Indaba Online

Indaba Online INDABA Online brings the heartbeat of our nation to your cell phone, with a strong focus on isiZulu content and human interest stories.
(3)

Inkohlakalo | Amacala | Ezabasebenzi | Ezabafundi

Ngomhla ka-30 April 2021 emgwaqeni u-R618 eNordale eMtubatuba oxamu abangaphazami baqongqotha i-owner uDumisani 'Dum' Si...
31/07/2025

Ngomhla ka-30 April 2021 emgwaqeni u-R618 eNordale eMtubatuba oxamu abangaphazami baqongqotha i-owner uDumisani 'Dum' Sibiya ngoyaba lwezinhlamvu wafa ujuqu.

USibiya kwakuyi owner elinamatekisi kusoseshini waseMtubatuba enamatekisi amahlanu (5). Amabili alamatekisi ayehambela kulomzila waseDukuduku, eyodwa kwa-D bese kuthi amabili ayeseGoli kuSizwe association. Wayengasahlali ekhaya kubo kodwa eqashile eNordale njengoba vele nomakhumbi akhe ayesebenzela ngakhona. USibiya wayehlala nesinqandamathe sakhe kulomuzi ayewuqashile esasizithwele ngalesikhathi. USibiya vele nakubo abafowabo banamatekisi oJabulani noBethuel kodwa wona ahambela ngasemakhaya.

Ngalolusuku lomhlaka ka-30 waphuma kwakhe uSbiya ntambama ebheke edolobheni eMtuba lapha ayezoyohlangana khona nomunye unkampani uKendane Buthelezi. Abahlangananga ngoba wabe esekhumbula ukuthi cha akaqale ehambise into edliwayo endlini bese ebuyela kuKendane. Akafikanga ke endlini ngoba oxamu abangaphazami base bemlalele unyendle kulomgwaqo u-R618 eNordale. Ngezithuba zo 17h30 wabe esenamathwa imoto ngemuva eyabe isicweza engathi iyasika okuyilapho osibindigidi behlisa amawindi base beluvulela uyaba lwezinhlamvu. Zathi mazimqongqotha zimshaya zimsheshisa imoto ihamba, zimdudula kakhulu ohlangothuni lwasesikudleni zenzela angaze alokothe adonse eyakhe imawuzeni. Zamvava ingalo yakwesokudla yanhlakanhlaka wena owabona kugoklozwa amathambo makuhlahlwa. Sezimshayile zabe seziphela emehlweni zamshiya ethule, esethule okwanguna phakade.

Esefile uSibiya wafihlwa kuwumunyu onzima, lalivuliwe ke icala khona eMtuba kepha alibophanga muntu. Umngani wakhe uKendane Buthelezi owayekade eliphoyisa phambilini wazama ukuzenzela uphenyo olungumshoshaphansi. Akaluphothulanga ngoba wayesezimbele igodi ngokuvukuza loludaba naye zamthelekela izingane ezingenamama zamngqokloza ngenhlamvu wafa.

ITULO

USibiya wayenenkambiso eqotho kusoseshini engahambisani nokuhlohlwa kwezimoto emzileni ngenkani okwakwenziwa abathile. Esophondweni futhi nokulwa namawundela ayethatha abantu babo emzileni futhi uyena owayema ephoyintini leli itekisi netekisi eyayedlula kulo ukuze kubalwe ukuthi ilayishe abantu abangaki bese kuthunyelelwa i-owner. Uyena futhi owaqinisa ikhanda ebuza ngokulahleka kwemali kaSoseshini eyayifuze iyokhanda isigwaqane esithize.

Emavikini amathathu ngaphambi kokubulawa kwakhe kwadutshulwa uSfiso Hadebe phambi kwakwakhe uSibiya, edutshulwa insizwa eyathi ingadubula yabe isibaleka yangena ehlathini. UHadebe wakwazi ukubaleka ngemoto kodwa edubulekile. Kuthe sekudutshulwa uSibiya lesibhamu esasidubule uHadebe sasiyingxenye futhi. Okusho ukuthi inkabi yayivele izofuna uSibiya yageja.

