Izindaba 247

Izindaba 247 Asandile ngomlomo, umsebenzi wethu uyazikhulumela. Sikulethela izindaba ezihamba phambili ezweni.

01/01/2026

Kubikwa ukuthi kubulawe amalungu amane omndeni izolo ebusuku ePort Shepstone.

Umethuli wezinhlelo osenohlelo ngempilo yakhe kuMzansi Magic uFelix Hlophe uthi uyazisola ngezigameko zakamuva zangasese...
30/12/2025

Umethuli wezinhlelo osenohlelo ngempilo yakhe kuMzansi Magic uFelix Hlophe uthi uyazisola ngezigameko zakamuva zangasese ezimqhathe nomqashi wakhe.

Umethuli wezinhlelo osenohlelo ngempilo yakhe kuMzansi Magic uFelix Hlophe uthi uyazisola ngezigameko zakamuva zangasese ezimqhathe nomqashi wakhe.

Usemisiwe emsebenzini uFelix Hlophe.
29/12/2025

Usemisiwe emsebenzini uFelix Hlophe.

EZINGENAYO: Amaphoyisa aseGauteng asebophe abasolwa abawu-11 ecaleni lokubalwa kwabantu abawu-10 ethaveni eBekkersdale. ...
24/12/2025

EZINGENAYO: Amaphoyisa aseGauteng asebophe abasolwa abawu-11 ecaleni lokubalwa kwabantu abawu-10 ethaveni eBekkersdale.

Umndeni kaZinhle Mchunu (23)otholwe egqitshwe nge suitcase usuveze ukuthi ngesikhathi enyamalala wayenoThemba Xaba, okun...
24/12/2025

Umndeni kaZinhle Mchunu (23)otholwe egqitshwe nge suitcase usuveze ukuthi ngesikhathi enyamalala wayenoThemba Xaba, okungumsolwa oboshiwe (osesithombeni), ayethandana naye. Uthi uThemba wathinta ilungu lomndeni wathi uZinhle upakishe izimpahla zakhe kwi-suitcase wahamba ne-ex.

Engxoxweni neNewzroom Afrika umndeni uthi amaphoyisa athole isidumbu sikaZinhle ngokuya endaweni abebekuyo noThemba, nokuyilapho kuthe uma kuseshwa egcekeni, athi amaphoyisa azolanda izinja ngoba kukhona abekusola, kwayima uThemba ephumela obala ngokuthi isidumbu sikuphi.

Umsolwa useboshiwe, kodwa akucaci uzovela nini enkantolo.

UZinhle ubulawa nje ubenza unyaka wokugcina e-UKZN Edgewood.

Oyedwa wabasolwa ababili abasolwa ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras usevelile enkantolo, ubhekene necala lokubulala futhi...
24/12/2025

Oyedwa wabasolwa ababili abasolwa ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras usevelile enkantolo, ubhekene necala lokubulala futhi angase agixabezwe ngodilikajele uma etholwa enecala. Igama lakhe uVictor Mthethwa Majola.

Uzobuyela enkantolo ngoJanuary 6 2026 njengoba kusaqoqwa ubufakazi bendawo ahlala kuyo neminye imininingwane ngaphambi kokufaka isicelo sebheyili.

Ummeli wakhe wazise inkantolo ukuthi umsolwa uthi uke wathintwa amaphoyisa ngesibhaxu.

21/12/2025

Amaphoyisa aphenya amacala abucayi eGoli athungatha abadubule babulala abantu abawu-9, bashiya abanye abawu-10 belimele kabi ezintatha namhlanje ethaveni eseBekkersdal.

UKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uGeneral Fannie Masemola izolo uveze ukuthi ngeke ushaye uMsombuluko engaboshiwe umso...
20/12/2025

UKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke uGeneral Fannie Masemola izolo uveze ukuthi ngeke ushaye uMsombuluko engaboshiwe umsolwa ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras odutshulwe ngoLwesibili kuleli sonto enkabeni yedolobha eGoli.

Ngokombiko kaMandla Chris utholwe esebulewe ngesihluku uZinhle Mchunu owagcina ukubonakala kwa-C eMlazi ngenyanga edlule...
20/12/2025

Ngokombiko kaMandla Chris utholwe esebulewe ngesihluku uZinhle Mchunu owagcina ukubonakala kwa-C eMlazi ngenyanga edlule.

Utholwe khona eMlazi isidumbu sakhe sifakwe kwi-suitcase sagqitshwa.

Kuboshwe abethandana naye oneminyaka ewu-23.

Inkantolo yemantshi ePolokwane ichithe isicelo sebheyili esifakwe wumculi waseLimpopo uShebeshxt (Lehlogonolo Katlego Ch...
17/12/2025

Inkantolo yemantshi ePolokwane ichithe isicelo sebheyili esifakwe wumculi waseLimpopo uShebeshxt (Lehlogonolo Katlego Chauke) obhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo amathathu okuzama ukubulala nawokushaya ngenhloso yokulimaza.

Uzobuyela enkantolo ngo 18 February 2026.

Ukapteni weBafana Bafana uRonwen Williams uthi kunezinto ezingahambi kahle ekhempini yokulungiselela i-Africa Cup of Nat...
17/12/2025

Ukapteni weBafana Bafana uRonwen Williams uthi kunezinto ezingahambi kahle ekhempini yokulungiselela i-Africa Cup of Nations kodwa uthi yizinto esezilungisiwe.

Ukapteni weBafana Bafana uRonwen Williams usephumele obala wavuma ukuthi kunezinto ezingahambi kahle ekhempini yokulungiselela i-Africa Cup of Nations kodwa uthi yizinto esezilungisiwe.

Amaphoyisa athungatha abasolwa abathathu ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras odutshulwe enkabeni yedolobha eGoli izolo.
17/12/2025

Amaphoyisa athungatha abasolwa abathathu ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras odutshulwe enkabeni yedolobha eGoli izolo.


Ingene ilekanyana imiyalezo yenduduzo ebhikiswe emndenini kaWarrick Stock, obedume ngelikaDJ Warras, kulandela ukudutshulwa kwakhe enkabeni yedolobha eGoli izolo.

Address

Durban

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Izindaba 247 posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Izindaba 247:

Share