba ke yena waye busy efuna umuzi ayezowuthenga ekwakuzoba ikhaya lethu . Uhambe unyaka uze uphele zivalwe izikole silande izinto zethu ezazisho ukuthi asisabuyi . Ngempela imithwalo ilunge sihambe silubambise khona esilungwini sifikele lapho ubaba waye rent khona imizi wayeseyitholile sekumele yena ayokhetha wathi uzowukhetha kanye nathi nomama ukuze wonke umuntj ezoneliseka . Ngempela kuthe nje ngakusasa Saya koyibheka imizi sawuthola ngempela kwathiwa silinde isonto before si move in ngempela liphele isonto sifonelwe kuthiwe sesingangena kwakuwumuzi nje onele thina amakamelo amabili anama bathroom awo ikhishi kanye ne dinning ubaba wathi usazowu extend . Sasijabule nje ngosuku esasizoya ngalo ukuyohlala khona ngoba saqal

03/11/2025

Novels?❤️‍🩹🥹

Address

Mabopane

Opening Hours

Monday 09:00 - 17:00
Tuesday 09:00 - 16:00
Wednesday 09:00 - 17:00
Thursday 09:00 - 15:00
Friday 09:00 - 17:00
Saturday 09:00 - 17:00
Sunday 09:00 - 17:00

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when She's hurt posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share