INKABI

Uxamu owaqongqotha i-owner uThabani Mkhwanazi (30) was' Ophondweni laphaya ngakwaSomkhele. UThabani yilona osavalelwe kumanje othinteka ecaleni lokubulawa kuka AKA umculi. USibiya naloxamu babezwana futhi loxamu wawukhona embonini ebheke umsebenzi kayise. Kade kudutshulwe uHadebe, uSbiya waba nensolo wasewubiza loxamu nempela wavuma ukuthi yiwo lo obushaya uHadebe kodwa ubungezukumbulala ubumethusa. Wabe esethetha uSibiya kuloxamu ethi kungani pho lomuntu uzomethusela ngakwami, bungamethuseli ngani ngakwakhe na. Uma sekuvela isibhamu esathusa uHadebe kulokhu kushaywa kukaSibiya, akungabazisi ukulibeka ngembaba ukuthi uyena uThabani owashaya uSibiya.

Lemali kaSoseshini eyadliwa ayemagange uSibiya egubha ngayo ingani uThabani wayeyingxenye yalelokomidi engusikhwama. Esebulewe uSibiya nempela avumbuka amadoda afaka ngodli izimoto emzileni. UThabani wayifaka itekisi, abafana bakwaNdimande, uMjey Mkhwanazi osanda kufa naye wayifaka itekisi, uyisihlobo sakhe uThabani, kanye noKhangelani wayifaka itekisi. Lesiqhoqho samadoda analo ulwazi ngokufa kukaSibiya kodwa owayehola izinkabi uThabani Mkhwanazi. USibiya wayeshayelwa ukuthi ugolozile ukuthi bafake ngodli izimoto abathile futhi babemsusela ukuthi ulokhu egubha loludaba lwemali kaSoseshini abase beyidlile.

Amaphoyisa mawahambe eyokwengeza lelicala emacaleni kaThabani Mkhwanazi, nguyena owabulala uSibiya waphinde wabulala uKendane Buthelezi owayelandelela ukubulawa kukaSibiya.

Siwuvale kanjalo ke uJuly nezintuli zawo.

Izithombe: UDumisani Dum Sibiya ohleli etekisini noThabani Mkhwanazi inkabi.



IQINISO | UMduduzi Lethukuthula Mthethwa (Deputy Director- Inkosi Mtubatuba Municipality) uboshiwe ebusuku bayizolo ngec...
30/07/2025

IQINISO | UMduduzi Lethukuthula Mthethwa (Deputy Director- Inkosi Mtubatuba Municipality) uboshiwe ebusuku bayizolo ngecala lokushaya, ukulimaza impahla nokunukubeza ingane.

Ngivezela laba akabenzele i-Video call lobubufakazi ukuthi ubeqeda kuvela enkantolo. Ngizonethulela udaba olugcwele maduze njengoba kusanecala lesibili elivulwayo kumanje.

IZITHOMBE: Ziveza yena eshajwa nangesikhathi enza i-Video call ubesagqoke ngokufana.



DR MASUKU ongu-Deputy Director General (DDG for Corporate Services) kwa-DoE eKZN inkampani ayivula itholile nayo ku-Nutr...
30/07/2025

DR MASUKU ongu-Deputy Director General (DDG for Corporate Services) kwa-DoE eKZN inkampani ayivula itholile nayo ku-Nutrition.

UMasuku isikhulu esiphezulu esingumqondisi kulomnyango wezemfundo ka-MEC Hlomuka.

