15/08/2024
ISIPHETHO UKUFA ZULU NOVEL BY VUSUMUZI KHUMALO
ISAHLUKO SESHUMI-10
Ushiwa igazi uKhethiwe njengoba kuyimpelasonto umgqibelo,izikhathi zisondelela enhlukaniseni sikhathi uthwalofu umatasa ekhishini uyapheka kanti umama wakhe uzibukela umabonakude.ayibeke indaba umama avele ethi izinto zabantu nabathakathi abangafuni ukumubona ejabula,avele azithulele engaphikisani naye.
Kubekhona onqonqozayo emnyango bamuyalele ukuthi akangene nebala angene,angabingeleli kuqhume inganono adindilize phansi uMaNdlovu athi uyaphuthuma uKhethiwe usesindwe zinyawo ubalekile umlisa.asikhihle esikanandi nomakhelwane bazwile kodwa ngenke ubabone besondela indaba isashisa beza ngoba sekuthulekile.
Ngokuphazima kweso kufike abosizo oluphuthumayo behamba nabakwasidlodlo nabacwaningi,basondele nomakhelwane bezokhalisa.bamuxine ngemibuzo uKhethiwe aze athi tshiyo tshiyo usevuthiwe bamuthathe bamubuyisele kubo,kufike umngani wakhe.
"Khethiwe ngizwelana nawe futhi ngibuhlungu ngokukuvelele,ngibona kungcono ukuthi uyofihla ikhanda ekhaya umama ngenke abenankinga ngoba ube sindelene kakhulu nomama wakho."
"Kulungile mngani umbono omuhle loyo nami angiboni ngizokwazi ukulala uma isimo sisanjena,owenze lento alibambe lingashoni no Ntozonke akekho angimazi nokuthi uphume wabheka ngaphi."
Afike esephoseka ekhaya uThobani,ujuluke umanzi te futhi uyatatazela athi qalaqala akaboni lutho futhi akekho amlandelayo.abone ukuthi usenele angene egunjini lakhe aziphonse embhedeni,kusenjalo kungene abazali bebabaza ngomshophi ovelele abakwaNdlovu.
Avele agumule izimpahla abezifakile ngokukhulu ukushesha lokho kube ngathi akukho olonakele,aphume egunjini lakhe abingelele abazali aphume.uphuma nje akazi nokuthi ulibangisekuphi nezwe kodwa inhloso ukuzama ukukhohlwa ubudedengu abenze kwaKhethiwe edubula umama kaKhethiwe ezitshela ukuthi uKhethiwe ngoba ezwe iphimbo lakhe ngenkathi bemuyalela ukuthi akangene,yena akangabuza mkhuhlane wavulela ngenhlavu maqede kwagcwala uthuli lapho umngani wakhe umufuna uthuli.