08/11/2025
KUGXEKIWE UKUHLOBA NGEHLAZO EMCIMBINI
KWAHLABISA
08 NOVEMBER 2025
ISIPHONGOZO
Kuphithizele abantu kwaze kwafiphala inhlamvu yelanga izolo emcimbini wokubungazo iNkosi Hlabisa, njengalokhu kubongwa impilo kanye nenqubekela phambili esesihlalweni sobukhosi iminyaka engu (48).
ISENDLALELO
Kulomcimbi osezingeni eliphezulu bekunezikhulu zombuso, ezingweni likaZwelonke kanye nasesiFundazweni, amakhosi amaningi, ngaphansi kokhalo lwesifunda, oSodolobha, kanye namalunga aqavile emaqenjini ezombusazwe.
UKWENABA
Ekhuluma ngokujulile uNkosi Biyela waseMahlayizeni, ubongele iNkosi Hlabisa ngokubambelela kakhulu esihlontini esahlelembeka esandleni soMtwana wakwaPhindangene, mayela nokusingatha izindaba zesizwe ngobunono kanye nobuqotho.
ISILANDISO
Eqhubeka nokulandisa okaMenziwa uncome iqhaza likaNdlunkulu ngokweseka iNkosi, waphinda wabagxeka abaholi abahlulekaneyo ukuhlonipha isizwe, abazazi bona, maqede bashaye indiva imizwa yabantu.
EKANTI
OkaMenziwa uyihlabe wayihlikiza inkohlwakalo, ubugovu kanye nempakamo kubaHoli.
Uthe ubuqotho yibona obenza ubuholi buhlonipheke, hhayi ukuhloba ngamahlazo nsuku zaphuma.
OKUNYE
Sifisa ukudlulisa ukuthobeka kakhulu kukhona konke okuhle okwenziwe ukuqhakambisa izenzo, ubuholi, ukutusa amava amahle esizweni.
Kuyiqiniso nokuthi baningi abasekele lomcimbi ezinhlakeni eyahlukeneyo, ekanti kumele sizithobe kakhulu nakubona.
UKUTHAYISELA
Singafisa ukubona imicimbi eminingi ehlelwayo kubanjiswane nezinhlaka ezahlukeneyo, njengalokhu kwenzekile nakulo lomcimbi, amalungiselelo onke aqale ngegxathu elicoyisakele. Ekanti nezinhlaka zokuphepha, ikakhulukazi abombutho babeyinxenye kukhona konke, ukuqinisekisa ukukhuseleka kokhumbintethe lonke.
Siyathobeka kakhulu
Ihhovisi likaSihlalo weSigungu Sokuphepha komphakathi esifundeni saseMkhanyakude