Isolokhozi News

Isolokhozi News Isolokhozi News is the online Zulu Digital newspaper. We give you exclusive news in your local language.
(1)

Sekushe kwaNgqongqa isikole samabanga aphezulu I Sphapheme high school esisogwini nekwaZulu natal endaweni yakwa Dumisa....
12/08/2026

Sekushe kwaNgqongqa isikole samabanga aphezulu I Sphapheme high school esisogwini nekwaZulu natal endaweni yakwa Dumisa. Lesisikole sishiswe kuzosa kube izolo kusolakala laba abangamaphara endawo kanti abanye basola ugesi. Kepha amahebezi manongi asola isanda somuntu. Lesisikole sidume ngokuba ezinye ezikhiqiza imiphumela emihle kakhulu uma kuza kumatikuletsheni results.

Seziningi izigameko zokugqekezwa kwaso kuthathwe ama computer nokunye nokunye. Njengelunga lomphakathi ngingumfoka Nzimande abamazi ngo Derrick endaweni besicela uhulumeni angenelele sekuphepheni kwalesisikole Kanye namaphoyisa ikakhulukazi ase Sawoti. Ukufa kwesikole kusho ukulimala kwekusasa labantwana. Uma kuyisandla somuntu akatholwe umenzi ajeze ngoba ubulwane lobu

I-SOUTH AFRICAN CHURCH DEFENDERS IYAQINA EMPINI YOKUPHIKISA UKULAWULWA KWAMABANDLA — “UHULUMENI KUMELE AZWE UKUTHI IBAND...
11/08/2026

I-SOUTH AFRICAN CHURCH DEFENDERS IYAQINA EMPINI YOKUPHIKISA UKULAWULWA KWAMABANDLA — “UHULUMENI KUMELE AZWE UKUTHI IBANDLA ALIDLALI”

Inhlangano i-South African Church Defenders, eholwa nguSihlalo wayo uPastor Mukhuba, isiqinise kakhulu umkhankaso wayo wokuphikisana nanoma yiluphi uhlelo lokufakwa kwe-regulator ezolawula amabandla kanye nezenkolo eNingizimu Afrika.

UPastor Mukhuba, ehambisana nabefundisi, abaholi bamabandla kanye nezinkulungwane zamakholwa, uthumele umyalezo oqondile kuhulumeni wokuthi iBandla ngeke lihlale lithule uma inkululeko yalo yokukhonza, ukuzimela kanye nokusebenza ngokwenkolo isengcupheni. Lokhu kubonakale ngemashi enkulu ebibanjelwe ePolokwane, eLimpopo, lapho izinkulungwane ngezinkulungwane zamaKrestu zihlangane khona, zamasha ngezwi elilodwa zithi:

“HANDS OFF THE CHURCH!”

I-South African Church Defenders ithi uhulumeni kumele aqonde ukuthi ukukhathazeka kwamabandla akusona isikhalo esizodlula nje kuphela, kodwa kuyisimo esidinga ukuphendulwa ngokucacile nangokuphuthumayo.

Inhlangano igcizelele ukuthi ngeke yamukele izinhlelo ezingase ziphenduke indlela yokuphazamisa, ukucindezela noma ukulawula ngokweqile ukusebenza kwamabandla.

Abefundisi namakholwa bathi iBandla linendima enkulu emphakathini — lisiza abampofu, lisekela imindeni, lilwa nezidakamizwa, ubugebengu, udlame,indlala kanye nezinye izinselelo zomphakathi — ngakho akumele liphathwe njengento okumele ilawulwe ngaphandle kokulalelwa ngokugcwele.

Imemorandamu idluliselwe eHhovisi likaNdunankulu waseLimpopo, lapho izikhalo kanye nezimfuno zomphakathi wamaKrestu zibekwe khona ngokusemthethweni.

UPastor Mukhuba kanye ne-South African Church Defenders bathi umkhankaso awupheli ngemashi eyodwa. Bazimisele ukuqhubeka nokusebenzisa zonke izindlela ezisemthethweni nezokuthula ukuqinisekisa ukuthi izwi leBandla liyazwakala.

“IBANDLA ALIDLALI. INKULULEKO YEZENKOLO AYITHENGISWA, AYIXOXISWANWA NGAYO NGAPHANDLE KWEBANDLA, FUTHI ANGEKE SITHULE UMA AMALUNGELO AMAKHOLWA ESENGCUPHENI.”

