Sakha Isizwe FM

Call Directions Website

Sakha Isizwe FM SAKHA ISIZWE FM is a community radio that situated in KwaMakhutha Township.
(2)

14/10/2026

EZIPHUTHUMAYO | ETHEKWINI

πŸ”₯ UMLILO EBHILIDINI EHLANGANENI LEMIGWAQO U-CHE GUEVARA NO-UMBILO

Kubikwa ukuthi kunomlilo ebhilidini elisendaweni yomgwaqo u-Che Guevara no-Umbilo eThekwini.

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) kanye nabezicishamlilo basendaweni yesigameko ukuyobhekana nalesi simo.

πŸ“ Indawo: Che Guevara Road no-Umbilo Road, eThekwini
πŸ•— Isikhathi: 20:24, mhla ziyi-14 ku-Okthoba 2026.

Imbangela yomlilo, izinga lomonakalo kanye nokuthi kukhona yini abalimele akukakaqinisekiswa.

Abantu bayacelwa ukuba bagweme indawo yesigameko futhi balandele imiyalelo yeziphathimandla.

Sizoqhubeka nokwazisa umphakathi njengoba kuvela eminye imininingwane.

14/10/2026

Izindaba eziphuthumayo |

Kubikwa ukuthi okungenani abasolwa abane badutshulwe babulawa ngemuva kwesigameko sokuphangwa kwemoto ethutha imali ku-South Coast Road, ngaseMega City eMlaza.

Kubikwa ukuthi kutholakale nezibhamu ngemuva kwesigameko.

Imininingwane eyengeziwe isazolandela. Akukacaci okwamanje ukuthi isigameko senzeke kanjani nokuthi amaphoyisa asethini ngophenyo.

πŸ“’ ISIMEMO ESIBHEKE KOMPHAKATHISAKHA ISIZWE FM IYAMEMA UMPHAKATHI!ISakha Isizwe FM imema wonke umphakathi ukuba ube yingx...
14/10/2026

πŸ“’ ISIMEMO ESIBHEKE KOMPHAKATHI

SAKHA ISIZWE FM IYAMEMA UMPHAKATHI!

ISakha Isizwe FM imema wonke umphakathi ukuba ube yingxenye yohlelo lwezombusazwe oluthi:
INKUNDLA YEZOMBUSAZWE – IWADI YETHU, IKUSASA LETHU

Sizoba nengxoxo egxile ezindabeni ezithinta imiphakathi yethu, ubuholi obuphendulayo, ukuthuthukiswa kwamawadi kanye nokwakha ikusasa elingcono.

πŸ“… Usuku: 26 October 2026
πŸ• Isikhathi: 13h00
πŸ“ Indawo: Emphusheni Hall

Sikhuthaza wonke amalungu omphakathi ukuba eze azolalela, abambe iqhaza futhi aveze imibono nezinselelo ezibhekene nemiphakathi yethu.
Izwi lomphakathi libalulekile ekwakheni ikusasa lethu!

πŸ“ž Ngeminye imininingwane:
UDkt Thandeka Madlala Khathi: 083 693 1013
UReggie Mzobe: 067 109 3156
Sakha Isizwe FM – Izwi Lethu, Isizwe Sethu!

Sizobe siku Live nge page . Abafuna ukubuza bayobuza baphendulwe

13/10/2026

Inyoka etholake e Scottburgh

Ingozi eyenzeke ku-M4 oya enyakatho, eduze kwase-Hyper By The Sea, eThekwini.Kwenzeke ingozi embi ebandakanya izimoto ez...
13/10/2026

Ingozi eyenzeke ku-M4 oya enyakatho, eduze kwase-Hyper By The Sea, eThekwini.

Kwenzeke ingozi embi ebandakanya izimoto eziningi ku-Ruth First Highway (M4), emzileni obheke enyakatho, eduze kwase-Hyper By The Sea, eThekwini. Kubikwa ukuthi le ngozi ibiyimbi kakhulu, kwavutha izimoto, kwaphinde kwaba kwashona oyedwa wesifazane


Bantu base Scottburgh nithi lenyoka iphume eLwandle?Ngabe iqiniso noma I AI ? I video ye nyoka ikuma comment
13/10/2026

Bantu base Scottburgh nithi lenyoka iphume eLwandle?

Ngabe iqiniso noma I AI ?

I video ye nyoka ikuma comment

12/10/2026

MaGolide uphume washaya ezakhe🀝

βš–οΈ UMAGOLIDE NO DZANIBE BATHOLA IBEYILI, KODWA UNsibande UZOHLALA ESITOKISINI!UMagolide noDzanibe banikezwe ibheyili ka-...
12/10/2026

βš–οΈ UMAGOLIDE NO DZANIBE BATHOLA IBEYILI, KODWA UNsibande UZOHLALA ESITOKISINI!

UMagolide noDzanibe banikezwe ibheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye, kanti uNsibande yena usazoqhubeka nokuhlala esitokisini.

Abantu ba bonge kuMmeli obemele umkhwenyana ka Jacinta Ngobese Zuma

I MK ithi icela Ogogo bezo phuza itiye lapha eLovu Clinic bakhona kuyimanje
12/10/2026

I MK ithi icela Ogogo bezo phuza itiye lapha eLovu Clinic bakhona kuyimanje

Address

Durban
4126

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Sakha Isizwe FM posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Shortcuts

Share

Category