Zulu Novels

Zulu Novels Ngumbhali osafufuza. Amaphutha azokwenzeka ngyacela ningajudge knalokho ningbonise🙏🏼🙏🏼
(2)

27/03/2025

At this point mina angisa understand.

UBongani usayivictim noma wenza ngeybomu?🤔

27/03/2025

Till Death Do Us Part 12

Kusekuseni manje. UBongani uhleli nabazali bakhe eliving room bayaxoxa.

MAMBHELE: ey cha Bongani uyamangaza. Sekushone abantu ababili la endlini kodwa wena nje awucabangi ukuthi usazise ngaleyonto.

BONGANI: Bekuzoshintshani lokho Mah?

MAMBHELE: ungangibuzi umbhedo mina Bongani...

DLAMINI: (evala umkakhe)Nkosikazi... Ehhh Bongani, awukhulume mfana udliwa yini? Kusukela izolo nje ufike la wangakhulumisa muntu, waqonda egumbini lakho wazivalela khona. Awuzange ufonele nomfundisi uNgwenya, ubonge ethandaze kangaka.

BONGANI: Akulutho Baba. Ngikhohliwe, bengisazo mfonela uNgwenya

DLAMINI: Kunesangoma ebesifike la izolo. Ngisifice sishisa impepho ngale egarage, sithe niyazana. Usuwazana nezangoma wena manje?

BONGANI: Nx yilentombazane. Iyangisanganela. Angihlangan nezangoma mina

DLAMINI: Ngicabange ukuthi siphinde sbize umfundisi uNgwenya futhi. Leyantombazane ithe ungungwe yifu elimnyama.

BONGANI: Baba nawe ungitshela ngamafu...

DLAMINI: khona into ekudlayo Bongani. Futhi ihlangane nalesangoma. Uyayazi futh nawe leyonto. Angazi mina, n**i nobabili.

BONGANI: intombazane esanganayo leyana Baba akukho okunye.

DLAMINI: Ohhh hhay kulungile ke. Makusho wena

Kusehhovisi, uSbuh no Zenzele bahleli bayaxoxa.

SBUH: manje uBongs wagcina emiswe kanjalo nje. Ngenxa ka Aphiwe.

ZENZELE: Ey wendoda. Kufanele s**e sambe syomqalaza namhlanje mesishayisa.

SBUH: yena zithini vele. Ngathi ulandelwa yispoki nje. Kulokhu kufa abantu abaseduze naye

ZENZELE: hhay mjita ungayisho leyonto. Soya kanjani kombheka mawulokhu ungsabisa.

SBUH: Wen awuyiboni leyonto. Yakhumbula uBusi. Wavele wazi hanger. U-Aphiwe wagwiliza emanzini etoilet, ehleli yedwa. U-Amanda wavele wawa wakunyuka umqala. Ey ndoda, kumele sizibheke nathi. Kumel aye esangomeni noma enyangeni ayogeza lomjita.

ZENZELE: ey uzokuzwa kodwa? Uzokutshela ukuthi ubhabhadisiwe yena.

SBUH: aingeke mfethu. Mina engikwaziyo kodwa ukuthi ngeke ngihlale naye. Ngeke ngibeke impilo yami engcupheni.

ZENZELE: Hawu manje ngeke sisaya kombheka?

SBUH: Aingeke mfethu. Asiyeke. Mawufuna wena ungaya kodwa.

ZENZELE: eyy ok. Kodwa kumele simtshele at least ukuthi akageze asuse ithunzi lika Nomfundo.

SBUH: Masimbona mfethu. Futhi uwena ozokhuluma. Mina ngimsaba kabi

ZENZELE: hhay yabona musa ukulokhu ungithusa phela.

ULondi unoMakhosi uNzimande lapha phansi komthunzi. Kufika abakwasidlodlo. Bapaka kwasala uthuli lapha njengoba befika sebetheleka. Yathi ipaka nje imoto kwabe kwehla udetective Hlophe. Kuthe uMaNzimande esathuswe yilokho wabe eqhamuka noBongani kulo mnyango ongale.

Sebemi ngezinyawo uMzimande noLondi njengoba bethuswa wukuthi afunani amaphoyisa la ehamba noBongani. Basondela baze bayofika lapha phansi komthunzi

HLOPHE: Sicela uLondi. Uyisangoma sala ekhaya.

MANZIMANDE: (ngomoya ophansi) sawubona mfana

HLOPHE: yebo Mah. Sibheka uLondi

MANZIMANDE: Ninjani?

HLOPHE: (akhokhe umoya) siyaphila Mah, ninjani

MANZIMANDE: Sikhona mfana. Ningobani nina njengoba ningena lapha emagcekeni akwami senizofuna uLondi. Uyazi ukuthi nginganihlawulisa mina ngalokho. Nifika la ningithela ngezintuli, aningibingeleli, kwanina anizazisi ningoban.

HLOPHE: Siyaxolisa Mah. Ngingu Andile Hlophe mina. Uzakwethu loyana uSphelele Mtshali. Lo esihamba naye uvulele uLondi ipeace order, igama lakhe uBongani Dlamini.

MANZIMANDE: (Athule abuke uBongani. Emva kwesikhashana ashaye uhleko oluncane) uyajabula ne?

BONGANI: Cha. Kade ngangimtshela ukuthi akahlukane nami...
MANZIMANDE: Angikhulumi nawe. (Aphenduke ebheka ngakuHlophe) Nangu uLondi.

HLOPHE: Ehh Londi. UBongani ukhala ngokuthi uyamstalk noma uyamlandela. Usevule ipeace order against wena. Sizokufundela ukuthi isebenza kanjani kanye namalungelo akho kuyona.

