02/10/2026
π
ISilo uShaka sibhekana neNkosi uZwide π€ΊπͺΆπΏπ¦
INkosi uZwide ngale nkathi ithumela eSilweni uShaka yayisinamandla amakhulu futhi isingumbusi wezwe lonke elalisenyakatho nomfula u Thukela. INkosi uZwide yayisithi isikweletu ngokosiko Iwesintu sikhokhwa yinkosana, ngakho iSilo uShaka asilethe lawo makhosazana esawethenjiswa yiSilo uSenzangakhona sisaphila. INkosi uZwide yabona ukuthi isilitholile isu lokuholela iSilo uShaka ogibeni lokuthola ikhanda laso.
Kwathi lapho izithunywa zeNkosi uZwide zifika nalawo mazwi eSilweni uShaka sathukuthela sathelwa ngamanzi lokhu vele sasisayibambele igqubu iNkosi uZwide lokuthi yayibulele iNkosi uDingiswayo.
Phela iSilo uShaka sasiyibiza iNkosi uDingiswayo ngokuthi inguyise ngoba iyona eyasikhulisayo. ISilo uShaka saphendula izithunywa zeNkosi uZwide sathi; "Ngeke mina nginikele ngamakhosazana obukhosi bukaZulu kulolo lugagada oludala oselwaqeda amaKhosi omhlaba. Uma ewafuna amakhosazana aseNdlunkulu akeze ezowathatha yena uzokuthola akufunayo"
ISilo uShaka sasho lawo mazwi emveni kokuba sesehlule iNkosi uPhungashe owayehlupha uyise waso. Samxosha uPhungashe samweza iMfolozi emnyama wayongenisa ezweni likaZwide esephaphatheka waze wafike wakhonza khona. INkosi uZwide yabuza ukuthi ngempela leyo Nkosi engaxosha iNkosi enkulu njengawe Phungashe ezweni layo ibaleke ilishiye, ngempela ingakanani? INkosi uPhungashe yaphendula yathi; "Ngumfana nje, kepha impi yakhe ilwa njengomlilo wequbula engingakaze ngiwubone empilweni yami futhi iholwa nguye mathupha." INkosi uZwide yathukuthela yayiphaka impi yayo ithi izochoba intwala nje kuleli
Gamanxandukwana likaSenzangakhona. Impi yelembe yenza izimanga ezazingabhekiwe umhlaba ngokwehlula iNkosi uZwide kalanga.
Ukunqotshwa kweNkosi uZwide kwanikeza iSilo uShaka ithuba lokuba sakhe uhlobo lombuso esasinephupho elithile ngawo. Sazihlanganisa zonke izizwe ezazehlulwe yiNkosi uDingiswayo kanye nalezo ezazehlulwe iNkosi uZwide.
ISilo uShaka sayiphaka impi yaso saze saphumela ngaphandle kwemingcele yezwe laso. Ngale nkathi sikulo mkhankaso wokubumba umbuso kaZulu sawanqoba amakhosi ezizwe ezahlukeneyo saze sayokuma ngomfula iZambezi enhla, kwathi ezansi sayokuma ngomfula uMzimvubu. Sahlanganisa izizwe zabeNguni kanye nezabeSuthu sakha ngazo umbusokazi omkhulu kaZulu.
Naphezu komsebenzi omkhulu kangaka owenziwa iSilo uShaka kepha sibonakala singeyena umuntu owayefuna ukuzakhela udumo Iwaso. Sasisemalungelweni amakhulu okuba izizwe lezi esase sizinqobile sizibize ngokuthi zingamaShaka kepha asikwenzanga lokho, sedlula sazethula koyinsika yenhlabathi nabantu iNgonyama uZulu 1 kaMalandela.
Umkhonto esanqoba ngawo lezi zizwe sasiwakhelwe yiNkosi uMabhodla wesizwe sakwaMbonambi, endaweni yaseNhlabane namuhla eyaziwa ngokuthi kuseRichard's Bay. ISilo uShaka yisona esaba nohlelo lokuthi sifuna lo mkhonto waso wenziwe ume kanjani ukudla kwawo kanye nothi lwawo.
AbakwaMbonambi bathi iNkosi uMabhodla yaphuma namadoda bayohlala entabeni yemiHlwathi ephezu kolwandle, bazila ukuya ezindlini zabo. Benza imihlatshelo yezinkomo ezimnyama khona lapho entabeni, becela ukuba abaphansi baveze insimbi yokwenza lowo mkhonto weSilo.
Kwathi ngemuva kwezinsuku ezithile bavuka ekuseni bayithola insimbi incibikile yoma ngaphezu kwesihlabathi. INkosi uMabhodla yayiwatshelile amabutho ngenkathi iphuma nawo ekhaya layo ukuthi insimbi yalowo mkhonto yayingezukumbiwa phansi kepha yayizolethwa iziNyandezulu zobukhosi bukaZulu ezingamathongo eSilo uShaka.
INkosi uMabhodla yayithatha insimbi leyo yayithaka nemilingo yayo yase ikhanda umkhonto owawufunwa yiSilo uShaka.
Isizwe lesi sakwaMbonambi saziswa kakhulu ngokuthi asikaze silichithe igazi ngokulwa izimpi zemibango yokubuswa kwezwe.
Ngakho kunenkolelo yokuthi iSilo uShaka sembulelwa satshelwa ngabaphansi ukuthi asilande umkhonto waso eNkosini uMabhodla. Kuzokhumbuleka ukuthi ngenkathi iNgonyama uSenzangakhona ivakashele iNkosi uDingiswayo kwaMthethwa, uMntwana uShaka wacela kuyo umkhonto kepha yala nawo yathi ngokaSigujana yena izomenzela omunye.
Source : Umongo KaZulu π
Aurther : Umntwana B.Z Zulu