Nazaritewise fm

Call Directions Contact the business

Nazaritewise fm The radio station for EBUHLENI congrigations,church&public news excluding political parties

29/03/2025

Asazi izingane zethu sizozifihlaphi kulomhlaba omusha wamacontent. Kodwa sizomncenga uNkulunkulu wethu asilekelele asivikelele abantwana bethu. Siyamcela uShembe asenze sibe yisizwe sakhe samanazaretha esehlukile kunabangaphandle.

Asifunde sibuke unyawo lukaShembe bantwana nenhlonipho anayo ukusuka phansi kuya kuyofika emakhosini.

Bantwana bukelani kude konke lokhu okubi okuphandle njengoba usuke ubuka itv idlala laphaya odongeni ungenakungena phakathi kuyo.

28/03/2025

"UMhlangano kaMarch wonyaka ozayo uya eHarding eFoundation.
INkosinbusise" Ebuhleni

Bayede Hlangalomhlabathi. Admin:Lena yiNgonyama yamaZulu uyathanda awthandi futhi angeke kujike iyobusa kuyoze kushaye l...
28/03/2025

Bayede Hlangalomhlabathi.

Admin:Lena yiNgonyama yamaZulu uyathanda awthandi futhi angeke kujike iyobusa kuyoze kushaye lezonsuku uJehova ayphezona emhlabeni nakulesihlalo.

Njengoba izibongo zikayise wayo uMdlokombane zithi umntakaNdaba babemthuka bemcokofula bethi akayikubusa akayikubaNkosi nje yingoba akubanga lula nakuye ethatha umsebenzi. Waze wayocashiswa kwadadewabo iMbabazane iwa ivuka naye waze wavuthwa esihlalweni emva kweminyaka kunzima.

Khona izikhathi ababeke bephambane bexabane noShenge bedubane eside isikhathi bebuye bekhumbulane imbize iNgonyama baqhubeke basebenze. Babuye bahhukane futhi ngezinye izikhathi eqondisa iphutha uShenge yale iNgonyama kube nhlanga zimuka nomoya kodwa bebuya begonane.

Ishwa nje iNgonyama yamabanje ihlale esemdala kakhulu uShenge lingasekho ithuba elanele lokuthi aycathulise kulobunzima ebuthwele uZulu ungaka nje awulula neze unezinselelo nengcindezi esihlalweni nakhokonke okubi nezitha ubusuku nemini konke kubheke kuwe awazi nomuntu oryt nowrong kwabazungeze isihlalo kusuke konke kuwumthwalo othatha isikhathi eside ukuthi ukwazi ukuwthwala ngempumelelo.

Ngaphezu kwakho konke iNgonyama ibuse eskhathin esibi samawuwa sezingane ezingahloniphi sekwabakhona nesocial media nobani ufuna ukweneka amabibi emizi yabantu ukuze yena athole inzuso yesisu sakhe.

Kodwa noma kunjalo yiyo iNgonyama le akekho omunye umuntu noma engenzani athinini angeke aphumelele.

Nezilo esezabuza azikaze zingabi nazibi zegceke kodwa kwakuyisikhathi esihle ngoba zazingothiwa ngesifuba ezaseNdlunkulu zaziphelela egcekeni nakomakhelwane kuphela nje.

Ngafunda lukhulu kuShenge mina,ngasonke iskhathi noma engadinwa kanjani kodwa wayehlala njalo egcizelela ukuthi wuNomthebe wakhe yiNgonyama yakhe le wayengathi ngoba kunokungaboni ngasolinye ebese eyphika.

Yingakho ngeykhathi ezedlule yayithi inkosi uma iphunyuka ikhipha umoya ngemumva kuthiwe "bayede" kukhulekwe yingoba babazi abantu ukut ukuba yiNkosi akusho ukuthi uzokwenza okuthandekayo njalo kubantu obaholayo kodwa lokho akukwenzi ukuthi awuseyona iNkosi.

Okokugcina ngye ngfise nje ukuthi intsha ekhulayo ingakuqonda ukuthi khona izinto ezingasidingi nje thina nhlobo eziyikamelo lomuntu omkhulu. Ngsho uyihlo ekhaya kunezinto eziphelela phakathi kwakhe nomama wenu nje eningeke naziphawula nina zingane.

Banezidumbu phansi abafe bedubulana namaphoyisa eResevoir hills eThekwini namuhla. Laba abathathu bebelandelwa amaphoyis...
28/03/2025

Banezidumbu phansi abafe bedubulana namaphoyisa eResevoir hills eThekwini namuhla.

Laba abathathu bebelandelwa amaphoyisa umkhondo wabo kusukela ngoJanuary wango2024 lapho babulala khona iphoyisa lophiko lwamaHawks nomunye umseshi owayesemaphoyiseni ayephuthuma esigamekweni sokubanjwa kwemoto yemali eMtuba bafika izigebengu zababingelela ngenhlamvu kwaphangalala elinye iphoyisa futhi.

