
03/07/2025
Ake sibheke inkinga yase Sweetwaters ngogesi, Siyazi amakhansela awasiwona ama Technicians and awekho responsible ekucimeni ugesi. Kodwa siyacela uma kukhona ikhansela elingacacisela umphakathi ukuthi, le Load Reduction
1. izothatha iskhathi esingakanani
2. Mungakanani umonakalo olungiswayo if kulungiswa
3.Njengoba kwakunohlelo lokufaka ama meters amasha ukuze ugesi ukhokhelwe , sekuvimbephi
4. Ukungakhokhelwa kwagesi kungabe okwenza isimo sase Sweetwaters sibe nje (uswazi olutholwa ngenxa yokungakhokhi )
5. Amakhansela ayayithola report from uMaspala ngezinhlelo abaphezu kwazo ngawo ugesi
6. Kungenzeka isimo sibe worse kunalesi noma kuzolunga
7. Ikhona inhlese yezepolitiki kulento, noma inkinga nje kagesi ejwayelekile
8. Kungenzeka sibone amakhansela esondeza igenge kaMaspala kuma Ward abo bezochazela umphakathi ngalengwadla
9. iMayor yase Msunduzi inalo ulwazi ngalesimo, if yes, kungenzeka ukuthi siyibone iza kubantwana bayo okuwumphakathi wase Sweetwaters izocacisa ukuthi kwenzakalani
10. Kukhona umphakathi la ongabamba khona iqhaza ukuze umsebenzi ube lula kuMaspala or kanye nakubaholi abasibhekile kuma Ward ukuze isimo sibuyele kwesijwayelekile
Siyacela noma ubani ongaba nolwazi oluyiqiniso not inzwabethi ake achathazele umphakathi. Lesimo sizokwandisa ubugebengu, siphazamise ukufunda kuphazamiseke abahlali abazizamelayo ngama business amancane, konakala ukudla kusha ama appliances etc etc........
Feel free to tag someone ongaba nenkulumo eqondile engacacisela umphakathi, Siyigweme inkulumo elumelayo🙏
Uma engekho onolwazi, alikho elibi wukubuza nje egameni lomphakathi 👏