27/09/2025
INKOSI IKHALA NGABESIBHUDA ABAGOLOZELA AMADODA
27 SEPTEMBER 2025
ISINGENISO
Iyakhalaza Inkosi yeSizwe ngomsindo oqubuka emakhaya ngenxa yokuncipha kwezinga lentobeko kubantu besibhuda.
ISENDLALELO
Emhlanganweni obanjelwe eJozini, eMsiyane, ngenhloso yokwakha isizwe kanye nokuqwashisa ngezenzo ezimbi emphakathini, iNkosi yokhalo lakwaNyawo, ikhuze ukuhlunyezwa kwabantu besifazane,
Yaphinda yakhalaza ngokuthi abanye bayansala. (Badaza inkani).
PHAKATHI KOKUNYE
Inkosi ikhalaza ngokuthi kwesinye isikhathi umsindo udalwa yikuthi abantu pbesifazane bayagoloza ukuphekela amadoda abo, kodwa bathumele izingane yize kuyibo abaganile, nokuyaye kuthi nxa bekhunjuzwa injongo yokuganwa kwabo, bese badaza inkani yeselesele, maqede bese kubanjwana ngezihluthu.
MAKHATHALENI
INkosi yokhalo ayigcinanga ngalamazwi njengoba iphinde yakhuza abantu abaxovayo ngokufaka amacala nxazonke, emikhandlwini yamakhosi kanye nasezigcawini zamacala asezinkantolo zomthetho,
Konke lokhu iNkosi ikhale ngokuthi kuphithanisa imiqondo yoNdabezitha ngokungenasidingo, esikhundleni sokuthi konke kuhambe ngokunikana ithuba kanye nokucathulisana.
KHONA MANJALO
INkosi iphinde yahlaba yahlikiza izenzo zokungabekezelelani, ukulahleka kwenhlonipho kanye nokuthobelana emphakathini.
EKANTI
Sizokhumbula ukuthi Lomhlangano uthanyelwe yizinkumbi zabantu, iminyango kaHulumeni eyahlukeneyo, kanye nezithunywa zaseSwazini, ikakhulukazi njengoba bekubhekwa kakhulu isimo samacala aqhubekayo phakathi kwalamazwe angomakhelwane.
OKUHLALUKILEYO
Kuthuse abaningi ukuphutha kwezithunywa zase Mozambique kulomhlangano ngomzuzu wokugcina..
Siyathobeka
Ihhovisi likaSihlalo weSigungu Sokuphepha komphakathi esifundeni saseMkhanyakude