18/08/2020
Ngingene emotweni yami ngiyishaye izule ngifikelle kusizwe esho ukuthi namhlanje umsebenzi muningi kukhona la okumele siye khona sobathathu i imina no lizwi no thando Siya kwisiqumama sendawo angithi imali sizobuya siyiphethe ubuthaphu thaphu sijabuleke nathi sizicuphe sibe bahle sisebenzise imoto kasizwe siyahamba nje emotweni siyazixoxela sifike kulomuzi isthaba thaba impela samukelwe ama body guard then besiphuthaze ukuthi asikho yini iskhali esisiphethe singeneke ,sihlangane nomuntu osibizile igama lakhe udk esise kwelinye I room , elinosofa aba mhlomphe belethe ishlabathi solwandle sisifake emakhaleni , kuphuzwe nje kuyaxoxwa futhi ngapha kuze kufike iskhathi sokuya ekameleni ,ngicele ukuya endlini encane bengilayeleke indlu inkulu kunzima ukunga lahleki Lana ngingene e toilet ngivele ngibuyisa wonke lotshwala ebengiwuphuza vele bengingakadakwa nje ngigeze ubuso ngziqale phansi nge make up , ngiphuma kuthulekile wonke umuntu u se downstairs then mina ngiye ekameleni lele okuthiwe siye kulo mangithi nje ngyandlula kwenye I room ngizwe kukhona okhuluma ne foni ngilalele emyang ...yebo bafike behamba bobathath ayi ama model impela,ngyabona umsebenzi bazongenzela kahle vele ,ethule kancane bese ethi khululeka imali yakh ikhona mfana usebenzile laba ngizobadayisela e Nigeria then ama millions akho ozowatholo ehleke kakhulu , evale ifoni ngibone kukhona oza ngakimi ngibuyele e toilet masinyane mele ngithole indlela yokubaleka Lana , ngizame ukufonela u lizwii ifoni yakhe ikhale Kimi ,sengizicabangela ngedwa manjeke , so kungenzeka ngingaphumi Lana ngibhale usipho I message ethi usidayisile usizwe ,esho nendawo engibezwe bekhuluma ngay ngicela ungibhekele ingane sasekhaya neyami ngicindezele u send ngifake I foni eskhwameni mese ngiyaphuma e toilet ngizenze u dakwe kakhulu ngifice u lizwi no thando sebe phele inkani elale uthando sekusele mina no lizwi manje ngizame ukumtshela kodwa ulokhu uyangiyeka nje lendawo igadiwe Yonke , efike u dk ,nisase ryt mantombazane , sihleke ubala ,wozani kubabake ,nginizwe niphetheni engibuze iminyaka yami ngiyisho ,bese ethi Waze wamcane bo sengizokubiza ngomancaneke simdansele kube kuhle senze umsebenzi wethu angisolisi lutho ngibone ukuthi udk useyadakwa manje lapho angimnike thuba nento engiyenza kuye ngymbona uyayijabulela ngikhiphe I tonsi eskhwameni umuthi wamehlo ngiwufake entweni yakhe yokuphuza ngimbone elala vuthu ubuthongo lizwi .kusho mina ngokuhleba lizwi ,udakiwe ,thando ,thando ,lutho naye ngithathe iskhwama Sami me foni ngiyifake emabeleni nginyonyobe ngivule umyango kancane kancane ngiphume ngiphethe ama qhoks ngezandla ngithe ngehle ngezitebhisi ama bodyguard alele amanye adlala I play station nginyonyobe emva kwawo ngithi sengizophumela ekhishini ngizwe ngesandla esingidonsela kuso ,ngisilandele mangithi usipho ,ufunani Lana. ,asikho iskhathi sokukhuluma bazosibulala labantu sinyonyobe , labe seliwile I qhokisi ,ngavele ngamelwa ikhanda babuzana bodwa yini le ewayo wangidonsa usizwe saphuma sesigulukudela sabalake angazi lokhu kugijima ngikuthathaphi kodwa Noma ukusaba Noma yini ,ngezwa ngomsindo wezibhamu ngumuva kwami phela lendawo ayikho emizini eminingi so sigima endaweni okungathi ukhalo nyana. Lapho isketi sisesiswini sigijime ngiwe engidonse usipho singene ku tar nansi imoto yakhe khona angiyazike le eyishaye izule , ngithi ngiphuthaza ifoni ayikho shuthi isale ngenkathi ngiwa phansi , ngilimali phansi kwezinyawo sithe sisahamba kwaqhamuka I truck angazi kwenzakaleni imoto yaphuma emqgwaqeni yaphenduka kaningi ngayibona isimile futhi ngezwa ngezwi noli noli u right kuba ngathi liyacima engikhiphe emotweni u sizwe sekumyama vele singene emanzini silale ngezisu ngibone ngelangabi elikhulu liqhuma emotweni emvakwalapho ngiphaphame embhedeni ka sipho