Ayo The Storyteller

Ayo The Storyteller Ujuu 🍯


Authoress 🖋
(434)

💯❤
30/08/2026

💯❤

 For a moment umzimba ka Nkosiyabo went cold. He couldn't breathe, couldn't think... couldn't process what he had just s...
30/08/2026



For a moment umzimba ka Nkosiyabo went cold. He couldn't breathe, couldn't think... couldn't process what he had just seen.

Wa pace iward yonke, ama questions crashed into his mind one after another, no mqondo wakhe felt like it was exploding.

Wababuka bobabili embhedeni, inhliziyo yakhe isivele yanyomfeka yaphela, kwavuka nokudinwa.

Engamfihlela kanjani uZasembo into enje?

Eseneskhathi esingakanani eyazi lento, ngoba kwase kuphele nenyanga uLeleti abuya?

Okwam'fikela uNkosiyabo ukuthi umkakhe wayeyazi lento, kubonakala nendlela ayem'vikela ngayo uLeleti uma ezama ukumfaka endleleni.

Wadumala uNkosiyabo ngento ayeyibonile, nokuthi wafihlelwa yona. Ephoxeke kakhulu nakwi ndodakazi yakhe, ayengayilindele lento ku Leleti.

Engazi nokuthi ukube wayengalele kanjeya ethola ngalento wayezomenzani or athini kuye.

Yayiminingi imibuzo ayefisa ukuyibuza indodakazi yakhe, kodwa kunakho konke ayengagcina emubamba ngezandla emhlanganisa nezindonga, ayengasafune lutho ayezoyichazelwa uZasembo.

Kubona bonke abafana, uLeleti wafika waqoma indodana yesitha sakhe? Bahlanganaphi? Kanjani?

Wabeka ifoni ka Zasembo eduze kokhiye, waphuma.

Izimpendulo ayezifuna ayengeke azithole lapha, nokuba kuleya ward no mkakhe nendodakazi yakhe emva kokuthi bamufihlele into engaka kumthukuthelisa.

Umqondo wabuyela emuva kwi call ayithola ekuseni—wayengasangabazi nakancane ukuthi leya call yayithintana nayoyonke lento.

Okwakungayenzi isense ukuthi uma uLeleti nalomfana babethandana yini eyayingenza amdubule?

Noma wayengakaze wayithanda indodakazi yakhe, umfana ayenza umsebenzi ayethunywe uyise?

Wayemubulele ephila uMpiyakhe, enze nento ayazi kahle ukuthi iyomushiya nesilonda—ithi uma isabalala le video iyoba iskhumbuzo nasezinganeni zakhe uLeleti, iyomehlisa isithunzi isiqede impilo yakhe yonke.

Wayeqeda uNkosiyabo ukufisa engabe iqiniso akazange alithole.

Noma kwakum'khulula emoyeni ukuthi leya video yayingekho ngaye, kodwa futhi esebonile ukuthi ingendodakazi yakhe wayesefisa ngisho ukushintsha izindawo — ayesethi wayeyohlambalazeka kudlule, engafuni indodakazi yakhe ivuke lapha ibhekane nalento.

Bebangaki bona abantu abase benale video? Kona uElethu wayeyi delete ngempela?

Waphuma ngemoto esbhedlela uNkosiyabo ngabo 6pm.

Wafonela uOmnene emtshela ukuthi usendleleni, ufuna ukudlani? Uzodlula athenge ukudla.

Umbuzo owabuza uOmnene ukuthi akumele engabe usesbhedlela njengamanje?

Impendulo yathi, "I'd rather be with you than be in that hospital right now."

Wazibamba esefuna ukubuza uOmnene ukuthi kwenzenjani manje, wam'tshela ukuthi akangazixaki ngokudla—uphekile, kodwa upheke irice ubengazitsheli ukuthi uzofika.

"Kulungile ngizodla lokhu okuphekile."

Wanqekuzisa ikhanda uOmnene, "Alright, I'll see you when you get here."

Wavalalelisa uNkosiyabo, kwaba ukulisusa nje ucingo endlelebeni uOmnene—uAmahle wam'gxumela ngemibuzo.

"UMr. Tshabalala loyo?"

"Uthi uyeza?"

"Ubani osesbhedlela?"

Wayelalele yonke into eyayishiwo uOmnene—kodwa akazange aphendule neyodwa impendulo uOmnene, wasukuma phansi wathi usekhathele ukukhuluma ngo Nkosiyabo.

