Izindaba ku163

Izindaba ku163 Bukela izindaba zethu ku Mzansi Wethu Channel 163 ngo 17:00
(5)

02/01/2026

Umhlahlo wesimo sezulu.

02/01/2026

UMthwebuli wezithombe uMluleki Dlamini uthi ukuvula indawo yokulondoloza umlando weNgoma eyasungulelwa ukugcina ukuthula esizweni samaChunu eMsinga yikho okumgqugquzele ukuthi avule indawo yombukiso wengoma nezinto zesintu Ubumbano Arts Gallery e Thekwini.

02/01/2026

Iziphathimandla zezokuthutha eWestern Cape zinxuse abashayeli nabahamba ngezinyawo ukuthi balandele imithetho yomgwaqo njengoba kulindeleke ukuthi wenyuke umthamo wezimoto kulempelasonto nengoba esephela amaholide asehlobo.

02/01/2026

Abaphathi besikhungo semingcele i BMA bavakashele emngceleni wase Beitbridge namhlanje beyohlola ukuthi ingabe abantu abangena e Ningizimu Afrika bangena ngamaphepha afanele yini.

02/01/2026

Asashaqekile amalungu omndeni wakwa Yoko Engcobo e-Eastern Cape emva kokugasela kwabantu badubule amalungu ngosuku lomgidi.

02/01/2026

Badedelwe ngesixwayiso abasolwa ababili ababoshwe kulandela ukuhlaselwa komqaphi wezimoto eBuhlantini Marina Glen eMonti e-Eastern Cape ngasekuqaleni kwalelisonto.

02/01/2026

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal azingela abasolwa kulandela ukubulawa kwamalungu amane omndeni wa KwaCele KwaMdweshule, eMzumbe. Lesigameko senzeke ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi abalisa abangaziwa bengena kwaCele baphoqa ukuba banikwe imali ngaphambi kokudubula izisulu, maqede bacel'empunzini nomakhalekhukhwini ababili.

02/01/2026

Izakhamuzi zaseHammanskraal enyakatho yePitoli zifuna izimpendulo kuhulumeni njengoba ukugqoza kwamanzi osekudonse iminyaka kulendawo sekuphoqa iziguli ukuba zizithengele amanzi okuphuza esibhedlela i Jubille District.

02/01/2026

Ithimba labatakuli liyaqhubeka nokuthungatha abantu abathathu abaminze olwandle lwasePennington ogwini oluseNingizimu yekwaZulu-Natal. Laba bayingxenye yabantu abahlanu abaminze kulolulwandle izolo ntambama. Izolo kuphothulwe ukuthungatha sekutholakale izidumbu zabantu ababili omunye uhlengwe esaphila.

31/12/2025

Abaculi bomculo ohlukene bazokube beshiyelana inkundla ukusuka manje edilini lomculo elikhulukazi lokuhlukanisa unyaka i Year End Music Experience eWembezi Stadium e Mtshezi KwaZulu-Natal.

31/12/2025

Iziphathimandla eGauteng ziyaqhubeka nokuhlola isimo ezindaweni ezahlukene njengoba abantu belungiselela ukungena onyakeni omusha. Ithimba labezimo eziphuthumayo eGoli lihambele ezitolo ukuhlola ukuthi ingabe amabhizinisi ayayilandela yini imthetho yokudayiswa kweziqhumane.

Address

271 Oak Avenue
Randburg
1724

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba ku163 posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba ku163:

Share