Akugcinanga lapho ucwaningo olwenziwa endaweni yezigameko belulokhu luwavez futhi amagama alezinsizwa kwezinye izigameko zokubanjwa kwenkunzi.

Namuhla futhi balwile njengoba amaphoyisa amabili ehuzulwe yizinhlamvu emakhandla ngenhlanhla zangaqonda ukuthi zingene kodwa agcine eynqobile impi amaphoyisa. Phakathi kwezinto ezitholwe emotweni yizibhamu abebelwa ngazo kanye neziqhumane njengoba kukholakala ukuthi bebesendleleni eya kokwenza abadume ngakho.

Kubizwe nophiko lwamabhomu ngoba abekhona nawo emotweni nobekwenza amaphoyisa lawa abekhona angakwazi ukupekequla konke ngenxa yobungozi.

28/03/2025

Cell C R5

2816 5364 15703

UStufuza usenokuthanda ukungenzela kaningana nje lezishandisi.....🥺mara kumnandi khona. Wukuth angazi iyngane kwanjaninj...
28/03/2025

UStufuza usenokuthanda ukungenzela kaningana nje lezishandisi.....🥺mara kumnandi khona. Wukuth angazi iyngane kwanjaninjani kuning nje okukhulunywayo la phandle kodwake cha bengakaze angtsheleke yena lokho wukuth abantu bayathand ukukhuluma nje🥺

Admin.

28/03/2025

Admin: Anothi uma nithandaza zintombi zakulelibandla ningazithandazeli nodwa kodwa niwacelele namakhosana kuShembe ukuthi abe namandla asebenze abeke imali akwazi ukuganwa YININA.

I feel like ikhona lepain ebakhona nje uma uzibona ukhula iminyaka isiqinile kodwa ungakhethwa,nakuba kumnandi ebukhosazaneni ngyazi yize ngingoweslisa kodwa uma sewkhulile begana abanye usala ugcine sewnengcindezi ungaze ubulahle ngewindi ubukhosazane bakho.

Kanjalo nazo inzintombi zentethelelo,sewubuyileke ekwedukeni futhi usingle akulunganga laphaya obuya khona I feel like bukhona ubuhlungu uma sekuzothi cwaka nje akusaveli nhlalsuthi ekhulumayo kuwe ebuza indlela eya kini.

Ngye ngime kulomainroad wasEbuhleni ngoJuly ngibuuuuke ngithi oh Shembe uze usikhumbule Nkosi lezingane zabantu eziningi kangaka izothiwani indaba yazo😓.

28/03/2025


Kwakunzima ngisho ukuthi ifake izicathulo iNkosi uThingo ngo1995 sekuqediwe ukutshala ubaba wayo sekufanele iqale umsebenzi wasezulwini yesaba okuyisimanga.

Phela iNkosi iLanga yayiye iyicacise indaba yobuNkulunkulu bukaShembe yize nje namhlanje amahlubuka esephikisana noShembe uma ethi "uShembe wuNkulunkuku" iNkosi iLanga yayiye ikukhanyise ukuthi uShembe uqobolwakhe akusiye lo ophambi kwethu kodwa wumoya ongcwele ongabonwa kuphela nje uhlezi enyameni ngoba uJehova uyamkhetha umuntu ambusise ukhalo lwakhe asebenzise lona ukusondela kubantu njengoba enza nakuJakobe wambusisa kwavela kuye bonke oMose laba kwehle njalo kuze kuzofika enkosini uJesu abantu bozalo labo abazalanayo njengoba enza kuMzazela lapha kwaCeza.

Ithike inkosi "kuShembe kuyakhuluma uNkulunkulu kuShembe kuyakhuluma indoda kuShembe kuyakhuluma ingelozi" lokho kwakuvula amehlo omuntu ukuthi aqonde ukuth iNkosi esesihlalweni ikwazi ukuba yizona zonke lezinto zontathu ngeskhathi esisodwa. Yingakho uShembe edla ephuzamanzi elala ekamelweni lakhe kodwa futhi uthi ezivalele endlin abanye bebe bethi siybonile iNkosi ngakithi ngeskhathi esiwkuthi bakhona ofakazi balokho.

NeNkosi uNyazi ihlala esihlalweni yathi "Manazaretha angcwele noma nginganamahloni kodwa ningesabi uNkulunkulu ukhona la"

Kwakufike lesosimoke enkosin uThingo sokwesaba novalo kodwa khona kunjalo umoya ongcwele wase uphelele kuye ngoba bonke abeza kuye etafleni bakuthola abafike bakucela kuzo lezonsuku ehlala esihlalweni.

