
04/06/2025
Umbango Wezizwe
(Mpikayipheli)
Ep 43/50
EGingaMakhosi
Bahleli phansi abo Gingqabafo nebandla,u Hlabangizwe, u Mkhulisi kanye no Mkhapheli, balinde u Mpikayi aphume esizibeni. Phela ifu ebelibalandile zange lisamdedela yena lingene naye esizibeni kwazise besekukubi kakhulu, mukhulu umonakalo owenziwe u Ngidi nobhululu bakhe.
Mkhapheli:ey babhemu nithi uzophuma nje lomuntu lapha
Gingqabafo:sukutatazela ndoda uzophuma yize kukubi nje
Mkhulisi:kubi impela, selokhu ngayazi inkosazane zange ngayibona itubeke kanje
Hlabangizwe:kudela owaziyo kaze be kwenzakalani kanti lapha
Mpikayipheli:(eqhamuka emvakwabo) bezisho ukungijuqa lezinj*
(bephenduka bonke bexakwe ilomuntu oseqhamuka ngemumva bemlinde phambili
Mkhapheli:(esukuma) awu nogwaja ozikhundla khundla bawulinde ngapha wavela ngale. U kahle kodwa?
Mpikayi:kubi madoda sidinga indlela esheshayo yokulanda uThuthu lapha engaze alujuqe lonke u Mdletshe
Gingqabafo:haha ngeke alunge kwezami nhlobo
Mkhulisi:nakancane (efakaza)
Mpikayi:kuzokwenzeka (esho ephenduka sakubafulathela)
Badidekile ke manje ukuthi kungani ekhuluma ngalolu hlobo, khona usho ukuthini Uma ethi u Mdletshe eyedwa angagingqa uThuthu, noma mhlampe ubala nebutho likaNgidi leli eligcwele lapha.
Mpikayi:(eqhubeka) Empeleni lapha bekuthwetshulwa amandla ami
Hlabangizwe:(ehlahle amehlo ukuthuka) ngabe ikhona into enjalo
Mpikayi:Nami bengingazi, kodwa nakhu bakwenzile
Mkhulisi: izothiwani ke lena?
Mpikayi:Ngamanzi amancane kunina, kodwa Mina ngeke ngikwazi ukunisiza ngalutho, njengamanje ngiyafana nje nomuntukazana ongelutho kuhluke kancane.
Mkhapheli:Manje uqonde ukuthi amandla akho asekuNgidi onke
Mpikayi:ayi onke kepha idlanzana lawo ebelingakumina ulitholile kepha angakini zange awathole.
Gingqabafo:Mina angiqondi(bemvumela abanye)
Mpikayi:(usabafulathele namanje) ngizochaza, Empeleni mhla ngifaka kumfelandawo wobukhosi, ngaphinde nganabela ngamandla enginawo. Lokhu kusho ukuthi nonke nobane ninengxenye yamandla ase Ginga makhosi, sisonke sixhumene ngaleyo ndlela. Uma nje sisaphila sonke sisabambebe akekho oyosinqoba. amandla obukhosi ahlukene kahlanu ke manje, awomlilo kuwe Hlabangizwe, awomoya kuwe Mkhapheli, awomhlaba kuwe Mkhulisi, awehlathi kuwe Gingqabafo ingakho Kunguwe kuphela okwazi ukulawula u Untombinkulu Uma ngingekho. Kanti awoku gcina okuyiwo athathwe u Mdletshe ngawamanzi.
Mkhulisi:manje silulanda kanjani uThuthu umdletshe angaze adale umonakalo
Mpikayi:(aphenduke ababheke)thathani lapha (evula isandla kuvela amatshe amahle anemibalabala sakukhanya) lokhu sikubiza nge Vulamzila, Uma ukuphethe lokhu kukuthatha kukubeke noma kukuphi lapho ofisa ukuya khona ngemizuzwana nje. Kanti noma ngabe yini oyithinta ngesandla sakho uhamba nayo.
ππππππππππππ
Embelebele kwesika Ngidi
Selokhu ibambene impela, kusho umkhonto ngapha nangapha ngenkathi kutheleka uGingqabafo naboMkhulisi abavele batheleka nje esthubeni. Kube engathi libezwa ngamakhala uThuthu lavele lazihlunga lona empini laqoqekela ngakubo.babe benyamalala bonke.
Zasala zishukana zodwa ezihlanganiswe uNgidi kwazise bezivele zingazi ukuthi ubani olwa nobani, azibonanga nokuthi kukhona abahambile.
Mdletshe:(Ephaphama ephenduka kancane, asukume ame ngezinyawo)
Kanti noNgidi naye ubeqeda kuphaphama ephuthuma ukungena endlini, wazithela kuMdletshe omile embuka
Ngidi:silingo Mdletshe usupoka ungakatshalwa nokutshalwa
Mdletshe:utshelwe ubani ukuthi ngifile
Kwaba ima ibuya ingqondo ku Ngidi
Ngidi:aybo usho ukuthi kusebenzile!
Mdletshe:ake sibone (ecosha umkhonto, kube umzumzu besekulele uyaca kubo bonke lava bathakathi akade begcwele lapha kwazise zange bazihluphe ngokuphuma bazwile iklwa liyakhala LA ngaphandle)
Mdletshe:kusuka namuhla yimi isilo samabandla, wena sewukhonza kimi (esho kuNgidi)
Ngidi: awu kodwa Kade ngikwethembe Kangaka mnewethu ungayenza yini leyonto
Mdletshe:Ngaphandle Uma ufuna ukufana nabo(, esho ekhomba izidumbu ezigcwele layindlini, bese ehleka kakhulu, ahleke kuze kube ngath kunanela esibhakabhakeni. Kwathuka zonke izinsizwa emnyango zama zayeka ukulwa zabheka phezulu) hahahaha ngasho ngathi kogcina Mina, wena Mpikayi bekumele ufe esanethuba, manjeke umkhonto uzodla umniniwo ngizozifikela mathupha kuwe(eqhubeka ehleka)
πππππππππππ
Iyaqhubeka