
31/07/2025
Ngomhla ka-30 April 2021 emgwaqeni u-R618 eNordale eMtubatuba oxamu abangaphazami baqongqotha i-owner uDumisani 'Dum' Sibiya ngoyaba lwezinhlamvu wafa ujuqu.
USibiya kwakuyi owner elinamatekisi kusoseshini waseMtubatuba enamatekisi amahlanu (5). Amabili alamatekisi ayehambela kulomzila waseDukuduku, eyodwa kwa-D bese kuthi amabili ayeseGoli kuSizwe association. Wayengasahlali ekhaya kubo kodwa eqashile eNordale njengoba vele nomakhumbi akhe ayesebenzela ngakhona. USibiya wayehlala nesinqandamathe sakhe kulomuzi ayewuqashile esasizithwele ngalesikhathi. USibiya vele nakubo abafowabo banamatekisi oJabulani noBethuel kodwa wona ahambela ngasemakhaya.
Ngalolusuku lomhlaka ka-30 waphuma kwakhe uSbiya ntambama ebheke edolobheni eMtuba lapha ayezoyohlangana khona nomunye unkampani uKendane Buthelezi. Abahlangananga ngoba wabe esekhumbula ukuthi cha akaqale ehambise into edliwayo endlini bese ebuyela kuKendane. Akafikanga ke endlini ngoba oxamu abangaphazami base bemlalele unyendle kulomgwaqo u-R618 eNordale. Ngezithuba zo 17h30 wabe esenamathwa imoto ngemuva eyabe isicweza engathi iyasika okuyilapho osibindigidi behlisa amawindi base beluvulela uyaba lwezinhlamvu. Zathi mazimqongqotha zimshaya zimsheshisa imoto ihamba, zimdudula kakhulu ohlangothuni lwasesikudleni zenzela angaze alokothe adonse eyakhe imawuzeni. Zamvava ingalo yakwesokudla yanhlakanhlaka wena owabona kugoklozwa amathambo makuhlahlwa. Sezimshayile zabe seziphela emehlweni zamshiya ethule, esethule okwanguna phakade.
Esefile uSibiya wafihlwa kuwumunyu onzima, lalivuliwe ke icala khona eMtuba kepha alibophanga muntu. Umngani wakhe uKendane Buthelezi owayekade eliphoyisa phambilini wazama ukuzenzela uphenyo olungumshoshaphansi. Akaluphothulanga ngoba wayesezimbele igodi ngokuvukuza loludaba naye zamthelekela izingane ezingenamama zamngqokloza ngenhlamvu wafa.
ITULO
USibiya wayenenkambiso eqotho kusoseshini engahambisani nokuhlohlwa kwezimoto emzileni ngenkani okwakwenziwa abathile. Esophondweni futhi nokulwa namawundela ayethatha abantu babo emzileni futhi uyena owayema ephoyintini leli itekisi netekisi eyayedlula kulo ukuze kubalwe ukuthi ilayishe abantu abangaki bese kuthunyelelwa i-owner. Uyena futhi owaqinisa ikhanda ebuza ngokulahleka kwemali kaSoseshini eyayifuze iyokhanda isigwaqane esithize.
Emavikini amathathu ngaphambi kokubulawa kwakhe kwadutshulwa uSfiso Hadebe phambi kwakwakhe uSibiya, edutshulwa insizwa eyathi ingadubula yabe isibaleka yangena ehlathini. UHadebe wakwazi ukubaleka ngemoto kodwa edubulekile. Kuthe sekudutshulwa uSibiya lesibhamu esasidubule uHadebe sasiyingxenye futhi. Okusho ukuthi inkabi yayivele izofuna uSibiya yageja.
INKABI
Uxamu owaqongqotha i-owner uThabani Mkhwanazi (30) was' Ophondweni laphaya ngakwaSomkhele. UThabani yilona osavalelwe kumanje othinteka ecaleni lokubulawa kuka AKA umculi. USibiya naloxamu babezwana futhi loxamu wawukhona embonini ebheke umsebenzi kayise. Kade kudutshulwe uHadebe, uSbiya waba nensolo wasewubiza loxamu nempela wavuma ukuthi yiwo lo obushaya uHadebe kodwa ubungezukumbulala ubumethusa. Wabe esethetha uSibiya kuloxamu ethi kungani pho lomuntu uzomethusela ngakwami, bungamethuseli ngani ngakwakhe na. Uma sekuvela isibhamu esathusa uHadebe kulokhu kushaywa kukaSibiya, akungabazisi ukulibeka ngembaba ukuthi uyena uThabani owashaya uSibiya.
Lemali kaSoseshini eyadliwa ayemagange uSibiya egubha ngayo ingani uThabani wayeyingxenye yalelokomidi engusikhwama. Esebulewe uSibiya nempela avumbuka amadoda afaka ngodli izimoto emzileni. UThabani wayifaka itekisi, abafana bakwaNdimande, uMjey Mkhwanazi osanda kufa naye wayifaka itekisi, uyisihlobo sakhe uThabani, kanye noKhangelani wayifaka itekisi. Lesiqhoqho samadoda analo ulwazi ngokufa kukaSibiya kodwa owayehola izinkabi uThabani Mkhwanazi. USibiya wayeshayelwa ukuthi ugolozile ukuthi bafake ngodli izimoto abathile futhi babemsusela ukuthi ulokhu egubha loludaba lwemali kaSoseshini abase beyidlile.
Amaphoyisa mawahambe eyokwengeza lelicala emacaleni kaThabani Mkhwanazi, nguyena owabulala uSibiya waphinde wabulala uKendane Buthelezi owayelandelela ukubulawa kukaSibiya.
Siwuvale kanjalo ke uJuly nezintuli zawo.
Izithombe: UDumisani Dum Sibiya ohleli etekisini noThabani Mkhwanazi inkabi.