Mtubatuba News

Mtubatuba News Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Mtubatuba News, Media/News Company, New City, NY.

📰 Mtubatuba News | Sikuletha izindaba zakamuva, izehlakalo zomphakathi, nezibika ngempilo yansuku zonke eMtubatuba nasezindaweni ezizungezile. 🔴📍

🌍 Izwi lomphakathi, izindaba zomphakathi!
📢 Mtubatuba News – Sizwa nawe, sibika ngawe.

09/29/2026

Lalela 👂 inkulumo yakamuva umeya wase Inkosi Mtubatuba Municipality abenayo emsakazweni Ukhozifm

09/29/2026
🚨 BREAKING NEWS | ISIBALO SABASHONILE SIKHUPHUKILEIsibalo sabantu asebeshonile engozini embi eyenzeka eKwaManandi, eMtub...
09/29/2026

🚨 BREAKING NEWS | ISIBALO SABASHONILE SIKHUPHUKILE

Isibalo sabantu asebeshonile engozini embi eyenzeka eKwaManandi, eMtubatuba ngeSonto, sesikhuphuke safinyelela ku-12.

Ingozi ibandakanye itekisi kanye neTruck ku-N2. Iziphathimandla bezibike ekuqaleni ukuthi kushone abantu abangu-11, kwathi abanye balimala kanzima.

UMtubatuba News uyaqhubeka nokulandela lolu daba futhi uzoletha olunye ulwazi njengoba luqinisekiswa.

09/29/2026

BUKA 🎥 E-Ward 2 izolo sibenenhlanhla yokudibana nokhansela wakhona uZulu ubenesebeka kanje "ingoma emnandi iyaphindwa"

09/29/2026

Buka 🎥 IDUKUDUKU SPORTS FIELD IVULWE NGOKUSEMTHETHWENI

UMeya uCllr. M. Mthethwa uvule ngokusemthethweni iDukuduku Sports Field, eku-Ward 2, emcimbini obuhanjelwe umphakathi naphezu kwemvula.

UMeya unxuse intsha ukuthi isebenzise le nkundla ukuthuthukisa amakhono ezemidlalo, waphinde wacela umphakathi ukuthi uyinakekele futhi uyigade.

Lo mcimbi ubuhambisana nemidlalo yebhola ne-netball, kanye nokusina kwabaculi okubalwa kubo uCevuzile, uMdumazi no“Ndlamlenze” uKhuzani Mpungose.

09/27/2026

OWESILISA USHONE EMFULENI IMFLOZI

Kubikwa ukuthi owesilisa oneminyaka engu-32 waseDukuduku ushone ngemuva kokuminza eMfuleni iMfolozi.

Ngokolwazi olutholakalayo, ubesanda kusiza emngcwabeni ngaphambi kokuba aye emfuleni ehamba nomngane wakhe. Kuthiwa ngesikhathi bengena emanzini, lo wesilisa ube eseqala ukushona ezansi nomfula.

UMeya waseMtubatuba, uCllr. M. Mthethwa, uvakashele indawo yesigameko wadlulisa amazwi enduduzo emndenini, waphinde waxwayisa umphakathi ngobungozi bokubhukuda kule ndawo.

Imizamo yokuthola isidumbu iyaqhubeka.

Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubathandiweyo.

09/27/2026

BUKA 🎥 OWESILISA USHONE EMFULENI IMFOLOZI

Kubikwa ukuthi owesilisa oneminyaka engu-32 waseDukuduku ushone ngemuva kokuminza eMfuleni iMfolozi.

Ngokolwazi olutholakalayo, ubesanda kusiza emngcwabeni ngaphambi kokuba aye emfuleni ehamba nomngane wakhe. Kuthiwa ngesikhathi bengena emanzini, lo wesilisa ube eseqala ukushona ezansi nomfula.

UMeya waseMtubatuba, uCllr. M. Mthethwa, uvakashele indawo yesigameko.

🚨 UMeya uxwayisa ababhukudi eMfoloziUMeya waseMtubatuba, uCllr. M. Mthethwa, usexwayise umphakathi ngokubhukuda eMfuleni...
09/27/2026

🚨 UMeya uxwayisa ababhukudi eMfolozi

UMeya waseMtubatuba, uCllr. M. Mthethwa, usexwayise umphakathi ngokubhukuda eMfuleni iMfolozi, kulandela ukuminza kowesilisa oneminyaka engu-32 waseDukuduku.

Kuthiwa lo wesilisa ubeye emfuleni ukuyogeza udaka ngemuva kokusiza emngcwabeni, wagcina eseminze ngesikhathi ebhukuda.

“Yekelani ukubhukuda kulo mfula, uyingozi,” kuxwayisa uMeya Mthethwa.

09/27/2026

Buka 🎥 umeya wase Inkosi Mtubatuba Municipality echaza ngokwenzekile engozini edlule nabangi 11

09/27/2026

UDUMA Usefikile endaweni yesiGameko lapho okwenzeke khona ingozi

Address

New City, NY

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mtubatuba News posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share