Izindaba nemidlalo emifishane

Izindaba nemidlalo emifishane Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Izindaba nemidlalo emifishane, Digital creator, othulini lweZulu, Tugela Ferry.

12/02/2026

ngsazoqhubek nginibhalele inkinga kukhona okusaangvimbil o kungibambil cel ningadinwa

04/02/2026

kungekudala uzoqala umdlalo wethu omfishane osihloko sithi "NGIJEZELA IQINISO"

04/02/2026

IZWI LIKAMAMA
Isiqephu sesbili

Lasa elingaliyo kwaphoqa ukuba ngizilungiselele indlela eyayibheke khona le kwelikabhanana.
"Mntanami impela okuhle nomusa makukulandele ungalibali lapho o ovela khona,uqaphele njalo mntanami izinto zakulelizwe",umama loyo owayesengipha amazwi okuvalelisa njengoba umthwalo wawususobhokweni kwazise ngangifuna nokufika ngibheke nokuyindlu engangizohlala kukhona bude buduze nalapho engangiyosebenzela khona.
Endleleni ingqondo yami yayithatha ibeka kwazise leliphupho lomfula owawugcwele udla amagalane usho kungimukisa nezingodo lalilokhu lihlezi liziphindaphinda ngizibuze kuthi ubani ongangipha umhlahlo walo,ngathi ngisekuwo lowomcabango ngezwa umshayeli esethi sesingehla isisekugcineni itekisi.
Cha nami ngathatha izikhwama zami ngadilika ngaqonda kulelenki engangizogibela kuyo kwazise nganginalo ulwazi oluncane ngalo itheku.

Ngathi ngisahamba nje kahle kuqhamuke okwabafana ababili okwakubonakala nje kuzingcolele kuza kubhekise ngakimi,nami ngazama kuziqinisa isbindi
"Eita brazo letha izimpahla sikuphathele soushiya la kule renk oya kuyo",kusho lokh kwabafana kusondela
"Khululekani madoda akukho oku.."angihange ngisaliqeda lelo ngezwa ngento idlula neskhwama Sami engangisigaxile ukuthi waqhamukaphi ngingeke ngakuchazela ngoba phela kwakuyisiphithiphithi.Ngathi ngsababaza lokho kwakusuka okunye futhi kulaba ababecela kungiphathisa kwase kuthatha Sona ke lesi esasiskhulu sigcwele izimpahla zokugqoka
Kwavele kwaduma ikhanda izinyembezi zavele zazehlela ngizibuza kanti kunjani eThekwini ngoba yonke lento yenzeka phambi kwabantu bayangibuka nje akekho nozama ukungisiza

Ngavele ngahlala phansi ngadla amathambo engqondo kwasho khona ukuthi ngenhlanhla amaphepha ayebalulekile ayesale eskhwameni lesi engangisigaxile.
Into eyangifikela kuqala ukuba angithole umuntu ongangisiza noma ngendlu ngifihle ikhanda njengoba vele kwakungasekho nemali yokuth ngiyofuna eyami engangizoyiqasha
"weew kodwa ngzobaqala ngaphi nje abantu bakulendawo njengoba sengbonile nje ukuthi usizo into abangenayo sdalo?Pho ngenzenjani ngiyolala emgwaqeni,Cha ngeke kulunge sekungabe nginikela ngempilo yami Kanye nakho lokhu okusalile"ngangizibuza ngiziphendula ngyasola kwamina ngase ngiphenduke uhlanya
Ngasukuma kancane kancane ngahamba nami angazi ukuthi ngangiyaphi kepha la engaphaphama khona ngezwa owesfazane owayesekhala kakhulu eduze kwami