Umjiva wakhe wokuqala ngqa omhlophe wawuthungelwa wuMa.......$ #% akawthungelwanga espholi ngoba kwakuphuthuma kungasekho ukujikela emumva sekufanele enze umsebenzi wasezulwini uyena mthungi owayekhona egcekeni ngalowomzuzu. (Sikugodla ngamabomu lokhuya ngoba kukhona abahlaziya toomuch oSiyazi abazosola)

Ima okokuqala eParadise Ebuhleni yafika yathi
🎤Yizanini zizwe nonke
Siye Ekuphakameni
Siyogcotshwa sanele
Ngamafutha omusa

  28 MarchUShembe usebenza ngisho engasekho emhlabeni ngokwenyama ngsho ngosuku lwakhe azotshalwa ngalo uyasebenza. Kwak...
28/03/2025

28 March

UShembe usebenza ngisho engasekho emhlabeni ngokwenyama ngsho ngosuku lwakhe azotshalwa ngalo uyasebenza.

KwakunguMsombuluko ekuseni sisezindaweni zethu zoksebenza kukhala izingcingo zibikezela ukuthi sekumnyama Ebuhleni emzini ongcwele. Bonke ababenethuba babegijima beya khona beyozibonela beyozizwela eduze nempela kwakunjalo.

Okuyisimangake kusukela ngawo umhlaka28 kuze kube wusuku lokugcina mhlaka3 Aprill 2011 kwakugcwele kusweleke indawo yokunyathela kutshalwa inkosi abaningi abangesiwo amanazaretha babezele ukuzobuka ukuth kunjani uma kuwusuku olunje ebandleni. Isiminya wukuthi baningi bayizinkulungwane abantu abafike baphenduka baba amanazaretha ngalo lelolanga,lokho kufakazelwa wukuthi baning abantu othi uma uxoxa nabo bekutshele ukuthi bona baqale ukuythatha lendlela ngo2011 bafika Ebuhleni bezobona ukutshalwa kweNkosi.

Kunjalo namhlanje wusuku lwesikhumbuzo senkosi MV Shembe uThingolwenkosazane iNkosi yesine ukulethwa wuJehova emhlabeni ukuba izohola lomsebenzi wakhe walelibandla eseliqede 115years likhona likhula ngesivinini Ebuhleni. INkosi uThingo nayo iligijime lonke izwe lethu ihambe ishiya izwi elithi "iNkosi inbusise " yedlule basale bephile basale beykhetha iNkosi bebuza indlela eya Ebuhleni.

Nezinkawu zawthola umusa woThingoUmfundisi uShozi waseMangangeni wayesawumshumayeli ngalesosikhathi bengapha eNyakatho b...
27/03/2025

Nezinkawu zawthola umusa woThingo

Umfundisi uShozi waseMangangeni wayesawumshumayeli ngalesosikhathi bengapha eNyakatho befika nje nomhlangano behamba noThingo lwathumela iphoyisa ekuseni kakhulu ukuba liyovusa uShozi weza. Ithike kuye inkosi "thatha nansi imali uhambe uye kofuna izinkwa eziphelele ezingu12 khalbhoti lazo nobhanana bese kuba nekhalbhoti elinye eli empty ubuye nakho" wahamba ngekhumbi ayeyshayela yangaphakat yangalesoskhathi hhayi iskwele esibomvu esakamumva sona.

Uma ebuya nalezinto yase iphuma ngomnyango ongemumva yafuna ifosholo lahlala la. Lwath liyasondela iphoyisa walihebeza wathi aliphindesangweni akafuneki umuntu ongagcotshiwe la. Wathi uyavela unkosana uSmanga walo uThingo esayngane lathi "hhaaay wena mfaaanaaaah" lithi akaphinde emumva endlin waysafaka inabkeni. Yase ithi akasukume uShozi ame yathi "hamba edokodweni uyokhumula lomnazaretha oyisbhinki ngakanga ube ungumshumayeli ungowasesihogweni lomnazaretha" wayegijima eyoshintsha yase imnika ummese nayo yaphatha owayo yase imkhombisa yaqoba izinkwa isikela edolweni kuyona . Naye wenza yase ithi akabeke kube yiset ikota nobhanana ow2 kanjalo kanjalo.

Uma beqeda yase ishaya ikhwela kwadilika yinke inhlobo yenkawu ezihlahleni ezingaphandle kothango zeza nezingane zazo zahlala phansi wase ezininga yena esandleni zanela zonke ayikho eyashoda. Zadla zihlezi la zaqeda wase ethi kuzo"yaaah niyabonake sesifikile senidlile nisuthi angithi" zaqwayiz amehlwan zinambitha zibanga umsindo wase ethi kuzo "hambanike senisidlile isidlo sasezulwini iNkosi inibusise" zasukume zanontela othangweni zabuyela emthini ezazehle kuyo zichwaza zijabula.

Wabe esehlaba ngefosholo ekhombisa uShozi ukuth ambe kanjani wamba wase egqiba onke lamakhasi ngsho namakhalbhothi kwathiw akafake notshani ukuze kungabonakali.

Address

Durban

Telephone

+27688034996

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Nazaritewise fm posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Nazaritewise fm:

Shortcuts

Share

Category