ULondi usalokhu ebakaza njengoba emile ebheke uBongani. Umbuka nje ngamehlo akhombisa ukuphoxeka.

21/03/2025

Till Death Do Us Part 11

UBongani usastuck la etoilet no Pretty. UPretty ulokhu ezama ukumqabula. UBongani ulokhane embamba ezama ukumphusha. NoPretty akazibekile phansi kanti futhi akapheli moya ukulokhu ezamile. Nakhu naye iyangokumhlula imizwa azizwe eba ntekenteke agcine emamukela untombazane.

Baqabulane kudume ikhanda kubona bobabili. Sebeqala nokuphefumulela phezulu manje. Waphuthuma uPretty wayoshutheka isandla lapha ebhulukweni lika Bongani. Wawudlalisa kabili kwabe wawubona uphuma igazi lapha phambili. Wathuka wahlehla wacishe ukuyogqubuzeka eseatin yetoilet.

BONGANI: (Ngokuthuka) yin kwenzenjani

PRETTY: (Naye usethukile manje. Kubuye kube sengathi uyabuya umqondo) lutho (aphinde agxume ahlale kuBongani ngesinqanda)

Usalokhu ewudlalisa. NoBongani naye usemqaqe ibhulukwe ulokhane emdlalisa isingezansi ngomunwe. Bathe lapho uPretty esezwa uBongani uqine ngokwanele wabe emsondeza eqondisa ilwane.

Wathuka wacishe ukoma futhi ebona intombazane egcwele igazi emvakwaBongani. Waphushela uBongani emuva masinyane naye wahlehla ngokuthuka.

BONGANI:(Ngokuthuka. Naye usekhombisa ukukhathazeka manje) yindaba kwenzenjani

PRETTY: (Ngokuthuka) i... I...

Akabange esaqala nokuchaza uPretty kwabe kukhala ucingo lwaBongani ephaketheni. Wathuka naye uBongani waluqalaza masisha. Inumber angayazi ayi save(iwe).

Aphume ngaphandle ashiye uPretty etoilet.

BONGANI: Hello. Bongani speaking.

LONDI: (Ephendula efonini) hello Bongani. Yimina uLondi. Unobani lapho.

BONGANI: ULondi? Ngiyaxolisa uLondi waphi kombe?

LONDI: Intombazane le eyisangoma. Unobani lapho?

BONGANI: (Ngokucasuka) ay ay ay wena. Uhlanganaphi ukuthi nginobani?

LONDI: lalela unentombazane lapho? Ngicela ungayishiyi yodwa.

UPretty usala etoilet usathukile yilento ayibonile. Kodwa abuye azitshele ukuthi ubona izinto nje akuyona into etheni. Alunguze njengoba uBongani ekhuluma nefoni. Uth engasemnyango savele savaleka iscabha setoilet.

Waphenduka masisha uBongani. Phela naku-Aphiwe kwenzeka okufanayo. Useshawa wuvalo manje. Wabe ekhala kakhulu uPretty ngaphakathi etoilet.

BONGANI: (Ngokuthuka) Sis ngicela uvule lana, kwenzakalani? Ima ngiyobiza abanye

LONDI: (Ekhuluma efonini, naye usethukile) ima Bongani. Ungayi kobiza abanye.

BONGANI: uzofa naye. Kumele simkhiphe laphana

LONDI: Lalela ehlisa umoya. Ehhh... (Sengathi uyacabanga) Awumnike ifoni intombazane ube uzama ukuvula

BONGANI: (Usethukile manje. Akazi noma amthembe yini loLondi wakhona) izosebenza lento yakho?

LONDI: Awenze Bongani angaze ashone umuntu.

Usalokhu ekhale njalo uPretty ngaphakathi.

PRETTY: ngiyacela bandla ungangibulali

UNomfundo ulokhane emile lapha phambi kwakhe. Usagqoke ingubo yomshado igcwele igazi. Kwayena unenkeme nkeme zezingozi ezigcwele ubuso.

BONGANI: (ememeza ngale kwesicabha) Sis. Ngicela wehlise umoya. Ngizokukhipha la. Mi thatha naye ifoni, khona ofuna ukukhuluma nawe.(Asho eyisfaka ngezasi eyiphushela ngaphakathi)

PRETTY: (uyasaba manje. Njengoba esezibhozile ebaleka ukubheka lomuntu wesimame ozingozi ngozi la etoilet) ngiyasaba mina (esho nezwi seliyagedlezela. Akasaqhaqhazeli useya vibrator😂)

BONGANI: (Ngelincengayo) ngicela uthathe leyofoni sisi. Uzophuma la.

PRETTY: (Aqhwanduzise isandla ayithathe masinya) Hello (ngelokuthuka)

LONDI: Yebo sisi unjani? Ukhuluma noLondi la. Kunosis olapho ogcwele igazi angithi?

Amoyizele uNomfundo abeke isandla emlomeni, ekhomba ukuthi akathule

PRETTY: (Athuke asabe ukuphendula)

LONDI: Ehh ngicela wehlise umoya wenze konke engizokutshela kona. Muzibe loyo sisi. Enza sengathi awumboni. Usekhanda kwena, msuse. Khuluma noBongani. Mbuze ngomkakhe.

PRETTY: Ngiyasaba sisi...

LONDI: Ngiyazi kuyathusa. Uzoba right. Mawenza njengoba ngisho ngiyakthenbisa konke kuzolunga.

UMaMbhele noDlamini basaxakekile ukuthi kwenzekalani lana njengoba lentombazane ingene ngeshodi lapha ifuna inumber ka Bongani.

MAMBHELE: aibo, uBongani usehlanganisani nezangoma?

