Ingevu yakwa Nongoma

Ingevu yakwa Nongoma Kudliwa Ingevu yakwa Nongoma

Siwu Nongoma sizishaya isifuba ngani, halala Njampela!!! Halala ♥️
29/04/2024

Siwu Nongoma sizishaya isifuba ngani, halala Njampela!!! Halala ♥️

Good morning 🔥

Kuhlongozwa ukushintshwa kwe Logo yomkhandlu wakwa Nongoma isuka kulena esiyaziyo kube ilena enesithombe sika Mdlokomban...
09/02/2024

Kuhlongozwa ukushintshwa kwe Logo yomkhandlu wakwa Nongoma isuka kulena esiyaziyo kube ilena enesithombe sika Mdlokombane.

Uthini umbono wakho ngalesosenzo somkhandlu?

06/12/2023

Sanibonani ma Hlalankosi emagumbini amane omhlaba la nikhosele khona, ngiyafisa s**e sihlanganise amakhanda ngezindlela eziningi zokuphepha esingahamba ngazo ngamaholidi.

Baningi ababuyela la behlala khona onyakeni omusha sebelimele abanye ababe besakwazi nokubuyela sebeswelekile, ake sithiphisane ngezindlela ezahlukene zokugwema ubungozi nokugwema ukuba yingozi.

Niwaqale kahle amaholidi, niwadle ngokuphepha bese niwaqeda ngesihle, UTHANDO LUNYE 🤝🏿.

Uwile umuthi omkhulu, silimele siwuZulu, sogqemele engeqiwa ntwala, usikhumbule wena kaNgqengelele, uvunde Mbabazane eha...
09/09/2023

Uwile umuthi omkhulu, silimele siwuZulu, sogqemele engeqiwa ntwala, usikhumbule wena kaNgqengelele, uvunde Mbabazane ehaqa amadoda emasendeni, Shenge!!!!

07/06/2023

Mphakathi wakwa Nongoma: Uma uya kwezinye izindawo ufike uthole ukuthi uNongoma udume kakhulu, nabantu bakhona ngokunjalo.

UNongoma udume njengendawo engabhedelwa, onabantu bakhona abajeqezayo emuva bedle ngoludala uma kufanele, uNongoma waziwa njengendawo ene order and une order yesintu.

Mphakathi asingavumeli ukudlebeleka ebesikugcina kwezinye izindawo kungene ngakithi size sikuphile. Indaba yobugengu, ukudayisa umzimba, ukubamba inkunzi, amaphara, ukukhuthuza, ukuntshontsha izimpahla zabantu nalo lonke uhlobo lobugebengu oludalwa ukungabambisani komphakathi kufanele silwe nakho kusamila.

Noma ekhona amaphoyisa nabaholi, kodwa indawo yomphakathi ingeyomphakathi.

Address

0000 Main Street
Nongoma
3950

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ingevu yakwa Nongoma posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share