17/07/2025
Naku esikuphathele kona ohlelweni Ezanamuhla
-Ukuguquka kwezokusakaza kube nomthelela omkhulu empilweni yezigidi zabantu base south afrika njengoba namuhla kugujwa iminyaka engaphezulu kwamashumi ayisikhombisa uphiko lwezindaba zomphakathi e SABC lwaqala ukusakaza.
-UMengameli uramaphosa uvikele isinqumo sakhe sokusungula ikhomishana yamajaji ezophenya izinsolo ezenziwe ngukhomishana wamaphoyisa kwazulu natala u General Nhlanhla Mkhwanazi njengoba ethi angeke akwazi ukuthatha isinqumo ngenxa yezinsolo ezingaqinisekisiwe umthetho kungakenziwa uphenyo olunzulu
Ungaba ingxenye yohlelo ngokusithumelela umbono wakho nakwi Whatsapp VN ku 071 613 6667