DLAMINI: Wangiphuca amazwi emlonyeni wenkosikazi. Ngempela kwenzakalani ngoBongani.

Bezwe sengathi khona into enukayo.

DLAMINI: Aibo, yin le enukayo?

MAMBHELE: Aibo bengithi lentombazane ihambile nje. Noma kusasalele lephunga layo lempepho.

DLAMINI: Yinto eshiswa manje. Awuthi ngiqalaze. Angikhumbuli ngizwa isango likhala kade ithi iyahamba.

ULondi ulapha egarage kaBongani. Useshise impepho, wathandaza, wakhuluma nabadala. Ukhuluma noPretty nje umincele ukuthi akangatholwa. Phela uyazi ukube uqale wachaza hleze bengeke bavume enze lomsebenzi layikhaya. Angithi wakusho kwacaca uBongani ukuthi izwi lenkosi kuphela elibaphilisayo layikhaya.

UHlophe usehhovisi lakhe. Uxakekile ke manje, sekunesikhathi phela uBongani ethe uya etoilet kodwa namanje akabuyi.

HLOPHE: Aibo, kanti lendoda ithulula amagabade'ni?

Ahlale acabange

HLOPHE: Awuthi ngiyombheka. (Washo esukuma eyophuma ngomnyango)

UPRETTY: (Usebambe umphefumulo njengoba elalele uBongani ekhuluma ngale kwesicabha) kwenzakalani?

BONGANI: (useze wancika ngesicabha. Usho ngezwi eliphansi echaza) wayemuhle. Kuwusuku lwethu lomshado. Wathi asiqale ngowesiZulu ukuze mesiqeda owesingisi bese siya kuHoneymoon. (Wabe emamatheka, inyembezi zigcwala amehlo.) Emva kokuthi sishade. Sangena emotweni ngabo lobo busuku. Sangena indlela. Iflight ibizo hamba ngo 09:00 ebusuku. Ngangilokhu ngimbukile indlela yonke ngishayela. Ubuhle bakhe, yena. Ngangingakholwa, ukuthi ngokuphelele usengowaka Dlamini. Ngangijabule. Saqala saxoxa (zabe zehla inyembezi zigeleza)

UNomfundo usalokhu enyakaza ezama ukumsabisa. Kodwa usalokhu ezibambe njalo uPretty. Enza sengathi akaboni njengoba eyaliwe

PRETTY: (agwinye amathe, useyabona phela uyena umka Bongani lo ami naye la etoilet) ubumthanda?

BONGANI: (Esholo phansi) kakhulu. Ngimthanda ngenhliziyo yami yonke. Yingakho namanje mangingaktshela, my greatest "regret" ukungabheki emgaqweni. Ukube kuyenzeka ukubuyisela iskhathi emuva. Bengizobuyela noma okungenani kufe mina okungcono.

Wezwa lamazwi uNomfundo naye wathinteka. Wabona ngezinyembezi uPretty zigeleza. Kwabe uvuleka umnyango wetoilet. Wezwa uvalo lushaya ngamandla uPretty. Waphuma eshesha etoilet.

ULondi owayelalele naye, zavele zehla inyembezi.

PRETTY: (ephenduka esengaphandle ifoni isendlebeni) ngiyabonga sis...(Ebhekise kuLondi. Aphinde abuke uNomfundo osekhala lapha etoilet. Wathi ezama uBongani kodwa engakhoni ukumthinta) Ngiyaxolisa (esho nakuyena inyembezi zigcwala amehlo)

UHlophe uqhamuka nje uBongani usaguqe kanjalo eduze komnyango wetoilet, uPretty yena umi ngasemnyango omkhulu.

HLOPHE: Constable, etoilet labe silisa?

PRETTY: (Athuke njengoba naye engazi uzothini kulokhu)

Aphakamise amehlo abone uBongani esahleli phansi ekhala. Wasondela masinya

HLOPHE: Kwenzekeni? Ukahle? (Ebuza eguqa la eduze kwakhe)

BONGANI: (Akhokhe umoya, azame ukuziqinisa ebe esula inyembezi) ngikahle mfowethu. Ngiyabonga

Wasukuma wayophuma ngomnyango omkhulu. UPretty waye sesaba nokumthinta. Wamnika ifoni maqede wamela le kude.

Wathi ehamba uBongani wabe ememeza uPretty.

PRETTY: Uyakuthanda naye... Kakhulu futhi

Wangena emotweni yakhe uBongani wayishaya yazula.

UDlamini usalandela lempepho enukayo nakhu iyomfaka egarage. Wathuka woma ufica nasi lesangoma siguqe lapha saze sashisa nempepho.

20/03/2025

Till Death Do Us Part 10

Kusile manje. UBongani uphumela edinning room uMah wakhe uselungise ukudla.

MAMBHELE: OBongani bafuna lingene mpela eyinqeni. Iskhathi sini lesi weBongani?

BONGANI: hawu Mah angisebenzi namhlanje.

MAMBHELE: noma kunjalo. Phela lendlu ngeke izi clean(e)

BONGANI: Hawu Mah (kube kukhala ifoni yakhe. Asukume asithele ngapha eceleni bese ephendula) Hello

HLOPHE: ehh Bongani. Wu detective Hlophe lo. Ehh ngicela ufike la station namhlanje mungakwazi kunemibuzo engidinga ungiphendulele yona. Kumayelana noBusi no-Amanda kanye no-Aphiwe

BONGANI: (ezwe eshawa wuvalo) ohk detective. Ngizofika emini

HLOPHE: Kulungile, ngizobe ngikulindele ke(wavala ucingo lwakhe)

UMaNzimande unoLondi la ka round.