UHULUMENI KUMELE AZWE.
IBANDLA LIMI NGOBUNYE.
IBANDLA ALIHLEHLI.

TOGETHER WE STAND.
TOGETHER WE DEFEND.

Missing Teenager: Tongaat – KZNPublic assistance is requested to locate Ayanda Ncube (16) who was reported missing Emona...
02/08/2026

Missing Teenager: Tongaat – KZN

Public assistance is requested to locate Ayanda Ncube (16) who was reported missing Emona, Tongaat – KZN after she went missing yesterday (Saturday, 01/08/2026).

According to her family, Ayanda left home at approximately 13:30. Her disappearance was only discovered when her mother returned home at approximately 17:00. The teenager had not indicated where she was going and there had been no argument or disagreement between them prior to her leaving.

Ayanda is a learner at Nkosibomvu Secondary School. She was last seen wearing a black skirt, a leopard print short-sleeved T-shirt, and was carrying a purple backpack. She has a birthmark on the right side of her face.

Anyone with information regarding Ayanda Ncube’s whereabouts is requested to contact Reaction Unit South Africa (RUSA) on 086 1234 333 immediately.

Please share.

UMCIMBI WOKUGQUGQUZELA INTSHA NAMATSH*TSHI UBE YIMPUMELELO E-STABLE THEATRE, ETHEKWINIeThekwini — IStable Theatre ibiyin...
14/07/2026

UMCIMBI WOKUGQUGQUZELA INTSHA NAMATSH*TSHI UBE YIMPUMELELO E-STABLE THEATRE, ETHEKWINI

eThekwini — IStable Theatre ibiyindawo yomcimbi omkhulu wokugqugquzela amatsh*tshi nentsha ukuba iziqhenye ngobuwena bayo, ihloniphe amasiko, futhi iziphathe ngendlela eyakhayo emphakathini. Lo mcimbi ubuhlose ukwakha isizukulwane esiqinile, esinolwazi, nesinesimilo esihle.

Abahleli balo mcimbi, uDkt. Thandeka Madlala Khathi noMiss Wama 2K, babonge bonke abebehambele lo mcimbi ngokweseka umgomo wokufundisa intsha ngokubaluleka kwamasiko, inhlonipho, ubuntu nokuziphatha ngendlela efanele. Baveze ukuthi intsha efundisiwe nenesimilo iyona eyakha ikusasa eliqhakazile lomphakathi.

Izikhulumi ezahlukene zigcizelele ukubaluleka kokugcina amasiko ephila, ukuhlonipha abadala, nokuba yizibonelo ezinhle emphakathini. Kuphinde kwagqugquzelwa intsha ukuba isebenzise amathuba anjengalawa ukuze ithole ulwazi oluzoyisiza ekwakheni ikusasa layo.

Lo mcimbi wamukelwe kahle ngabebehambele wona, abaphume benolwazi olusha nesikhuthazo sokuba baqhubeke nokuhlonipha amasiko abo nokuphila ngobuntu.

Abahleli, izikhulumi, izivakashi nabaxhasi babongwe ngokwenza lo mcimbi ube yimpumelelo enkulu.

Masigcine amasiko ethu ephila, sakhe intsha enesimilo, sakhe ikusasa elingcono.

Intatheli ebhalile
Obhalakahle kwi Tongaat tv

I-MsengiWamabhubesi Foundation Iqinisa Ukubambisana Ekusekeleni i-Duduza Care CentreUMsunguli noMholi weMsengiWamabhubes...
04/07/2026

I-MsengiWamabhubesi Foundation Iqinisa Ukubambisana Ekusekeleni i-Duduza Care Centre

UMsunguli noMholi weMsengiWamabhubesi Foundation, uDkt. P.S. Dlamini, kanye noMphathi Wezinhlelo wenhlangano, uMfu. Vusumuzi Kunene, ophinde abe nguSihlalo weNewcastle Municipality Religious Interfaith, bahambele umhlangano wokuhlela i-Duduza Care Centre Fun Walk, okuwumkhankaso wokuqongelela izimali ohlelwe yiRoman Catholic Church.

Umhlangano ubuhlose ukuhlanganisa ababambiqhaza abahlukene ukuze kuqinisekiswe impumelelo yomkhankaso wokweseka iDuduza Care Centre, isikhungo esihlinzeka ngezinsiza ezifana nokunakekelwa kwabagulayo, usizo lwezenhlalakahle, ukuthuthukiswa kwentsha, ikhishi lomphakathi nezinye izinhlelo ezithuthukisa imiphakathi.