Ngo - 2020/09/22 uMoses Bhekizenzo Masuku wasungula inkampani ITHUSI HARDWARE AND CONSTRUCTION. Kwathi ngonyaka olandelayo wasefaka izindlalifa zakhe uZamokuhle noSakhile. Ukuhamba kwesikhashana wakhishwa uZamokuhle kwasala uSakhile yedwa.

Lenkampani ke igxavunile nayo umsebenzi kulama Tender ezindodla okuphakela izikole. Losekela mqondisi akasaqondisi kodwa uyagwegwisa.



ONOGADA bathi bevele beholelwa uZuka bese becindezelwa uPSIRA ofuze abe ngumalusi nomvikeli wabo.Unogada nonogada onamap...
30/07/2025

ONOGADA bathi bevele beholelwa uZuka bese becindezelwa uPSIRA ofuze abe ngumalusi nomvikeli wabo.

Unogada nonogada onamaphepha (E,D,C...) kuyimpoqo ukuba abhalise kwaPsira. Lokhu kubhalisa kuyasipaya njalo emva kweminyaka emibili bese uyovuselela ngo-R70. Uma usuvuselele usungahamba uyoprinta isitifiketi nomaphi ngopondo wakho. Psira useze nenye. Uthi makuvuselelwe kuye ngo R70 uphinde uprinte khona ngomunye uR70.

Lo R70 uwukubaqola onogada. Nakwamadala ejudeni kakaze libekhona ikhasi elilodwa ongaliprinta ngoR70. Kuleningizimu entsha kushaywa edonsayo. Lababantu uyaziwa umsebenzi wabo ungcikingciki kodwa bajike beqolwe umalusi wabo. Mayibuyekezwe lento Kalo R70 wokuprinta.



NGO - 23h00 ebusukwini bayizolo kuboshwe isikhulu sikamaspala waseMtubatuba ngecala lokunukubeza ingane eManguziUMduduzi...
30/07/2025

NGO - 23h00 ebusukwini bayizolo kuboshwe isikhulu sikamaspala waseMtubatuba ngecala lokunukubeza ingane eManguzi

UMduduzi Mthethwa ongu-Deputy Director wakwa-Community kumaspala we-IFP uMtubatuba ulibangise eMbazwane izolo eyobona isinqandamathe sakhe. Akuhambanga kahle esefikile kwanengxabano waseyibeka isandla intombi. Ivuke umbhejazane lensizwa iphihliza nemoto yentombi yagcina ngokubaleka intombi le.

Ibe isithinta amaphoyisa intombi nangampela zafika ezakwadalawane. Ekufikeni kwazo zifumanise ukuthi nengane eno-11 years ebisendlini inukubeziwe ngokocansi zabe sezimkhalela uNyambose. Utokele eManguzi uzovela maduzane enkantolo. Amacala: Ukudlwengula, ukushaya nokulimaza impahla.

Isigilamkhuba lesi bekuyisishoshovi se-EFF sabe sesifuduka sajoyina i-IFP, semukelwa kuleliyagigi ebelikwaNongoma umengameli we-IFP egqokisa amalunga eNkatha izikibha enza engathi uyawamukela.



IMEYA ye-ANC esabika ngenkohlakalo nokumoshwa kwemali egameni layo yakwaDukuza u-Ali Ngidi isiyesulile esikhundleni. Yes...
30/07/2025

IMEYA ye-ANC esabika ngenkohlakalo nokumoshwa kwemali egameni layo yakwaDukuza u-Ali Ngidi isiyesulile esikhundleni. Yesule nozakwayo okwi Exco naye.

FUNDA | Umkhandlu we-ANC KwaDukuza Municipality Ukhokha R173 068.61 ngenyanga Ukuthi kugadwe umuzi weMeya uNgidi.

Kuputshuke ama invoices aveza ukuthi lomaspala we-ANC ukhokhela inkampani i-Pro Secure yaseThekwini ukuthi igade ikubo lemeya Ali Ngidi ubusuku nemini. UNgidi wakhe eNkobongo township ngaphandle kwakwaDukuza.

