
20/08/2025
Bacela usizo abahlaselwe umlilo ekhaya ongabonakali usuka kuphi.
UMndeni wakwa Tshabha esigodini saseNtingwe kwisigceme sase Zihlabeni eNkandla uthi sekuphele yonke into ezindlini umlilo ongenambangela uvele uqale nje ngempahla kungakaze kokhelwe lutho.
Bathi sebezame konke akukho okusizayo okubadida kakhulu ukuthi uma umlilo usuzoqala ingane iyawuzwa isho ithi kunabantu abayithumayo....bakhala ngokuthi isimo siba nzima kakhulu basizeni.
Okubakhathaza kakhulu abazi yini ezolandela uma kuphela izimpahla.
Ongakwazi ukusiza akavele simuphe izinombolo zocingo.