Ibinza Newzroom

Ibinza Newzroom IBINZA NEWZROOM is the News agency, that cover regional and local stories in Majuba District . The Power to Know♥️♥️
We all have a voice 🫶

Imeya iphuce iphini layo imoto kamasipala.Imeya yomkhandlu wesifunda Zululand  uMichael Khumalo odume ngelikaMkhonyovu u...
06/09/2026

Imeya iphuce iphini layo imoto kamasipala.

Imeya yomkhandlu wesifunda Zululand uMichael Khumalo odume ngelikaMkhonyovu ubhalele iphini lakhe emkhandlwini wesifunda ukhansela uSiyabonga Mbatha, ezwakalisa ukungenami kwakhe ngendlela iphini lemeya eliziphethe ngayo.

Kulencwadi egcwele kumaziko ezindaba uKhumalo uphinde akhale ngokuthi iphini lemeya uMbatha usebenzisa imoto yomkhandlu ezintweni ezingathinti umasipala sidalo, uphinde akhale ngokuthi uMbatha akayihambeli imisebenzi kamasipala ngisho leyo eqondenr nehhovisi lakhe njengephini lemeya.

Imeya iyalele iphini lakhe ukuthi libuyise imoto yomkhandlu ngokuphazima kweso.

.
!

Imeya kaMasipala waseMadlangeni ukhansela uMzwakhe Buthelezi uncome kakhulu ukubambisana phakathi kwamaqembu ehlukehluke...
04/09/2026

Imeya kaMasipala waseMadlangeni ukhansela uMzwakhe Buthelezi uncome kakhulu ukubambisana phakathi kwamaqembu ehlukehlukene emkhandlwini nathi yiwona adale ukuthi kusentshenzwe ngokubambisana, uthi behlukene impela ngokwemigomo yamaqembu abo kodwa emkhandlwini basebenza kahle.

Imeya uButhelezi ube nengxoxo ekhethekile neziko lezondaba IBINZA NEWZROOM, ngesikhathi kubhekwa ukusebenza komkhandlu kuleminyaka emihlanu endlule.

Imeya iphinde yancoma nezisebenzi zomkhandlu ngokusebenza ngokuzikhandla, uthi yoze umasipala ungomncane kwabange omasipala kodwa bazame ngayo yonke indlela ukuthi kube nozinzo.

Inkulumo ngxoxo ephelele izophuma ngesonto elizayo silandele kufacebook, TikTok , Kanye nakuX.

05/09/2026Lungena osukwuni lwesine uhambo olugqugquzela uxolo oluhlelwe inhlangano yomphakathi  I-Black Child Foundation...
04/09/2026

05/09/2026

Lungena osukwuni lwesine uhambo olugqugquzela uxolo oluhlelwe inhlangano yomphakathi I-Black Child Foundation eholwa ngu Scelo Ndwandwe waseNewcastle. Uhambo Kusuke edolobheni eGoli lubheke edolobheni eThekwini.

Unyaka wesine lona lenhlangano yasungula loluhambo lokunqamula amadolobha. Ngonyaka ka 2023, lwasukela edolobheni eNewcastle lwaphelela edolobheni eThekwini, ngalowonyaka kwakuqwashiswa ngesifo sohlangothi (Stroke).

Kulonyaka uNdwandwe uhamba nabalingani bakhe abane, ithimba selilonke lihlanganise Nampa abalandelayo.

Ubuntu Charity Walk Team

1. Scelo Ndwandwe
2. Sbu Ndlangamandla
3. Samke Mfaba
4. Fezile Mkhabela
5. Londiwe Msimanga

Umbutho wamaphoyisa usukuqinisekisile ukuthi uGeneral Faroz Khan, obengesinye sezikhulu zamaphoyisa ophikweni lwezobunhl...
03/09/2026

Umbutho wamaphoyisa usukuqinisekisile ukuthi uGeneral Faroz Khan, obengesinye sezikhulu zamaphoyisa ophikweni lwezobunhloli usexoshiwe.

UGeneral Khan uxoshwa nje kuthiwa azange azihambele izigcawu zokuqondiswa ubugwegwe ngamacala angaphakathi abesolwa ngawo.

Kumanje uGeneral Faroz Khan ubhekene nezinsolo zenkohlakalo Kanye nokusebenzisans nezigebengu njengoba igama lakhe lisematheni kukhomishana kaMadlanga ephenya ngenkohlakalo eMaphoyiseni Kanye nokugxambukela kwezombusazwe.

Just call us.
27/08/2026

Just call us.

Iqembu lezombusazwe iNFP, okubikwa ukuthi libhekebe nezinkinga njengoba imithombo engaphakathi kuleliqembu uthi uMengame...
26/08/2026

Iqembu lezombusazwe iNFP, okubikwa ukuthi libhekebe nezinkinga njengoba imithombo engaphakathi kuleliqembu uthi uMengameli wayo uMnz Irvin Barnes, ufonela amalunga aleliqembu azongenela izikhundla zamakhansela ukuthi awazikhokhele wona imali ekhokhwa enhlanganweni eyengamele ukhetho IEC, njengoba kuza ukhetho lohulumeni bezimdawo.

Iqembu likhokha imali yesiyingi ehlanganisa amakhansela wonke alelo qembu.

Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni endlule NFP, yagcina ingakungenelanga ukhetho ngoba ingakhokhanga

!

22/08/2026
ANC kuzwelonke iphakamise amagama amathathu kwabagaqele isikhundla sokuba Imeya kamasipala waseNewcastle phakathi kwabo ...
22/08/2026

ANC kuzwelonke iphakamise amagama amathathu kwabagaqele isikhundla sokuba Imeya kamasipala waseNewcastle phakathi kwabo kubalwa uChris Mhlophe oke waba unobhala weANC, esifundeni uMbuso Kubheka, uJabu Mkhwanazi oke waba iMeya yomkhandlu wesifunda Amajuba, uke waba nayilunga lephalamende kuzwelonke, kuphinde kube uSamkelisiwe Yende oke waba nguSpeaker kumasipala waseNewcastle kumanje uyikhansela

This our Package. Please hire us 🙏🙏🙏
20/08/2026

This our Package. Please hire us 🙏🙏🙏

Address

Mkhulu Street
Newcastle
2951

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ibinza Newzroom posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share