Ngokwale invoice ithi labonogada bawu-10 sebebonke, abahlanu bagada emini abanye abahlanu bagade ebusuku behlome ngemijojantaba yezibhamu impela.

Akugcini lapho kuphinde kube nama bodyguards awu-5 angunga imeya nomaphi la ihamba khona ahola R35 000 lilinye alethwa inkampani okuthiwa i-CPO ke wona.

ISITHOMBE | SELIYAZIWA Isela likadizili wezimoto zomkhandlu wase-Zululand uZanazo Ngubane ongu-Fleet Manager kuwo umkhan...
29/07/2025

ISITHOMBE | SELIYAZIWA Isela likadizili wezimoto zomkhandlu wase-Zululand uZanazo Ngubane ongu-Fleet Manager kuwo umkhandlu.

Lesigilamkhuba siwuntshontsha bume futhi kuyaziwa inkinga akakho ongasishushisa ngoba sinwayana imiqolo nabaphathi abakhulu. Muva nje zike zamanse izimoto zingenawo udizili, uNgubane uwudayisela abantu bamaveni ngamanani aphansi Olundi. Vele uMbomvu uyazenzela kulomkhandlu ingani nodumezimbanjweni wakhe uqashwe isiqashwakanjani umqondisi uMam Linda ngakho belu ukuzichanasela emkhandlwini. Nabashayeli abaphethe sebathuka izanya, umfana uyabahahabisa obaba nezimpandla. UMbomvu kaDizili lo uyilunga le-IFP elikhoshozela kakhulu kubaholi bayo, uyi untouchable.



UMFAZI ka-Deputy Minister uJomo Sibiya naye uhlomulile ku-Nutrition programme obukhandelwe ukucebisa i-ANC.Udumezimbanjw...
29/07/2025

UMFAZI ka-Deputy Minister uJomo Sibiya naye uhlomulile ku-Nutrition programme obukhandelwe ukucebisa i-ANC.

Udumezimbanjweni kasekela ngqongqoshe wakwa employment and labour uSimphiwe Brightlady Sibiya uhlomulile eMzinyathi district ngenkampani esiphethwe nguye kodwa eyayivulwe uyena uJomo ngokwamagama epasi uNtuthuko Mbongiseni Sibiya ngo-2008. Igama lenkampani SESIPHAMBILI TRADING. UMjomane wabe eseyedlulisela kumkakhe ukuze kudliwe ngayo amathenda.

Khona lapha kwaSibiya yaphinde yahlonyuliswa ingane uSiphelele Sibiya ngenkampani ESADLESINYE CATERING kuwona uNutrition.

Bonke lobufakazi abuhambi nanzondo kepha nginivezela ubuqiniso bokuthi lomsebenzi wokuphakela izikole ubunombandela oqinile wokuthi kuzodla o-chief nemindeni nabangani kuphela. Kuyafumaza ke ngisho indoda ethenjiywe eyazi kahle ngezindaba zamatoho ezweni ifunza izithandwa zayo.

Izithombe: Umjomane nomkakhe nobufakazi bezinkampani.



29/07/2025

LALELA | UYAGONYULUKA umsebenzi kwezamathenda Okhahlamba osongelwa uSomlomo we-NFP ngokufa.

Umsebenzi kumaspala Okhahlamba ugonyuluka ngokusatshiswa uSomlomo womkhandlu uZamlandela Khumalo we-NFP omesabise ngokumusa kwagoqanyawo uma emendleleni yakhe kulethenda ka-R1m ayifunayo.

Lomsebenzi ulibeka ngembaba elokuthi makuke kwathi kete uzobe ebulawe uKhumalo. Uthi kakade vele uyambona uKhumalo usanenkinga naye njengoba wajikisa abatshalimali ababezokhanda umgwaqo beza ngobuqhophololo. Intungwa lokhu lamenyanya lapho ke ngoba lalizodla.

