28/09/2026
🚨 IZINKOKHELO SEZIKHOKHIWE: UZULULAND DISTRICT MUNICIPALITY UQINISEKISA UKUTHI BONKE ABASEBENZI SEBEYITHOLILE IMIHOLO
ZULULAND — Izindaba ezimnandi kubasebenzi baseZululand District Municipality njengoba uMasipala uqinisekisile ukuthi bonke abasebenzi sebeyikhokhelwe imiholo yabo.
UMeya weZululand District Municipality, uKhansela Michael Khumalo, uthe lolu daba seluxazululiwe ngemuva kokubambezeleka kwezinkokhelo.
UMasipala uvumile ukuthi ukubambezeleka kwemiholo kudale ukukhathazeka nezinkinga kubasebenzi, njengoba abaningi bethembele emiholweni yabo ukuze bakwazi ukukhokhela izidingo zabo.
UMasipala uthe usuthathe izinyathelo zokuqinisekisa ukuthi ukubambezeleka okufana nalokhu akuphindi kwenzeke. Lezi zinyathelo zibandakanya ukuqapha kakhulu inqubo yokukhokha, ukusebenzisana kangcono phakathi kweminyango kanye nokubona izinkinga kusenesikhathi.
UMasipala uphinde wathi uzoqhubeka nokuqapha inqubo yokukhokha ukuze abasebenzi bathole imiholo yabo ngesikhathi.
Kuphinde kwaqinisekiswa ukuthi consequence management izolandela izinqubo ezifanele, njengoba uMasipala ubheka izifundo ezitholwe kulolu daba.
UMasipala ubonge abasebenzi ngokubekezela nangokuqhubeka nokusebenzela abantu baseZululand.
Lolu daba manje seluxazululiwe, ngokusho kwehhovisi likaMeya.
Makhiwa TV siza nazo zishisa