LONDI: Umngcwabo uhambe kahle kakhulu izolo. Ngiyajabula uBusi sesimbeke endaweni yakhe yokugcina.

MANZIMANDE: (Adonse umoya) yeah. Kodwa ke nguyasaba akekho yedwa. Mesingakwazi ukuvula lomlisa amehlo. Baningi abasazomlandela.

LONDI: kanti vele yin yena amthande kanngaka lamantombazane.

MANZIMANDE: Babizwa ilesilwani. Yiso esilokhe siba doba ngaye umlisa lo. Mina nawe sisinda ngoba siyalazi iqiniso. Singabonga amathongo asemakithi ngalokho.

LONDI:( emoyizela) bengifisa kodwa lamathongo ethu asithambisele inhliziyo kaBongani. Abone ukubaluleka kwalento.

MANZIMANDE:( ahleke kancane) kanti weThwasa nokuma eceleni akulimazi. Myeke uclever agijime nabanye oclever. Siyeza isikhathi sakho. Uzozibonakalisa amandla akho masifika iskhathi.

LONDI: (Amoyizele, egobodisa ikhanda) Makhosi. (Wabe esethuka esebona igazi ligcwele phansi. Aphakamise amehlo abone uBongani eflathela limlandela liyongena naye epolice station)

MANZIMANDE: (Ngokuthuka) Thwasa! Thwasa! (Ezama ukuphaphamisa uLondi osevele wajama nje esithubeni bekhuluma)

LONDI: (Ephaphama naye ethukile) Makhosi (esephefumulela phezulu). Kumele ngihambe. Kuyaphuthuma. (Ebe engena endlini eqoqa izinto zakhe afake esikhwameni bese ephuma eyishodi)

MANZIMANDE: (amoyizele ebuka uLondi ephuma ngesamagundane) inkani nokuzimisela kwakho. Ngiyakuhlonipha Sisi. Noma usuthukwa ubizwe ngawo wonke amagama kodwa usamile egameni lokusiza abanye. Likuvikele ithonga lakho. Ngithandaza lithambise nenhliziyo yalomfokazi, akunike ithuba umsize.(Usho ukhuluma yedwa maqede angene endlini)

UMaMbhele unoDlamini lapha kwaBongani. Babobabili njengoba uBongani ethe ulibangise epolice station. Nakhu kungena icall efonini ka Dlamini.

DLAMINI: (ebheka ifoni) ohh umfundisi (aphendule abeke ifoni endlebeni) ehh sawubona mfundisi.

NGWENYA: ehh niyaphila sibal'khulu?

DLAMINI: Hhay kuyaphileka Mfundisi. Asibonge nje ngomkhuleko wayizolo. Besicabanga ukukufonela la nomama sibonge.

NGWENYA: Kanti akulutho Baba. Kusahamba kahle kodwa? Uphi uBongani? Ukahle?

DLAMINI: kuhamba kahle kakhulu. Usavakashe ngase police station. Banemibuzo nje engazuthi banayo

NGWENYA: Ohh hhay kulungile ke bengimbheka nje. Ngifuna ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani ngakuyena

DLAMINI: Kulungile Bambolunye. Ngizomtshela akuthinte mebuya. Ngiyacabanga mhlampe ukhohliwe ekuseni. Ngoba phela bekumele avuke bese ethinta wena kuqala

NGWENYA: ehh kulungile Baba, izobuye ithintane. Niphephe.(Avale ucingo lwakhe)

DLAMINI: (Ebhekise kuMaMbhele) uBongani wenzani ngempela? Akasafoni ngani ngempela abonge kumfundisi uNgwenya. Manje sekungathi sabantu ababi, abanganawo udanki

MAMBHELE: hawu animxolele umfanwami bandla. Kusekuningi nakuyena bakithi. Kwazi bani namanje bayombhedela bathini lapha epolice station.

UHlophe usehhovisi lika Mthimkhulu bayaxoxa.

MTHIMKHULU: yenzeka kanjani lento? Ngoba kusobala futhi uyakholelwa ekutheni akazi lutho. Kubona bonke labantu bashone benaye kodwa akazi kwenzakalani.

HLOPHE: nami iyangithusa lento. Angazi mina kwenzakalani. Lomuntu futhi ayikho into engathi simcharge ngayo. Kunanofakazi futhi kuyona yonke lento yakhe. Ngoba abanye balimala kugcwele kodwa besuke kade kuwuyena ogcine ukuba nabo

MTHIMKHULU: Ayikho into ayifaka esiphuzweni mhlampe?

HLOPHE: abantu ababe vele beziphuzele uBusi no Amanda, engeke ke sazi makukhona akufakile kodwa U-Aphiwe ubengenalutho. Wavele nje.

MTHIMKHULU: mmm, impicabadala phela le. Ucabanga ukuthi lento mhlampe ihlangene nalezinto zabantu abadala, namadlozi and staff.

HLOPHE: Ey angazi Kapteni. Manje simenzenjani? Siyamdedela?

MTHIMKHULU: (akhokhe umoya) kulungile. Mdedele. Asina sizathu sokumgcina la.

Nebala aphume uHlophe. Ufika ehhovisi uBongani uhleli phansi.

HLOPHE: Ehh kulungile bhuti. Sesiqedile. Ungakhululeka.

BONGANI: Ohhh. Ngicela ukuqala etoilet. Ngimpintshwe umchamo kanzima kabi

Nebala amyalele uHlophe lapho kukhona itoilet. Usematoilet manje uBongani nakhu eseqedile ukuchama ethi uyaphuma ehlangana nephoyisa lentombazane. Libe limphusha bengena nayo etoilet.

BONGANI: (Ngokuthuka) aibo wenzani...