UKhumalo vele unawo umlando wokubulala. Wake wadubula uNhloso Gwala owayewusoƱkontileka ongamhlephulelanga iqatha kade emkhulumele kwenye iTender, sizolubhala udaba lukaGwala seluzimele.



KUNGAMANGA ukuthi u-MEC uSipho Hlomuka wagcina ngokuyivula inkampani waseyidlulisela esihlotsheni. Yawadla ama-Tender eg...
25/07/2025

KUNGAMANGA ukuthi u-MEC uSipho Hlomuka wagcina ngokuyivula inkampani waseyidlulisela esihlotsheni. Yawadla ama-Tender egameni lakhe.

I-Ammendment of directors yenkampani APHIGUGU TRADING yenziwe ngo - 2018/11/29. Ngo-2017 lenkampani eqanjwe ngezingane ezimbili zikaSipho azithanda kakhulu yabe isimuka nawo uthuli amathenda. Yayidla kumkhandlu wesifunda Uthukela, idle kumnyango wezokuthutha wase-KZN. Ngalezikhathi uSipho wayeyisekela likanobhala eKZN kumbutho wezoni i-ANC.

Sesizoqhubekela kwingqwayingqwayi uNomagugu Simelane, Kubi phaya.

Izithombe: Ubufakazi bonke.



IMPISI IDLA IHAMBA Trading & Projects eka Nhloso Gwala (PEC ANCYL KZN) nayo ihlomulile ku-Nutrition programme.IMPISI le ...
25/07/2025

IMPISI IDLA IHAMBA Trading & Projects eka Nhloso Gwala (PEC ANCYL KZN) nayo ihlomulile ku-Nutrition programme.

IMPISI le eyesishoshovu sikavukayibambe ku-ANC usondelene kakhulu noThanduxolo, lo owahlomulisa izinkampani zabafazi bakhe kuloluhlelo.

Inkampani kaGwala ivela kuhla lwaseZululand District. Lenkampani isishaya ibuya njengoba nangokudlule ibicoshacoshile izikoli ezimbalwa.

Zilokhu zidle njalo ezika-Tambo eziseduze noHlomuka ongu-MEC kwa-Education eKZN.

Izithombe:
1. Nhloso Gwala weMpisi
2. Kwazi Mshengu, Impisi noThanduxolo (isixaxa ssmasela)
3. Uhla evela kulo nobunikazi benkampani



INKOHLAKALO | Kayisalanga ngaphandle nenkampani yomfazi womsebenzi wasehhovisini lika MEC Hlomuka ku-Nutrition programme...
25/07/2025

INKOHLAKALO | Kayisalanga ngaphandle nenkampani yomfazi womsebenzi wasehhovisini lika MEC Hlomuka ku-Nutrition programme.

Inkampani yomfazi wesishoshovu kwezika-Tambo UBUKHOSI BASE NQUTHU esibuye sibe ngumsebenzi ehhovisini lika MEC wakwa-Education eKZN igixabeziwe nge-Tender nayo. Lomsebenzi owaziwa ngoMgaga iyavela Inkampani ebhaliswe ngomkakhe uQondisile Agnes Mgaga (MaNdimande) kwezihlomulile.

Lenkampani ihlomula nje isiseweni lokuvalwa u-CIPC ngoba ikweleta ama AR ashibhe kakhulu angu-R100 vo. Inikezwe lomsenzi isiku Final deregistration stage.

Zilokhu zidle njalo ezika-Tambo eziseduze noHlomuka.

Izithombe:
1. Mgaga nomngani wakhe uSipho Hlomuka
2. Qondisile Mgaga umfazi
3. Ubunikazi benkampani
4. Ubufakazi bokuthi igixabezwe ingekho esimeni
5. Uhla evela kulo



Address

Musgrave, Silverton Road
Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Indaba Online posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share

Category