Izindaba ZaseJele

Call Directions

Izindaba ZaseJele Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Izindaba ZaseJele, Digital creator, Westville, Port Shepstone.
(1497)

08/10/2026

"Hamba ungabe usona" lawo kwakungamazwi enkosi yamakhosi umsindisi wezizwe zonke owafa efela izono zethu uJesu Kristo indodana kaNkulunkulu ewabhekise kowesifazane owayexegelwa isimilo umphakathi ufuna ukumsobozela.

Nabo laba abesifazane abasesithombeni asilutho ukuthi singabehlulela. Sengathi bangaphuma ejele baqale kabusha impilo. Akekho umuntu ongenawo amaphutha.

Niphile nina besilo 🙏

Enkantolo nayi indlela esiziphatha ngayo, akusanganwa laphayana futhi awuyi enkantolo uma udakiwe.Uma ugoloza ukulandela...
08/10/2026

Enkantolo nayi indlela esiziphatha ngayo, akusanganwa laphayana futhi awuyi enkantolo uma udakiwe.

Uma ugoloza ukulandela lemiyalelo uyaxoshwa kanti uma ugoloza ungalala ezitokisini.

"Swidi my-laview"Cha iwudlile lensizwa umzila, kukhulunywa ngayo left and right. Khuphuka Sodidla siyakulandela ❤️
06/10/2026

"Swidi my-laview"

Cha iwudlile lensizwa umzila, kukhulunywa ngayo left and right. Khuphuka Sodidla siyakulandela ❤️

Life without parole!Emazweni ekungasinekwa kuwona njengase America nase-U.K abantu abaningi abagwetshwa udilikajele awun...
06/10/2026

Life without parole!

Emazweni ekungasinekwa kuwona njengase America nase-U.K abantu abaningi abagwetshwa udilikajele awunayo i-parole. Ayikho lento yokuthi isiboshwa kumele sishaye 25 bese siyadedelwa. Makuthiwa Life sentence kushiwo ukuthi uyophuma ejele sewufile. Ingakho sineziboshwa esezihlale ejele iminyaka engaphezulu kuka-50, ezisadonsa namanje.

Lapha esithombeni kunesiboshwa esagwetshwa ngo-14 October 1997 ngecala lokubulala sase sigwetshwa udilikajele ongena-parole. Igama laso uBenjamin Schreiber. Lensizwa ngo-2015 yaxinwa ukugula okubi yahanjiswa esibhedlela iyohlinzwa, isimo sayo sasinzima kakhulu ngangokuthi yase ixhunywa amapayipi ukuze iphile. Ngenhlanhla yayo yasinda.

Ngo-2019 isiluleme kahle yafaka isikhalazo enkantolo ukuthi "technically" yona seyafa odokotela bayivusa ngaphandle kwemvume yayo. Akukho lapho eyathi abasindise impilo yayo, yona yayifuna ukufa. Ngakho iyakholelwa ukuthi njengoba bayivusa ekufeni nje isigwebo sayo sesiphelile icela ukudedelwa ibuyele ekhaya.

Inkantolo yafike yamchitha kwathiwa ngeke adedelwe esaphefumula. Wagcina engaphumelelanga kulelocala lakhe.

Ukufa kwagcina kumenela mngo-2023, April 07 ngabo 10h55 ebusuku ushone esena 70 years ubudala emva kokuhlala ejele iminyaka engu-26.

Nangu esithombeni

Ngyaxolisa ngokunyamalala isikhathi eside bafowethu, impilo ingibambe ngamawashingi.Nani niyazi izinsuku azifani 👍
05/10/2026

Ngyaxolisa ngokunyamalala isikhathi eside bafowethu, impilo ingibambe ngamawashingi.

Nani niyazi izinsuku azifani 👍

05/10/2026

Ngazi zazenzeni lezinsizwa ezi ayinwe kangaka.

Ey ngyawusaba umphakathi

Mawuboshiwe usuke usufana nemfene straight
02/10/2026

Mawuboshiwe usuke usufana nemfene straight

Address

Westville
Dawncliffe
3500

Telephone

+27729511932

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba ZaseJele posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share