PRETTY: (Embeka umunwe emlomeni emvala) shhh. Kade ngikubuka. You look like a snack. I want a bite( esho emkhotha umqala eyogudla ngendlebe)

BONGANI: Mhm mhm( uBongani ezama ukumvimba)

ULondi ufika kwaBongani unqonqoza sengathi uyaxhalwa.

MAMBHELE: aibo yin(bethuswa yilomuntu ozophula iscabha)

LONDI: (wabe esetheleka) abazali baka Bongani?

MAMBHELE: uyinike wena? Ufunani la?

DLAMINI: aibo maka Bongani (emvala) Sawubona ntombi, singakusiza?

LONDI: Kuya phuthuma Baba ngidinga ukuthola uBongani manje. Umkakhe Baba. Khona ozilimala mengingakhulumi noBongani manje.

DLAMINI: Akekho...

LONDI: Ngizomfonela ngicela ningiphe inumber yakhe

17/03/2025

Till Death Do Us Part 09

UBongani ulele egumbini lakhe uvuswa iknock emnyango omkhulu. Aqalaze isikhathi kumakhalekhukhwini wakhe phezu kwe headboard. Wu 06:00 am.

BONGANI: WuMah na ke loyo. Eybwafika early boh. Balalile kodwa.

Asukume uBongani eyovula. Wathi engavula nje wamgxumela uMah wakhe emhaga.

MAMBHELE: (Ngokujabula) ukahle Bongani?

BONGANI: Hawu Mah, Baba. Ekuseni kanje? Nilalile kodwa?

DLAMINI: besingalala kanjani nje weBongani

MAMBHELE: (eyiphebeza leyo) Aisuka. Ngenisa ikhwama lezi. Bayeza omfundisi uNgwenya emini. Uke ucleane nala endlini. Ey kodwa oBongani madoda.

BONGANI: (engena nezikhwama lezi zabazali bakhe) ey ngizwelana nawe Sibal'khulu. Ngiyacabanga lolu hambo l**e lude kakhulu kuwena.

DLAMINI: (Ehleka) ey weBongani awazi wena.

Babe behleka bobabili bengena endlini.

Kusekuseni manje lapha epolice station. UHlophe usehhovisi lakhe unoKapteni uMthimkhulu.

MTHIMKHULU: Ehh Hlophe lento lama report akho awapheleli kulezinsuku. Labantu abathathu abavele bashone kanje? Yenzeka kanjani lento kodwa bonke basuke behleli nomuntu oyedwa.

HLOPHE: ey angazi kapteni kodwa akukho okukhomba ukuthi unesandla.

MTHIMKHULU: baze babe bathathu pho. Akukwazi phela ukuthi kungalokhu kushona abantu kodwa kungaboshwa muntu. Lomfana kusamele ake eze simpheke ngemibuzo.

HLOPHE: yebo kuyezwakala Kapteni

MTHIMKHULU: nawe ubusumyeke kakhulu, yindaba

HLOPHE: Lutho mnumzane. Ukuthi azikho izinto noma izimpawu ezikhomba ukuthi laba bantu kunesandla sesinxele.

MTHIMKHULU: Awulande lomfana Hlophe sibone.

HLOPHE: yebo kapteni ngizokwenza njalo.

KukwaNzikande lapha kugcwele egcekeni kuyaphithizela. Kulungiselelwa ukufihla uBusi. UMaNzimande usalokhu ekhale njalo ngomtanakhe.

Kusemini manje kufika isonto lapha kwaBongani. Liholwa umfundisi uNgwenya. Bangena nje sebelungiselwe nezihlalo. Kukungiswe konke.

NGWENYA: Hawu sikhulekile ekhaya.

BONGANI: Ay kulungile mfundisi ningangena. (Emi lapha emnyango exhawula abazalwane ngenkathi bengena. Bagcina bengene bonke baze bayohlala phansi)

NGWENYA: Ehh Sibal'khulu, Mah. Sengifikile, kwenzenjani ngabizwa sekuphuthuma.

DLAMINI: Ehh wena mfundisi uBongani lo. Sicabanga ukuthi kunesinyama noma khona ukufa okumgaqelayo. Lokhu ebuye esibhedlela, mina ngithuke ibhadi ukuthi namhlanje sekushone abantu abathathu abebe sondelene naye. La endlini kushone ababili.

NGWENYA: Hawu... Benike namletha kodwa enkonzweni azothandazelwa ukuze umoya wankosikazi uzomshiya?

DLAMINI: ubelokhu efika enkonzweni lezikhathi kade esalulama. Angazi ke noma ubesaya yin ngapha. Phela sihambile nonina kulesonto eledlule.

DLAMINI: Kumele sithandaze. Sithandazele ukuthi kuphume umoya omubi. Ngoba kusho kona ukuthi naye akaphephile kungenzeka. Ngalobobusuku, leyanto kwakumele ibathathe bobabili. Njengoba kwashona uNomfundo, naye uBongani akumelanga engabe wasinda. Asibonge uNkulunkulu ke ukuthi amvikele. Bese siyathandaza ukuze lemimoya emibi izohlukana naye.

Nebala wabe esukuma uNgwenya evula ibhayibheli lakhe. Wavula inkonzo.

Emva kwamahora amabili ubese qedile uNgwenya. Kuse mva komkhuleko omkhulu kaNgwenya manje. Sebeyahamba abazalwane njengoba sekuvaleliswa. UMaMbhele ukhuluma noMama ngale njengoba uDlamini noBongani bekhuluma nomfundisi.

