22/11/2024
Wamemeza okaNdaba!!! kenithule nilalele sizwe sikaPhunga noMageba.
IIanga liphume emaMbatheni namuhla liyoshona nama Mbuka.
Icilongo elikhale intatha kusa lishawa eyase Mdletsheni.
Igiya igqabashiya ithi bukhosi bamaMbatha, buyomuka nemifula buyophelela ezihosheni, ngabe wayengakezwa!!!! Ngesiwelewele esiwela umfula ngengwenya abanye bewuwela ngezikebhe
Ubhaqabhaqa zihlangu zikaNdaba zidlu muntu zimsheba nomlaza.
Kenilalele!!!!
Ukubhonga kwezinyane lika Ndaba. kuye kwaduma izihosha kwaye kwananela amawa
Kubonakale sekuzonele okwamavaka
Amandla awalingani kunyathela kwendlovu kudiliza izintaba
Uphunyuka bemphuthaza phakathi kwenkwezane
Babengakezwa nina esenizwile kanobaxoxela
Iphumile inkanyamba
Aluyi lubuyayo iyobasobozela.
Kunamuhla bazinkubela nje ikho ukumphuthaza
Befuna ukumphathaphatha.
Isgolozane ngokugqolozela indlondlo ezinhlamvini zamehlo yahlanza izibindi nezingigila.
Mkhulu okandaba besingemqede singezuku myokozaπππΎ
Sanibonani ππΎ
Ngathi niyashesha ukukhohlwa ukuthi ubani lo.eMambatheni asehluleki sdalwaππ₯