Isolokhozi News

Isolokhozi News Isolokhozi News is the sister online news paper of Ezivuthayo Emaputaland. we give you exclusive news
(1)

umndeni wakwaSmelane ucela ukufuniswa uBayanda smelane alahleke ngezi 10 January 2026 esuka eSkhawini eya eJozini. Akasa...
12/01/2026

umndeni wakwaSmelane ucela ukufuniswa uBayanda smelane alahleke ngezi 10 January 2026 esuka eSkhawini eya eJozini. Akasatholakali efonini, ifoni yakhe ithi ayisa exist. Ngokuhlala uhlala e Haliyeni ufunda eMsiyane high School. Ongaba nolwazi lwakhe angafonela lenamba 076 399 2931

Sicela noma ngabe ubani umsamariya olungileyo ongaba nosizo.umculi kaMaskandi uCijimpi Ngcobo waseBabanango ukhala ngoku...
11/01/2026

Sicela noma ngabe ubani umsamariya olungileyo ongaba nosizo.

umculi kaMaskandi uCijimpi Ngcobo waseBabanango ukhala ngokukhishwa kwezingoma zakhe online. Sicela abangaba nolwazi lokuthi angayilungisa kanjani lenkinga abhekene nayo. Kumanje kunezingoma athi useqedile ukuzenza kodwa uyasaba ukuzikhipha ingakalungi inkinga yakhe. Wenze izingoma nezihlabani zikaMaskandi ezaziwayo okungu Saliwa kanye noShenge wasehlalankosi uMr hit maker.

Nansi inambolo atholakala kuyo 079 275 2095

10/01/2026

Sanibonani besisacela usizo nisisabalisela besisacela ukufuniswa ubaba owalahleka ngeminyaka yama 80s igama likababa uNdabeni silwayiphi Dlamini ozalwa ngu sanono Ngobese Kanye no ndwalimela Dlamini odadewabo ngu zani oganele kwamzila u Nikiwe, Siziwe Kanye no sfiso obedume ngo lulu umfowabo kuthiwa ugcine ukbonakala Empangeni wasehamba eye Thekwini ngonyaka odlule uqala yingakho sesiqalephansi simufuna ngoba sinethemba lokuthi usaphila kungenzeka abatwana bakhe noma abamaziyo bazobona ekhaya kuso lundi edlebe esgodini sasegcawini mina ngingu Nonhlanhla Dlamini ozalwa ngu mfowabo isthombe sakhe asisenaso ngabe siyasifaka sicela mangabe kukhona onosizo athinte le number 0647379248 noma u 0665912698

uMonnapule Saleng usejoyine i-Mamelodi Sundowns.
09/01/2026

uMonnapule Saleng usejoyine i-Mamelodi Sundowns.

Inhlangano engenzi inzuzo IZINGQALABUTHO YOUTH PROJECT (NPO) ngokubambisana na Mazizi Community Advise (Paralegal) ivale...
19/12/2025

Inhlangano engenzi inzuzo IZINGQALABUTHO YOUTH PROJECT (NPO) ngokubambisana na Mazizi Community Advise (Paralegal) ivale unyaka ngokukhuthaza isizwe saMazizi ngokugwema ukuhlukunyezwa ngokobulili obuhlukahlukene,ukuziphatha kahle njengoba sibheke kumaholidi kaZibandlela.UThulie Mthembu uyibeke yacaca into yokuthi beyileNhlangano abazwani nokuhlukumezana ngokobulili futhi bazolwa nalesihlava.UMnumzane uBafana Motoung ubonge kakhulu ama stakeholders abekhona:Induna uMiya,Mom Joyce Shabalala Ward 06 Warroom,Nks Hlengiwe Zondo(Paralegal),Mnu Nhlabathi IEC,Mnu Hlatshwayo Disaster Okhahlamba LM,Mnu Jay Njoko Traffic Department,Mnu Mhlongo SASSA,Surgent Sthole Ematsheni Police Station,AmaCiko ethu IMBONGI YOKUTHULA,AMAVULANDLELA MASKANDI and SJUMBA bonke besho ngazwi linye ukuthi not in My Name👏🙏🏿Lomcimbi bewuhanjelwe obe isikhulumi sosuku onguSekela Meya oKhahlamba Municipality Nkk Nothile Shabalala Mzinyane owethulwe nguMama ongumholi endaweni uNkk Nonsikelelo Thundezwa Ndlovu othe ugcizelela ukuthi konke okushiwo zikhulumi akube okungenayo ezindlebeni zabantu konke silweni nokuphambene ukuze intsha ibe nekusasa eliqhakazile njengezimbali zezwe.