DLAMINI: ehh siyabonga mfundisi. Ubumuhle kakhulu umkhuleko namuhla futhi ubunamandla. Nanoma iliphi ledemon elihlasela umfana wami. Selifohloke laphela(exhawula uNgwenya)

NGWENYA: kuzolunga Baba khululeka wena. Ehh Bongani ungakhohlwa ukugeza ngalawamanzi engiwathandazelile. Uzogeza ngawo namhlanje kuphela. Isinyama sonke sobe sesiziphelela. Legodi lokufa ebelikulandela ngilixoshile. Ngeke liphinde likuhluphe.

BONGANI: Kuyezwakala Baba. Ngiyabonga kakhulu.(Exhawula)

NGWENYA: Kulungile ke ake ngibaleke nami. Engathi kuyahlwa maduze nje.

Nebala wabe esuka uNgwenya eyongena emotweni. Nabazalwane laba ayehamba nabo bemlandela.

15/03/2025

Till Death Do Us Part 08

Kusetoilet. U-Aphiwe usancikise uBongani ngodongawasetoilet. Ulokhu embrusha umphambili. Asondele amqabule, kudume ikhanda kuBongani. Uthe esuka naye wawamukela ukiss. Baqabulane, kuphazamise ucingo lwaBongani olwavele lakhala esithubeni.

APHIWE: (Usephefumulela phezulu) izibe

BONGANI: (Aqalaze, abone uMah wakhe) ngeke ngikwazi, uMah. Ngiyaxolisa, ngeke sikwazi ukuqhubeka nalento.

APHIWE: Bongani...

Aphume abe ephendula ifoni yakhe uBongan. Nakhu esezwa iscabha setoilet sigankazeka emva kwakhe.

APHIWE: (Ememeza) Bongani!!(Ekhala ngaphakathi etoilet) Ngiyaxolisa, ngiyacela sisi ungangibulali.

Athuke noBongani aphuthume ukuzovula. Iscabha sistuck(ile).
Beza bephuthuma oSbusiso no Zenzele bezoqalaza nakhu bezwa sekukhalwa. Bathi befika uBongani ubhakaza iscabha setoilet uzama ukungena.

APHIWE: (ekhala ngaphakathi etoilet) Ngiyakcela Sis. Ngicela ungangibulali. Ngiyaxolisa

Sekugcwele nabantu bala emsebenzini baxakwa yilo msindo phela oqhamuka ematoilet.

MRS KHUMALO: (Ngokuthuka) kwenzenjani la Bongani?

BONGANI: (ngokuthuka)u-Aphiwe uzivalele la ngaphakathi, angazi kwenzakalani

Basalokhu besikhahlele njalo iscabha sigoloza ukuvuleka. Wonke umuntu uthukile manje, bamangele. Abazi kwenzenjani. Basigankaze iscabha bayezwa umsindo wamanzi nomuntu ongathi uyagwiliza (uyaminza)

Emva kwesikhathi bezama, sagcina sivulekile iscabha. Bathuka sebengaphakathi bezithela ku-Aphiwe eselele esithini yetoilet. Kubonakala ukuthi ugwilize kulamanzi etoilet waze washona.

Kusemakhaya lapha uMaMbhele akahlaliseki phansi umoya uphezulu.

MAMBHELE: (ngokuthuka) Baba kodwa lengane ingenzani? Akalubambi ucingo(Ebe efona futhi)

DLAMINI: Ehlisa umoya Mphemba, mhlampe umfana khona amatasa ngakho.

MAMBHELE: Baba inqamuke esebingelela. Khona into engalungile Baba. Umfana wami usenkingeni, ngiyezwa mina.(Aphinde afone futhi)

: (kuphendula umlungu)you have reach the voice mail light service of 081........

DLAMINI: Ehlisa umoya Mphemba.

MAMBHELE: mmh- mmh ngifonela umfundisi uNgwenya. Ayikwazi le. Angivumi nje ngomtanami.

DLAMINI: MaNtuli!...

MAMBHELE: Cha... Ngeke Baba ngiyala. Ngayizala lengane, eyokuqala eyokugcina. Ngiyayazi into engiyibonile Baba. Le ayivumi ngithule. Kusasa lokhu okusayo. Siya le Ekukhanyeni, la ahlala khona.( Edonsa ucingo lwakhe afonele uNgwenya)

Sekuphele imizuzu engamashumi amathathu(30 minutes). Usemboziwe u-Aphiwe, seku confirmiwe ukushona kwakhe, ngokuminza emanzini etoilet. Emva kokubuza abantu ngokwenzekile wabe esesondela kuBongani, uHlophe.

HLOPHE: Kuthiwe ube nawe lomuntu ngenkathi ezivalela la etoilet. Ayiqali ukwenzeka lento, uyakhumbula.

BONGANI: Angazi nami kwenzakalani phoyisa.

HLOPHE: awuke uthathe ibreak. Uthathe isikhathi. Ugqume, ugeze, uthandaze noma yin. Lento ayikwazi ukulokhu yenzeka kanje. Phela manje sesoze sithi uwena obulale labantu.

BONGANI: (usethukile)

HLOPHE: Kulungile hamba uyekhaya, uphumule. Mengabe udinga itherapy, ufonele le number(elula isandla emnika isqeshana sephepha)

BONGANI: Ngiyabonga mseshi (eflathela ehamba eziba iphepha leli alinikwayo)

Ungena emotweni, uyihlaba ngesivinini. Adonse umakhalekhukhwini wakhe. Adayele izinombolo iringe kathathu ibanjwe.

MAMBHELE: (Ngokukhathazeka) Bongani. Ukahle Baba? Ngiyabonga ukubuyela kmina. Ngabe konke kuhamba kahle.

BONGANI: Akuhambi kahle Mah.

MAMBHELE: kulungile. Sizofika nomfundisi uNgwenya lapho kusasa. Khona okungahambi kahle Bongani ngizwa egazini.

