02/06/2024
β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€
π π© B U L L D O Z E R π© π
π iNJA yeZiMANGA π
β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€ β€
π¬ HORROR FICTION
β οΈ π SNLV
β€ DUMISANI MADONDO
Ngikhulele eMpangeni emakhaya koMalume
Bengihlala ngibuka imfuyo sonke iskhathi ngagcina nginephupho lokuthi mangikhula ngizokuba nguMnumzane Ohloniphekile Onemfuyo eningi
Ngangiphupha impela yayinga qhamukaphi yonke leyoMfuyo? Ngagcina ngakho Ukwelusa imfuyo yakweminye imizi
Umama unguThisha kodwa uganele le kwaNongoma wafundiswe nguye umyeni wakhe nobuthishela lobu
Bengimncane eyoshada kuthiwa indoda yakhe ayikaze yafuna nokuthi ithathe umuntu ozele ngakho yafihlelwa ngami
Ngikhule ngingamazi umama selokhu ahamba wayogana kanjalo
Kuthe ngenye imini uMalume ebuya kovakashela uMama noSbari wakhe wangitshela ukuthi uMama umhlebele ukuthi ubengibekela imali eHardware yempahla yokwakha nemali eBank yonke leminyaka yokuthi ngiyofunda
"Yini engizoyifunda ngoba ngangena eskoleni ngashiya emabangeni aphansi ngayolusa ukuze ngizolala ngidlile?"
Ngibuza uMalume ngolaka
Malume wavele wangitshela ukuthi angithathe lemali ngiyofuna intombi efundile ngiyilobole vele sengizoba nomuzi wami sikhuluma nje impahla yokwakha uthi umama izofika kulo lelisonto elizoqala
Ngithule ngiyicabange yonke lento "umfazi ofundile?"
Sesiya zulala zula noMalume egcekeni sibonisana kahle yonke indawo engizokwakha kuyona indlu yami
Empeleni ngiyabona ukuthi le kuzoba umuzi wami impela ngoba sisele sobabili noMalume kuleli gceke kuphela
Wamshiya noMama wezingane zakhe obehlala nathi ngenxa yotshwala buyamehlula
Waphinda kubo nezingane uMalumekazi kudala
Ezinsukwini ezimbili ifike itruck yaseHardware noMakhi wakhona osekhokhelwe
Angibonise iPlan yendlu abavumelana ngayo noMama esikhokhelwe neMaterial yonke
Cha yinhle kakhulu uthi ezinyangeni ezimbili izobe iphelile
Kwethuka nabantu esgodini sakithi bebona kusukuma uBig House ngokushesha bedidekile ukuthi iqhamkaphi imali yomuzi ngoba bayasazi isimo sethu
Nangempela ezinyangeni ezimbili sasqeda ukusiza uMakhi indlu iphelile sinikwa okhiye bendlu
Akusefani kukhona angenzele kona uMama senginomuzi futhi ngiyolanda umfazi manje
Lelicard lase_Bank bathi linamaSavings angaphezu kwa R100,000
Ngizolobola impela ngishadelwe kuleyomali
Ngizothola noma iStifiketi seSecurity ngitohoze nami ukuze umfazi engeke angigibela ekhanda
Wadla uMaNgcobo ofundisa kulesyaskole esingaphesheya
Uyena intombi engizoyithatha
Kunini ngangifisa ngesaba ukumtshela ngezothando
Kulomuzi kuzokhala esakhe iscathulo
Ngazibika kuye ngeSbindi wathi esazama ukungichikha ngavele ngamnika incwadi eyaku Bazali bakhe ngenyanga edlule ecela ukuletha amalobolo basinika usuku lwenyanga ezayo
Kuyimanje uthando lwethu luyavutha usanganiswe ukuthi ngimakhele umuzi ngiyozishaya zonke kubo
β€ NOMUSA NGCOBO
Namhlanje yilanga lami lamalobolo
Kusobala u _SKHUMBA wayeqinisile konke ayekusho nakhu ngempela ezinyangeni ezimbili ngizolotsholwa ngiqedwe
Angikaze ngacabanga ukuthi u _DUMSANI angangakhela umuzi ofana naloya awakhile aphinde azongi Lobola azishaye zonke kalula kanje
Ngabe sekuyizona lezinhlanhla ekuthiwa ngizilethelwa u _BULLDOZER..?