Uhlelo luphathwe ngobuchwepeshe nguMsunguli weNhlangano uMnu Mondli Ngcobo kanye noseMkantshubomvu ezintweni zokusiza umphakathi uMnu Phumlane Makati**Phakathi odabuka eBusingatha babonge kakhulu nakuMhwebi uNkz Thandi Zwane obaphekele ukudla okwehle esiphundu👏👏👏

Umcimbi kaMthandeni Manqele iSummer experience oba mnyaka yonke uzoba ngezi 03 January ngakubo emdletsheni.
19/12/2025

Umcimbi kaMthandeni Manqele iSummer experience oba mnyaka yonke uzoba ngezi 03 January ngakubo emdletsheni.

Ukhomishana wamaphoyisa kazwelonke uFannie Masemola wethule izimoto zamaphoyisa ezingu 162 esifundazweni saseGoli.
19/12/2025

Ukhomishana wamaphoyisa kazwelonke uFannie Masemola wethule izimoto zamaphoyisa ezingu 162 esifundazweni saseGoli.

UCristiano Ronald uzobonakala emdlalweni bhanyabhanya wakumabonakude i-Fast and Furious.
19/12/2025

UCristiano Ronald uzobonakala emdlalweni bhanyabhanya wakumabonakude i-Fast and Furious.

Ukhomishana kaZwelonke uFannie Masemola uthi phansi amaphaphu umuntu obulele uWarrick "DJ Warras" Stock uzoboshwa ngapha...
19/12/2025

Ukhomishana kaZwelonke uFannie Masemola uthi phansi amaphaphu umuntu obulele uWarrick "DJ Warras" Stock uzoboshwa ngaphambi kokuthi kushaye uMsombuluko, uthi futhi umuntu owaziwayo.

uJacinta Zinhle MaNgobese Zuma wesekwe umculi kaMaskandi uBaba umhlonishwa uPhuzekhemisi kwimashi ehlelwe iMarch and Mar...
19/12/2025

uJacinta Zinhle MaNgobese Zuma wesekwe umculi kaMaskandi uBaba umhlonishwa uPhuzekhemisi kwimashi ehlelwe iMarch and March yokuhlonipha nokukhumbula iqhaza lika Warrick Robert Stock obedume ngelika Dj Warras.

UDj Warras udutshulwe wabulawa eGoli eduzane nebhilidi ebiligadwa inkampani yakhe. Kusolwa owesifazane ngokuba ngungqondongqondo ekusocogweni kukaDj Warras.

Ngezi 31 zikaDecember phakathi kwamabili uLinda Mr magic Sibiya uzohlukanisa unyaka eGagasini FM ehambisana noFelix Hlop...
19/12/2025

Ngezi 31 zikaDecember phakathi kwamabili uLinda Mr magic Sibiya uzohlukanisa unyaka eGagasini FM ehambisana noFelix Hlophe kanye noSelbeyonce.

uLinda Mr magic Sibiya inkosi yabasakazi, hamba uyobuka video yakhe epagin leGagasi FM uzozibonela lento engikhuluma nga...
19/12/2025

uLinda Mr magic Sibiya inkosi yabasakazi, hamba uyobuka video yakhe epagin leGagasi FM uzozibonela lento engikhuluma ngayo. Uyabona uma esakaza ukuthatha akubeke, ukhuluma nowowonke umuntu olalele umsakazo. ukwenza uzizwe uyingxenye yomsakazo. Khula undlondlobale qhawe lakithi, Sibiya waseKZN.

Address

Roodepoort

Telephone

+27636293213

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isolokhozi News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Isolokhozi News:

Share