KZN MEDIA

KZN MEDIA Sizimele isayidi isilithathi

Uphume engamyocu owesifazane obeneshwa lokuthi imoto abehamba ngayo ikhalakatheka edamini kuN2 ngesikhathi ebuya emseben...
27/02/2025

Uphume engamyocu owesifazane obeneshwa lokuthi imoto abehamba ngayo ikhalakatheka edamini kuN2 ngesikhathi ebuya emsebenzini lona wesifazane.

📷; Supplied

Idamu emzini womuntu ngenxa yamapayipi amanzi kanti noMasipala ubashaya indivaSekuphele izinyanga ezingaphezu kwezintath...
27/02/2025

Idamu emzini womuntu ngenxa yamapayipi amanzi kanti noMasipala ubashaya indiva

Sekuphele izinyanga ezingaphezu kwezintathu uMkhandlu uThukela uhluleka ukulungisa Ukuqhuma kwePayipi lamanzi ( BurstPipe) iKhansela kanye nama Ward Committee bathi sebebike baze bancama ,kusukela ngonyaka owendlule ngabo Oct/ Nov bebika lenkinga.

Lomuzi useZakheni kuD44 usuze waba neDamu okudala ukuthi kwezinye izikhathi amanzi agcwale ibala lonke, awagcini ngalokho asemosha noMain Road iStimela Road.

Ukhansela uHlomuka uthi " asitholi even amaFeedback or Reports from uMaspala ukuthi kwenzakalani or what are the challenges or what is causing the delays in fixing iPayipi,nezingane sezithole indawo yokubhukuda osekunobungozi kakhulu. Okungenani akufakiwe amadanger tape for Safety reasons...

Sicela ubuholi obungaphezulu busisize kulenkinga ngoba the IFP Led Uthukela Municipality has failed" kuphetha uHlomuka.

📷; Supplied

UMeya waseMtshezi uSobholenyoni Myeza uzoginqa izinkomo ezimbili kusasa babungaza nabafundi basekolishi uMnambithi tvet ...
27/02/2025

UMeya waseMtshezi uSobholenyoni Myeza uzoginqa izinkomo ezimbili kusasa babungaza nabafundi basekolishi uMnambithi tvet ekhampasini eseMtshezi abanqobe ukhetho lwayizolo.

I MK Student Command izidlela amahlanga emakolishi aseMgungundlovu KwaZulu Natal.
27/02/2025

I MK Student Command izidlela amahlanga emakolishi aseMgungundlovu KwaZulu Natal.

Ugcine ekhalelwe ngamasongo kasigonyela uguluva osemncane ngeminyakaNgosuku lwangesonto lapho kwakudubulana amaphoyisa n...
27/02/2025

Ugcine ekhalelwe ngamasongo kasigonyela uguluva osemncane ngeminyaka

Ngosuku lwangesonto lapho kwakudubulana amaphoyisa noguluva waphunyula lapho loguluva oneminyaka engu(17) wabaleka endaweni yesigameko abangani bakhe abahlanu(5) sebeshonile kulesigameko esenzeke endaweni yase Ntuzuma eThekwini ngesonto.

Loguluva omncane wabalekela esibhedlela sase Addington Hospital khona eThekwini nalapho ekwathi uma esebona ukuthi uselutholile usizo wase ebaleka wayocasha ebhilidini i Sydenham Heights eThekwini, nokulapho amaphoyisa embambe khona namhlanje enamanxeba amane(4) okudutshukwa emzimbeni wase eboshwa.

📷;Dasen Thathia

Usengeniswe esibhedlela umsakazi woKhozi FM uZimiphi Biyela emva kokuxinwa ukugula.📷; Supplied
27/02/2025

Usengeniswe esibhedlela umsakazi woKhozi FM uZimiphi Biyela emva kokuxinwa ukugula.

📷; Supplied

Usashaqekile umphakathi ngokumuka kwezingane zesikoleUSinokhanyo Dingiswayo (16) kanye no Lusenathi Dingiswayo (11) bang...
26/02/2025

Usashaqekile umphakathi ngokumuka kwezingane zesikole

USinokhanyo Dingiswayo (16) kanye no Lusenathi Dingiswayo (11) bangabanye babamuke ngenxa yezikhukhula eLamontville eThekwini kwaZulu Natal.

Umama wabo uLulama Dingiswayo utshele iziko lezindaba ukuthi uSinokhanyo (womfaniswano oyisikoshi) obefunda uGrade 11 eLamontville High School ubesanda kuhlomula izinsizakufunda okubalwa amaTablet njengoba enza izifundo zePhysics, kanti umuke egqogqoshe owakwabo obeneminyaka eyisithupha.

Source;1kzntv News

Ushayise wabulala izingane zesikole edakwe utshwala umlungu omhlopheEDalton endaweni yase New Hanover KZN mawuqhamuka ng...
25/02/2025

Ushayise wabulala izingane zesikole edakwe utshwala umlungu omhlophe

EDalton endaweni yase New Hanover KZN mawuqhamuka ngase Skoleni iMatatane Secondary kubikwa ukuthi kube nengozi embi edlule nemiphefumulo yezingane zamantombazane ezintathu ebezenza ilearnership eHall laseCool Air.

