29/03/2025
Asazi izingane zethu sizozifihlaphi kulomhlaba omusha wamacontent. Kodwa sizomncenga uNkulunkulu wethu asilekelele asivikelele abantwana bethu. Siyamcela uShembe asenze sibe yisizwe sakhe samanazaretha esehlukile kunabangaphandle.
Asifunde sibuke unyawo lukaShembe bantwana nenhlonipho anayo ukusuka phansi kuya kuyofika emakhosini.
Bantwana bukelani kude konke lokhu okubi okuphandle njengoba usuke ubuka itv idlala laphaya odongeni ungenakungena phakathi kuyo.