Abamele izinhlaka ezahlukene ezivela e-Amajuba nase-uMzinyathi, okubalwa iSAPS, Traffic Services, izikhulu zikamasipala, i-Atlantics Organisation, abasebenzi baseDuduza Care Centre, abaholi bezenkolo kanye nezinye izinhlangano zomphakathi, bahlanganyele emhlanganweni.

I-MsengiWamabhubesi Foundation iyaqhubeka nokuzibophezela ekwakheni ubudlelwano obuqinile nasekusekeleni imikhankaso ethuthukisa impilo nenhlalakahle yemiphakathi.

Umhlangano ububanjelwe kuyo i center e Wasbank.

"Sisonke sakha umphakathi onethemba, onobunye nentuthuko."

30/06/2026

Isimo endaweni yaso Tongaat emagwaveni simi kanje

"Umholi Wezenkolo Ugqugquzela Ukuthula Nobumbano Njengoba Sekubheke Okhethweni LwangoLwezi" 🇿🇦Rev Vusumuzi Sifiso Kunene...
23/06/2026

"Umholi Wezenkolo Ugqugquzela Ukuthula Nobumbano Njengoba Sekubheke Okhethweni LwangoLwezi" 🇿🇦

Rev Vusumuzi Sifiso Kunene unxusa amaqembu ezepolitiki, abaholi benkolo kanye nomphakathi ukuthi babeke ukuthula, ukuhloniphana nobumbano phambili ngesikhathi sokhetho oluzayo.

UDKT UMGCWABOUYAHLEHLA UTHOLE IKHAYA KU ACTIONSAIzolo, mhla ziyi-10 kuNhlangulana (June) 2026, uDkt uMgcwabouyahlehla we...
12/06/2026

UDKT UMGCWABOUYAHLEHLA UTHOLE IKHAYA KU ACTIONSA

Izolo, mhla ziyi-10 kuNhlangulana (June) 2026, uDkt uMgcwabouyahlehla wemukelwe ngokusemthethweni njengelungu le-ActionSA emcimbini obuhanjelwe amalungu nabaholi beqembu.

Ekhuluma ngemuva kokwemukelwa kwakhe, uDkt uMgcwabouyahlehla uzwakalise injabulo enkulu, wathi uzizwa sengathi usefikile ekhaya. Uveze ukuthi isikhathi eside ubesebenza nomphakathi ngenhloso yokuletha ushintsho nokuthuthukisa izimo zabantu ngaphandle kokubheka inzuzo yakhe.

Uqhube wathi kubantu abaningi abasebenzela umphakathi ngokuzinikela, ezepolitiki kwesinye isikhathi ziba udonga oluvimba intuthuko kanye nokufezeka kwezinhloso ezinhle zomphakathi. Nokho, ukungena kwakhe ku-ActionSA kumvulela ithuba lokusebenza ngokubambisana nabanye ukuze kube khona izinguquko ezibonakalayo ezizoletha impilo engcono kubantu.

Uphinde wanxenxa umphakathi ukuthi ubambisane nabaholi abazimisele ukusebenza ngobuqotho nangokuzinikela, ukuze kwakhiwe umphakathi onamathuba alinganayo futhi onentuthuko esimeme.

"Ngithokoze kakhulu ngokwemukelwa kwami ku-ActionSA. Ngizizwa sengathi ngithole ikhaya lapho ngizokwazi khona ukuqhubeka nokusebenzela abantu nokuletha umehluko ezimpilweni zabo," kusho uDkt uMgcwabouyahlehla.

I-AMAJUBA DISTRICT MUNICIPALITY RELIGIOUS INTERFAITH IBE YINGXENYE YENGXOXO YASESIFUNDAZWENI MAYELANA NABOKUFIKA ABANGEN...
12/06/2026

I-AMAJUBA DISTRICT MUNICIPALITY RELIGIOUS INTERFAITH IBE YINGXENYE YENGXOXO YASESIFUNDAZWENI MAYELANA NABOKUFIKA ABANGENAWO AMAPHEPHA ASEMTHETHWENI

Umkhakha Wezenkolo eSifundeni sase-Amajuba, omelelwe ngu Mfu. Vusumuzi Kunene, kanye no Mfundisi Gule wase Dannhauser Local Municipality Religious Interfaith no Mdidiyeli uMfundisi Mabaso, ubeyingxenye yengxoxo yesifundazwe (Provincial Roundtable) ebidingida udaba lwabokufika abangekho emthethweni nabangenawo amaphepha asemthethweni.