Kubikwa ukuthi zishayiswa umlungu obedakwe efa futhi akaqali ukubulala abantu ngemoto ephuzile, imoto kuthiwa ibashayise behamba onqenqemeni lwabahamba ngezinyawo kanti beyiqhamuka ngemuva endaweni enyukelayo.

UNobhala we ANC uxoshe omunye uNobhala wayo i ANCUMnu Fikile Mbalula onguNobhala Jikelele we ANC usesuse uBheki Mtolo kw...
25/02/2025

UNobhala we ANC uxoshe omunye uNobhala wayo i ANC

UMnu Fikile Mbalula onguNobhala Jikelele we ANC usesuse uBheki Mtolo kwesokuba nguNobhala we ANC KwaZulu Natal, ube eseba nokumzwela kancane wathi uzoqhubeka nokuhola kuleli qembu uMnu Bheki Mtolo nakuba sekuphelile ngesikhundla sakhe sokuba nguNobhala waleli qembu KwaZulu Natal.

📷; Supplied

Ugcine egwetshiwe umaligaju waseJozini KwaZulu Natal INkantolo ephakeme yasOphongolo isigwebe uMduduzi Nxumalo (osesitho...
25/02/2025

Ugcine egwetshiwe umaligaju waseJozini KwaZulu Natal

INkantolo ephakeme yasOphongolo isigwebe uMduduzi Nxumalo (osesithombeni) wase 17 eJozini iminyaka ewu 88 ebhadla ejele ngamacala awenza ngo September 2019 ewenza endaweni yaseJozini.

Kwicala lokuqala wathumba abesifazane abahlanu nezingane ezimbili wabaphuca nama cellphones amahlanu wasedlwengula owesifazane oyedwa kulabo ayebathumbile ebathole eSalon eseJozini, Waphinde wahlasela abesifazane abathathu e17 eJozini wabadlwengula nabo, Ngawo September wabuye wafica owesilisa enentombi yakhe wabasabisa ngesibhamu wase edlwengula lowesifazane khona futhi e17. Kanti kwesinye isigameko waphinde wagwaza owesilisa washona khona e17.

uNxumalo Zonke lezigameko wazenza ezinsukwini ezine kuphela phakathi komhlaka 13 no 17 September 2019.

Kanti ugwetshwa leminyaka ewu 88 ubevele egwetshiwe ngeviki eledlule inkantolo yase Verulam. Kunconywe kakhulu uphiko lwabaseshi baseJozini ngokusingatha uphenyo ngezinga eliseqophelweni eliphezulu nokuletha ofakazi ngendlela egculisayo.

Source;MCR

Uzitapele odilikaJele abathathu owabulala osomatekisi eMondlo.Ugwetshwe odilikajele abathathu uMxolisi Buthelezi oneminy...
19/02/2025

Uzitapele odilikaJele abathathu owabulala osomatekisi eMondlo.

Ugwetshwe odilikajele abathathu uMxolisi Buthelezi oneminyaka engu 40 kulandela ukuthi waboshwa amaphoyisa ase Mondlo mayelana necala elenzeka eZwelisha endaweni yase Nondweni ngomhlaka 2 May 2022.

Lokhu kulandela ukuthi inkantolo yase Pietermaritzburg ikhiphe isigwebo ngomhlaka 11 February 2025. uButhelezi wayevele eseboshelwe icala lokudlwengula, elokuthumba nelokubulala ngenkathi eyamaniswa namacala amathathu okubulala. Uphenyo lwamaphoyisa lwaveza ukuthi usolakala ekubulaweni kuka Bongani Xaba endaweni yase Mvuyana nokwakwelinye icala, lomlisa wabuye wamataniswa necala lase Nondweni.

Ecaleni lase Nondweni kubikwa ukuthi uButhelezi wabulala ngesihluku uMnumzane Malusi Mabaso owayewu Somatekisi kanye nabangani bakhe ababili uMlungisi Skhakhane no Themba.

Usizwe ukufika kwamaphoyisa uguluvaUguluva osolwa ngokweba ama battery emibhoshongo ye network uxoxe nomphakathi endawen...
19/02/2025

Usizwe ukufika kwamaphoyisa uguluva

Uguluva osolwa ngokweba ama battery emibhoshongo ye network uxoxe nomphakathi endaweni yase Tshikumbi Nzhelele eLimpopo izolo.

Inxoxo ebiphakathi kwaguluva nomphakathi ibihamba ngegxathu eliphezulu kwaze kwaba uguluva uvaleka amehlo kulenxoxo kwafika namaphoyisa amatakula amphuthumisa esibhedlela esiseduze.

📷; Supplied

Address


Alerts

Be the first to know and let us send you an email when KZN MEDIA posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to KZN MEDIA:

Shortcuts

  • Address
  • Alerts
  • Contact The Business
  • Claim ownership or report listing
  • Want your business to be the top-listed Media Company?

Share