Mzansi Space

Mzansi Space Our Space | Our Stories

WhatsApp us: 0639537382
Email: [email protected]

Abokufika abangama Zama-Zama abamba izimayini ezingekho emthethweni bayazenzela e Sekhukhune eLimpopo njengoba bemba imi...
20/09/2026

Abokufika abangama Zama-Zama abamba izimayini ezingekho emthethweni bayazenzela e Sekhukhune eLimpopo njengoba bemba imigodi emizini yabantu nasemigwaqeni futhi bephoqa abantu ukuthi beshiye imizi yabo.

Ubukhosi bama Pedi bufake uhulumeni enkantolo, bafuna alungise umonakalo ngoba bathi uRamaphosa uyena nohulumeni abayekelele lesimo kwaze nje. Imindeni eminingi yathutha ngenxa yama Zama-Zama, abanye babulawa.

African Transformation Movement (ATM) ithi ifuna kubuyiswe isigwebo sentambo ngenxa yokuthi liphezulu kakhulu izinga lok...
19/09/2026

African Transformation Movement (ATM) ithi ifuna kubuyiswe isigwebo sentambo ngenxa yokuthi liphezulu kakhulu izinga lokubulawa kwabantu eMzansi, ukubulawa kwabantu sekufana nobhubhane (pandemic) kulelizwe.

ATM ithi umuntu otholwa enecala lokubulala omunye umuntu kumele abulawe naye ukuze nabanye abantu besabe ukuthi ukubulala bakwenze ifashini lapha eMzansi.

Abe Economic Freedom Fighters (EFF) yase KZN bagcwele eJL Dube Stadium eNanda, bathi KwaZulu-Natal kusekhaya le EFF, awe...
19/09/2026

Abe Economic Freedom Fighters (EFF) yase KZN bagcwele eJL Dube Stadium eNanda, bathi KwaZulu-Natal kusekhaya le EFF, awekho ama small boys angavimba EFF KwaZulu. Bathi ngo November lokho kuzocaca njengoba bezothatha omasipala ngisho Itheku imbala.

UZwakele Mncwango we ActionSA uhambele umcimbi kaNgizwe Mchunu oqhubekayo eNanda.UMncwango ukhuze udlame kwabe EFF wathi...
19/09/2026

UZwakele Mncwango we ActionSA uhambele umcimbi kaNgizwe Mchunu oqhubekayo eNanda.
UMncwango ukhuze udlame kwabe EFF wathi amaqembu epolitiki kumele ngaso sonke isikhathi agqugquzele ukuthula nokuhloniphana.

Subscribe to support Mzansi Space :
https://www.facebook.com/KZNSpace/subscribenow

Uyaqhubeka umcimbi kaNgizwe eNanda, KwaZulu-Natal. Abantu sebegcwele khona bathi bebengazi nokuthi uyangena nje mahhala ...
19/09/2026

Uyaqhubeka umcimbi kaNgizwe eNanda, KwaZulu-Natal. Abantu sebegcwele khona bathi bebengazi nokuthi uyangena nje mahhala futhi kudliwa nenyama mahhala.

EFF yenze lomcimbi waduma kakhulu, waba impumelelo ekubeni bebethi bayawuvimba.

Sebeboshiwe abaholi be EFF ababaleke nezinsimbi ze Stage behamba ngemoto yeqembu, lapho kulungiselelwa khona umcimbi ka ...
19/09/2026

Sebeboshiwe abaholi be EFF ababaleke nezinsimbi ze Stage behamba ngemoto yeqembu, lapho kulungiselelwa khona umcimbi ka Ngizwe Mchunu.

Kubikwa ukuthi kungenzeka ungaqhubeki umcimbi kaNgizwe, amaphoyisa agcwele eNanda njengoba kunempi phakathi kuka Ngizwe ...
19/09/2026

Kubikwa ukuthi kungenzeka ungaqhubeki umcimbi kaNgizwe, amaphoyisa agcwele eNanda njengoba kunempi phakathi kuka Ngizwe Mchunu ne EFF engafuni ukuthi kuqhubeke umcimbi kaNgizwe.

Abalandeli be EFF sebefike bawisa iStage ebesifakwa lapho uNgizwe ahlele khona umcimbi kanti owe EFF konke kumi ngomumo kwenye indawo esendolene nalena abathi umcimbi weChunu angeke uqhubeke khona.

Kubikwa ukuthi kunabalandeli be EFF abasusa uchuku laphana enkundleni yebhola lapho uNgizwe Mchunu alungiselela khona um...
19/09/2026

Kubikwa ukuthi kunabalandeli be EFF abasusa uchuku laphana enkundleni yebhola lapho uNgizwe Mchunu alungiselela khona umcimbi wakhe wamabhinca. ONgizwe bebengakabonakali beyohlupha eJL Dube Stadium lapho kuqhubeka khona umcimbi we EFF.

Laba be EFF bathi bazoqapha isimo emcimbini kaNgizwe ukuze uma kwenzeka kuphazamiseka umcimbi weEFF, nokaNgizwe ungabe usaqhubeka. Kanti ke uMacingwane nezakhe batthi njengoba kumiswa istage nje kufakwa namathende Kusho khona ukuthi umcimbi uyaqhubeka abantu abeze, bona abawasabi nhlobo amakwelekwele eEFF

19/09/2026

Homemade alcohol kills about 50 people in Ondo State, Nigeria.

Sesinyukele ku50 isibalo sabantu asebeshonile eOndo State eNigeria kulandela ukuthi bephuze utshwala bukamazenzele obuga...
19/09/2026

Sesinyukele ku50 isibalo sabantu asebeshonile eOndo State eNigeria kulandela ukuthi bephuze utshwala bukamazenzele obugaywe obugaywe amadoda endawo.

Kubikwa ukuthi bebezama ukukhanda utshwala besilungu base befaka nezinto ezingafanele kanti kuzofika kube ushevu emzimbeni yabantu. Iziphathimandla zase Nigeria zizwakalise ukukhathazeka okukhulu njengoba zanda izigameko zabantu ababulawa izidakamizwa zikamazikhandele ezingekho ezingeni eliphephile.

Address

Johannesburg
4000

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Mzansi Space posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share