Iyaqhubeka

31/01/2026

IZWI LIKAMAMA
Isiqephu sokuqala

kwakungulwesihlanu emini nje yasekuseni Kanti nelanga lalipholile nje kahle ngibuyela ekhaya kwazise injabulo yayibhalwe ebusweni kimina njengoba ngangithole ucingo kwenye yezinkampani ezinkulu khona la eThekwini,nalelitekisi engangihamba ngalo kwakungathi lihamba kancane ngoba Mina ngase ngijahe ukufika ekhaya ngibikele umama N**i izindaba ezazimnandi.
Yashosholoza itekisi idlula komgungundlovu ibheke Khona le komgungundlovane kwazise kwelakithi kwakuseMsinga endaweni yasoThulini,yaze yafika ke nokho noma kwasekukade nokwathi lapho engibona umama weza Kimi ngenjabulo.
"Hawu ndodana!awusasho ngani ukuba uyeza ukuze unyoko ebezokulungisela akuhlabele neqhude"Esho ehleka
Cha mama empeleni bengingahlelile ukuza lapha kepha Kube nezindaba engizitholile nengibone ukuthi mangiphithume ngize Mina mathupha ngizokubikela.
"Aybo ngiphuthume Wena sekwenzenjani,kungabe unenkinga yini mntanami?"ebuza ngokuxwaya ubona nje ukuthi cha uyakhathazeka yeka impela
ngihleke kancane ngithathe icansi ngihlale phansi ngenabe kuhle kwentombi,Empeleni mama izolo lokhu ngithole ucingo luvela kwenye yezinkampani eThekwini obelungibizela emsebenzini ngiyaqala nje ngomvulo Lo esiya kuwo yingakho ngithe mangiphithume ngizokutshela ngizothatha nezibusiso zalapha ekhaya
ngathi ngiqeda kusho njalo nje wabe eseqalile ekikiza egcaluza indlu yonke,kwaba nomoya wenjabulo lapha endlini ubona nje ukuthi ukaMaNene iyamjabulisa lento.
"Hawu kodwa mntanami ngiyabonga ndodana ngiyabonga Ngwane yehheeni,ngathi ngiyaphupha impela"
Sahlala ke usuku lonke njengoba ngangizimisele ukulala ekhaya ngivuke ngakusasa ngesabatha ngibhekise amabombo kwelikabhanana lapho engase ngiyoqala khona impilo entsha

Ngalobo busuku abufikanga Kimi ubuthongo ngithatha ngibeka ngibeka nayo belu lendlu engakhulela kuyo ngisho nje ngenhliziyo ukuba cha sekuyiso ke iskhathi sokuthi NAMI ngike ngenze ikhaya lakithi lifudumale njengoba ngase ngutholile umsebenzi,ngibuka phezulu lezimbobo nothayela owase umdala ngaba nokujabula ngokuthi Yebo angazi ukuthi ubaba washinaphi kepha ke namuhla umsebenzi owamehlulayo ngizomenzela ukuze noma kuyothi lapho ebuya asithole siphila impilo efana neyabantu bonke,ekucabangeni kwami ubaba ngezwa ngigcwala intukuthelo ngizibuza ukuthi yini le engaka esamenza Yona ukuba aze asilahle ngaloluhlobo.
Angazi ngokuthi ngazumeka Nini kepha ngaphaphama phakathi kwamabili ngivuswa iphupho elalingelihle neze nelangenza ngangabaza nokuvuka ekuseni ngihambe

Iyaqhubeka

30/01/2026

IZWI LIKAMAMA introduction

Igama lami nguLindo kanti ngikhulele ekhaya lapho ebesidla imbuya ngothi,empeleni besiyisibonelo senhlupheko kwazise usizi besilumbathile.Ngikhuliswe ngumama eyedwa kwazise ubaba wabhunguka ngisemncane kakhulu,nokho ke umama ubewabevuka nami kwaze kwaba ngiyaaiqeda isikole.Emqondweni wami ngangithi uma ngzobuya kwimfundo ephakeme ngizobuya ngivuse lamaxhibana odaka akithi okwakuthi noma silele sibale izinkanyeI zezulu,kepha ke konke lokho kwashintsha lapho impumelelo isifikile ngiyibambe ngezami izandla mhlawumbe kwasekuyikho belu ukuthi ukhamba lufunze imbiz.

Noma kunjani kepha ke uthando lwamanga olwangiholela ophathe lwangivala amehlo ngazilibala mina neziviso zami ngazishaya indiva kwazise konke kwase kuza kalula.Kwala ngisho umama esengikhuza engibonisa njengenhlala yenza kepha ke inhliziyo yami yayisiconsela ubuhle obuphambi kwami engangingabazi ekukhuleni kwazise akekho owayenendaba nami nenjabulo yami

siyeza isiqephu sokuqala lindela

29/01/2026

Izwi Likamama cela nilindele nayi indaba esoqala ngayo maduze

27/01/2026

sanibonani ngicela support yen ngyathembisa usuku nosuku ngzoba nendaba Kanye nomdlalo engizokufaka

Address

Othulini LweZulu
Tugela Ferry

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba nemidlalo emifishane posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share