Le ngxoxo ibiholwa nguNdunankulu waKwaZulu-Natali, Mhlonishwa Thami Ntuli, futhi ibibanjelwe e Archie Gumede Conference Centre eMayville, eThekwini, namuhla.

Le nkundla ihlanganise izinhlaka ezahlukene zikahulumeni, izinhlangano zomphakathi, izinhlangano zezenkolo, ubuholi bendabuko kanye nabanye ababambiqhaza ukuze kubhekwe izinselelo ezibangelwa ukufuduka kwabantu ngokungemthetho, ukuphathwa kwezindaba zokufika kwabantu bakwamanye amazwe, ukuphepha kwemiphakathi, ukubumbana komphakathi kanye nokugcinwa kwemithetho yezokufika ezweni.

Ukubamba iqhaza kwe-Amajuba District Municipality Religious Interfaith kukhombisa ukuzibophezela komkhakha wezenkolo ekuletheni izixazululo, ukukhuthaza ukuthula nokubumbana emphakathini, ukuvikela isithunzi sabantu, kanye nokusebenzisana nezinye izinhlaka ekubhekaneni nezinkinga ezithinta imiphakathi yaseKwaZulu-Natal.

Abaholi be-Interfaith bamukele leli thuba lokuxoxisana nobuholi besifundazwe kanye nabanye ababambiqhaza ngenhloso yokuthola izixazululo ezisimeme, ezihlonipha umthetho, ezivikela izakhamuzi futhi ezibheka nesidingo sobuntu kubo bonke abantu.

ISITATIMENDE SAKWA MSENGIWAMABHUBESI FOUNDATION NGOKUVAKASHELA E-DUDUZA CARE CENTRE E-WASBANKI-MsengiWamabhubesi Foundat...
07/06/2026

ISITATIMENDE SAKWA MSENGIWAMABHUBESI FOUNDATION NGOKUVAKASHELA E-DUDUZA CARE CENTRE E-WASBANK

I-MsengiWamabhubesi Foundation ibe nenhlonipho enkulu yokuvakashela e-Duduza Care Centre e-Wasbank njengengxenye yokuzibophezela kwayo ekuqiniseni intuthuko yomphakathi kanye nokwakha ubudlelwano obuqinile nezinhlangano ezisebenzela abantu abaswele nabasengozini emphakathini.

Ngesikhathi sokuvakasha, iSisekelo samukelwe ngemfudumalo ngabaphathi kanye nabasebenzi base-Duduza Care Centre. Ithimba lithokozile futhi lakhuthazeka ngomsebenzi omuhle nowubalulekile owenziwa yilesi sikhungo ekunakekeleni nasekuphakamiseni izimpilo zamalungu omphakathi.

Lolu hambo lunikeze ithuba lokwabelana ngombono, ukuxoxisana kanye nokubheka amathuba okubambisana ngenhloso yokuthuthukisa izimpilo zalabo abahlomula ngezinsizakalo zesikhungo. ISisekelo siphinde sathola ulwazi olubalulekile mayelana nezinselelo kanye nempumelelo ebhekene nalesi sikhungo emsebenzini waso wansuku zonke.Loluhambo beluholwa ngu Program coordinator Rev Vusumuzi Kunene kanye nomsungulu omkhulu we MsengiWamabhubesi Foundation u Dokotela PS Dlamini.

I-MsengiWamabhubesi Foundation incoma kakhulu i-Duduza Care Centre ngokuzinikela, uthando kanye nokusebenza ngokuzimisela ekusizeni umphakathi waseWasbank kanye nesifunda sonke saseMzinyathi. Lesi sikhungo siyaqhubeka nokuba yithemba nokweseka kubantu abaningi nemindeni eswele.

ISisekelo sibheke ngabomvu ukuqhubeka nokuxhumana kanye nomhlangano wokubuyekeza okuvunyelwene ngawo, lapho kuzophinde kuxoxiswane khona ngamathuba okubambisana kanye nezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi.

Sikhishwe yi:
MsengiWamabhubesi Foundation
Umsunguli noMqondisi: uDkt P.S. Dlamini

"Ngokubambisana singakha imiphakathi eqinile, enothando nenethemba."

Address

Roodepoort

Telephone

+27636293213

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Isolokhozi News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Isolokhozi News:

Share

l="false"> Add listing
  • Login
  • Subscribe

    We will notify you when anything happens in Roodepoort.