BONGANI: wozani Mah. UNkulunkulu mina ungiflathele.

MAMBHELE: Ungakhulumi kanjalo Bongani. Udinga umkhuleko nje mfanawami konke kuzolunga.

Wathi efika esangweni kwakhe. UBongani ufica uLondi umi nezikhwama eduze kwesango. Aphume emotweni

BONGANI: (Ngokudinwa ethetha) ufunani wena la?

LONDI: Lalela Bongani. Ugembula ngempilo zabantu lana

BONGANI: ntombazane awuhambe la kwami ngingaze ngikwenze into engizozisola ngayo.

LONDI: Baningi abazofa Bongani. Ngivumele ngikusize. Lento ocabanga ukuyenza angeke iphumelele...

BONGANI: manje ngenzenjani? Ngithandaze ama demon, huh? Ngithandaze otikoloshe mina?

LONDI: (Ngokuthuka) Cha Bongani...

BONGANI: Lalela la, ngiyakwazi ukungcola kwenu nina. Layikhaya siphila ngomkhuleko. Ngiyawuqalekisa umoya wotikoloshe

LONDI: Bongani...

BONGANI: ngithe ngihambele la kwami(wabe esondela ngokushesha wagxavuna izikhwama lezi zikaLondi wazijikijela le. Maqede wama lapha phambi kwakhe embheke njo ezinhlamvini zamehlo) hamba uyofa nale mimoya yakho. Lomuzi uvikelwe uNkulunkulu, akukho okubi okuyingena kulomuzi. Lemithi yakho le, sizoyiqeda ngomkhuleka. Ayikho into edlula umkhuleko layikhaya.

LONDI: (wabe emile esethukile njengoba uBongani embheke enhlamvini zamehlo emkhomba indlela. Wasuka wathatha amagxathu amathathu esondela ngasezikhwameni zakhe esezijikejelwe lapha. Wama maqede waphenduka ebheka ngaku Bongani) Uqinisile. Akukho okudlula umkhuleko. Kodwa umkhuleko uhamba wodwa awanele, uNkulunkulu usiza ozisizayo. Kanti futhi uyaphendula ukuthi asinaki, ngoba impendulo yakhe isezindaweni esingazi qondi futhi ifika singanakile.

15/03/2025

Till Death Do Us Part 07

Kusile manje. UBongani akazange abuthi qu. Uhleli lapha embhedeni wakhe uyacabanga. Avuke athathe isgubhu sa2 litre. Wafaka amanzi khona lapho ku 2 litre wabe esewubamba ewuthandazela.

BONGANI:
Baba Nkulunkulu Mnini mandla onke. Busisa lamanzi egameni Lakho nelendodana yakho Inkosi uJesu Krestu, Amen.

Washo lomkhuleko omncane uBongani wabe esesukuma echela ngawo amanzi akhe la endlini. Waphumela nanga phandle echela.

Kukwamakhosi uNzimande, uLondi ufika ekseni egijima egumbini likaNzimande. Ungqongqoza ngesankahlu, kuyezwakala kuyinto ephuthumayo.

LONDI: (engqongqoza) Makhosi. Gogo

NZIMANDE: (eyovula) yini boooh?(avule, ngokuthuka) Thwasa, kwenzenjani manje?

LONDI: (ungena esetheleka) Makhosi, ngibe nephupho elibi kakhulu. Ngibone lowesifazane osebumnyabeni ohamba naloyamlisa. Izandla zakhe zigcwele igazi. Ubese landelwa iqulu labantu.

NZIMANDE: (Athuke esacabanga. Phela kusobala manje ukuthi babe nephupho elifanayo) ohk ehlisa umoya Sisi. Konke kuzolunga

LONDI: (encenga) baningi abantu abazolimala Mah.

NZIMANDE: akukho esingakwenza thwasa. Konke lokhu kusezandleni zalomfokazi. (Wambamba wamhaga wamqinisa) Ngiyaxolisa sthandwa sami. Kulokhu sibophekile. Akukho esingakwenza.

Kusemsebenzini ka Bongani la. USbuh no Zenzele bafika lapha ehhovisi lika Bongani. UBongani uhleli ngathi ukude ngomcabango.

ZENZELE: Ehhh Bongs (ebhakaza itafula)

BONGANI: (Athuke) ey ey yeywena, yin inkinga yakho?

SBUSISO: manje undwazeleni

BONGANI: (ngomoya ophansi) ay lutho bafethu. Ngiyacanga nje.

SBUSISO: ingabe ucabanga ukuya ka Amanda futhi(encokola)

ZENZELE: (Ahleke kakhulu)

BONGANI: (ngokuthuka) futhi... (Wabe ebheka phansi. Washo kancane) Konje noBusi

SBUSISO: mhm...?

Kube kufika amanager uMrs Khumalo.

MRS KHUMALO: Bongani I need you in my office, right now

Wabe ephuma mrs Khumalo. NoBongani akachithanga skhathi wamulandela bayongena ehhovisi lakhe uMrs K. Ahlale ngale kwetafula uMrs K abheke ngakuBongani

MRS KHUMALO: Ehh, ngibona izinto ngendlela ezihamba ngayo. Ngabe ukahle? Konke ekhaya kuhamba kahle? Lento ka Nomfundo?... Kuyalunga kodwa?...

BONGANI: ay kuyalunga Ma'am. Kuyangena ekhanda

MRS K: sengisho phela makukhona ofisa ukukhuluma ngakho noma odinga usizo ngakho. Ngisho nanoma yin. Ngikhona(ekweqa amehlo enza sexy)

BONGANI:(Ngokuthuka) ye-yebo madam

MRS K: Ngisho noma yini Bongani(esukuma erounda uBongani emthinta thinta embrusha amahlombhe. Abuye agobe akhulumele endlebeni kuBongani) nanoma yin. Wena isho, yimi owakho

BONGANI: (Usethuke akazi nokuthi athini. Ulokhu egwinye amathe nje)

Kube kuvuleka iscabha.