Lisemlonyeni wami igama laleyaNja ngoba alipheli isonto ngingayiphuphanga ngiyimemeza sihleli nayo
Bengingazi iNja yisilwane esithandeka kangaka bengiyisaba kabi
Ngizwe u _NOKULUNGA ephaphama eceleni kwami ufike izolo ukuzongisiza singene late sizela siwudaka embhedeni izolo
Kuningi obekwenziwa engisiza Usefana nodadewethu impela
Uyashada naye maduze no_SKHUMBA uyazi wamlobola emva kwamasonto amabili siyekhona wamthatha bayohlala endlini yakhe
"Mrs SKHU.....
"Mrs Madondo... behleka ngenkulu iNjabulo
"Usakuphethe kahle Ubaba wakwakho..?
"Kahle kakhulu oe yazi angikaze ngacabanga ukuthi ngiyogana inyanga...
"Mina bengazi yini ngoshada uDumsani? Ay ntombi wakewangisiza wangihambisa kulowamuntu zaqaqeka izinhlanhla zethu oe..
Bethatha uHigh 5 behleka
"Anisheshe nawe bo noDumsani nithathe u _BULLDOZER aybo iyaSpoilwer leyaNja ihlala kusofa idlela etafuleni...
"Hawu kodwa i_Cute nje...
Bethuswa umama ka Nomusa eknocker "sekuyoze kufike abaKhwenyana nilele....
Bevuka ngokushesha
Bashaya iNgqephu yama Attire bazicwala babahle
Zafika emaphethelweni izingxoxo zamalobolo wazishaya zaphelela u _DUMSANI
Wawuqala Umcimbi woMeMbeso etendeni egcekeni kukuhle kudelile
Baze bafakana amaRing
NOMUSA esephindela eskoleni akabuyelanga e _Cottage loThisha kodwa wangenisa nempahla yakhe kwaMadondo eMzini endlini ka_DUMSANI
Kumnandi behleli ngokuthula endlini yabo uMalume ka_DUMSANI ezihlalela endlini endala engemuva
DUMISANI wayehamba ngeBhasi njalo ekseni efundela ubuSecurity neDriving edolobheni labo eMpangeni
Omakhelwane bebaze njalo impumelelo yakhe Umuzi Umfazi Onguthisha bezitshela nokuthi uvuka uya emsebenzini
Kuyophela isonto efikile uNomusa yiWeekend yokuqala bazihlalele endlini
"MaNgcobo ngiyohlezi ngikubonga ngokungenza iNdoda emadodeni wazovusa lomuzi Mtakwethu...
"Namanje Angikakholwa Dumie ukuthi wazishaya zaphelela ekhaya wangakhela nomuzi.. and sisazoba nokuningi maybe sizohlala edolobheni kwiSurburb...
"Cha mtakwethu angisoze ngakuvumela uthenge umuzi noma ngabe uhola imali enkulu kanjani...
"Ngiyakuzwa Madondo... uyazi kukhona isipho sethu okumele siyoslanda kumngani wami...
"Hawu kaMapholoba Ungahamba uyobona umngani wakho ulande isipho leso...
"Sizohamba nawe sthandwa sami sishawe umoya sidle neKFC edolobheni hawu...
"Ok ngiyezwa MaFuze wami omuhle akunankinga mawusho njalo sizohamba...
Wayemubamba kamnandi esondela emqabula
Bephuma bebheke emzini ka _SKHUMBA
π