APHIWE: Mrs K (ethuka naye esengaphakathi) khona engikphazamisayo?

MRS K: Okunjengani Aphiwe?

BONGANI: (Ezwe ekhululeka) cha akukho bese ngihamba. (Abe esukuma eshesha ezophuma ngomnyango eduze kwa Aphiwe)

APHIWE: ngilethe lama file ...

MRS K: (ngokucikeka) ey ey Aphiwe, awuphume la. Awuke uwabheke nawe lama file ey. Uvale umnyango emvakwakho futhi, nx

USbusiso no Zenzele basa lapha kuhall way. Bami khona bayaxoxa.

SIBUSISO: ey kodwa mjita bezibuya epartini kaBongs.

ZENZELE: ey ubonile ntanga. Ingane ubuthaphuthaphu.

SBUSISO: ngiginqe 4 mina, ungaka pheli umcimbi.

ZENZELE: (ngokuthuka) haa. Ay wingqwele. Mina sengivume wena.

SBUSISO: (ehleka) phela nguMabura. Sibusiso, the Blesser. Ingane ziyazifunela iBlessing

ZENZELE: (ehleka) weee awuzwe phela. (Ashintshe abe serious) Mfethu lento eyenzeke izolo lapha laBongs, yokuvele kushone umuntu kanje ya. Ayiqali ukwenzeka, right? Ey uBongs. Ngibona ukuthi kufane ageze mina.

SBUSISO: ey kona uqinisile mfethu. Lezinto ziyathusa. Mina angisaqondi ukuthi kwenzakalani. Noma kunespoki esilapha kwakhe noma zithini.

ZENZELE: ey nami angazi mfethu. Kodwa kumele ageze bese egeza naloya muzi wakhe.

SBUSISO: ey sokhuluma naye mebuya. Kazi bakhulumani lapha noMrs K

Wabe edlula eyishodi uBongani. Udlula bambona mabuqamama. Waze wayongena ematoilets.

SBUSISO: Iserious ke lenkulumo kade eyikhuluma noMrs K. Buka uphaphatheke kanjan

ZENZELE: ey mfethu. Yey akungabe uyasuspendwa or something. Asambe siyombheka mfethu. Umjita wethu phela lo.

Bathi bayasuka babone u-Aphiwe eyongena ematoilets abesilisa.

SBUSISO: (Ngokuthuka) Aibo. Uyaphi u-Aphiwe. Akazi yin ithoylethi lamajita leli?

ZENZELE: (Ehleka emangele) aibo imake. Ngabe bayihlanganise noBongs le?

SBUSISO: (Ehleka) yeywena. Asambe siyolunguza nabala babe besondela beyongena nabo.

Kusetoilets lapha uBongani uncike ngodonga usakhokha umoya. Lento eynzeke ehhovisi kucacile isamthusile. Uthe esaphefumula ekhokha umoya, wezwa ngescabha sivuleka.

BONGANI: (wathuka woma nasozwaneni) A-Aphiwe! Ufunani la.

APHIWE:(Ashaye lesmile esigangile) ngifuna wena. Wenzani la?

BONGANI: (Uvalo selusho ukumeqa) ng-ngizochama

APHIWE: (wabe evala umnyango wescabha besala noBongani ngaphakathi) ngingaksiza?(Emoyizela) Ngingathanda mina ukukuchamisa. (Embamba umphambili. Ulokhu ewudlalisa nje uphakathi ebh'lukweni)

NoBongani usejuluke umanzi te.

Kusemakhaya lapha, uMaMbhele uvuka isigubhukane ebuthongweni uthusa noDlamini ocambalele eduze kwakhe lapha phansi njengoba bezindlalele iscansi baphumula khona.

DLAMINI: (Ngokuthuka) aibo kaNtuli. Kwenzenjani manje.

MAMBHELE: (Usethuke wajuluka wamanzi te. Uphefumulela phezulu kusobala imthusile into kade eyibona) ngibe nephupho elibi kakhulu Baba. Ngiphuphe uBongani, ngithe ngisanake yena kwaqhamuka umakoti emva kwakhe. Izandla zakhe Baba. Zigcwele igazi

DLAMINI: Awu kodwa Mphemba. Lento isakuphuphisa kabi namanje. Wayelimele ukoti yikho ayegcwele igazi. Wena usanalesasthombe saleya nhlekelele.

MAMBHELE: cha Baba. Lelagazi akusilo lakhe umakoti. Abantu abaningi abahlukahlukene.

DLAMINI: hhaay MaNtuli ngathi ziyakushiyake manje. Lento yokulala emini ngikutshelile ukuthi ayilungile. Ayikho phela into enjalo.

MAMBHELE: (Echaza) Baba ngiyayazi into engiyibonile

DLAMINI: Uthini MaNtuli. Ubenegazi elihlaza? Usukwazi ukuhlukanisa amagazi manje wena? Angithi igazi lonke libomvu. Ay Mphemba musa ukudlala wena.

MAMBHELE: (ngokuthuka) ngiyamfonela mina uBongani. Ngichecke ukuthi ukahle yin? Futhi kumele sambe siyombheka Baba.

DLAMINI: wena ngabe uyasho uzikhumbulele uBongani nje...

Wadonsa ucingo lwakhe washaya inumber kaBongani.

Address


Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Zulu Novels posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Zulu Novels:

Shortcuts

  • Address
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share