Uzele ukuzobona yena lapha, noma ukuzoxoxa nge relationship yakhe?

Wangena ekhishini uOmnene isiqala nokumdina lento yabantu ababethi uma benaye bafune kukhulunywe ngo Nkosiyabo unomphelo.

Wam'landela uAmahle, wamuzwa esekhuluma emva kwakhe ekhishini wathi uyam'jabulela nje kuphela ngothando lwabo, eyibona nendlela ayethandwa ngayo.

Wakhipha ibhodwe elincane ekhabetheni uOmnene, wabheka uAmahle owayeseze wancika ngodonga, efake encane ingubo le eyayimubamba—wazohloniphisa nge stockings, ephuza ne wine ayemuphathele lona.

Kodwa walinqaba uOmnene, wagcina emtshela nendaba yokuthi umithi.

"Ngiyabonga, Amahle."

Bamamatheka bobabili, wafaka amanzi ebhodweni uOmnene, wasondela kwi counter no Amahle ebe encoma umuzi wakubo.

Lapho ngaphakathi uOmnene wayesethi kodwa iyohamba nini lentombazane? Wayemubona esweet bandla yena uAmahle, kodwa engadinge bangani.

Emuncenge waze wavuma emucela ne address yakubo ethi ubesenqena ukujika esezitshelile uzomubona, yathi iyeza intombazane ngisho uOmnene eseyitshela ukuthi ubona seku late.
..

 Kulezinsuku ayikho indawo ayeyihamba njenge sbhedlela uNkosiyabo, la ekwakumele engabe uyajabula uNene uphumile, kwakun...
29/08/2026



Kulezinsuku ayikho indawo ayeyihamba njenge sbhedlela uNkosiyabo, la ekwakumele engabe uyajabula uNene uphumile, kwakungena indodakazi yakhe.

Wangena esbhedlela sekuqala kubamnyama emnyango, waphendula icall ka Zweli eyayingena—wacela ukubuyela kuye usasesbhedlela.

Wahlangatshezwa inurse lathi udokotela ucele ukumubona eoffice uma efika.

Imoto yomkakhe wayeyidlule kwi parking lot, ayezitshela nokuthi uzothi engena eoffice abafice bonke no dokotela, kodwa wafica udokotela yedwa.

Wasukuma udokotela wamamukela wamucela ahlale phansi.

Wahlala phansi uNkosiyabo ebe ebuza ukuthi indodakazi yakhe injani? Ekhanda enokuthi uZasembo unayo la ekhona.

Kwakungathi wayemufunda umqondo udokotela. Wathi indodakazi yabo had a seizure, kwaphoqa ukuthi atholelwe igazi ngokuphuthuma... umkakhe kunguye owa donate.

Wagwinya amathe uNkosiyabo, wacabanga leskhathi esincane ayesiphumile kodwa wabuya sekwenzeke okuningi kangaka.

"How is she?" wabuza ngo mkakhe.

"She's exhausted... we moved her into the same ward as Leleti so we could monitor both of them. She should wake up soon."

Waqhubeka udokotela wam'tshela nangamaphoyisa, ukuthi afikile athatha istatement so mkakhe — ezosidinga nesa Leleti uma evuka.

Wasukuma phansi uNkosiyabo, impendulo yakhe yathi akalindele ke ukuthi kulokhe kugcaluza amaphoyisa kwi room yendodakazi yakhe, beyozwa ngaye uma isi ready ukukhuluma—bengekho ababengabasiza ngakho isalwela impilo yayo.

Waphuma eoffice, esecasulwa nawukuthi wawungekho umsebenzi walawo maphoyisa ayelokhe egijima lapha—uma udinga usizo kuwo kumele wazi abantu, kukhuluma nemali.

Wangena kwi ward nangempela wazithela kwimbhede isimibili, umbuzo wokuqala azibuza wona ukuthi kwakwenzekani ngempilo yakhe? Kuningi okwaku wrong, eseqala enaka nezinto ezazenzeka kwama business akhe. Uma kungafi ama truck, or imishini yokusebenza ilandelana, wayephunga izimali ezazilahleka.

Nasekhaya kunezinkinga, elungisa lezi kuqhamuke ezinye.

Esabambe isandla sa Leleti, kwangena inurse—nezikhiye zemoto ka Zasembo nefoni, wathi nama calls kade eqalile engena.

Wabonga uNkosiyabo, kwaba ukuphuma kwa nurse, wayi unlocka ifoni ka Zasembo wafica ama missed calls amathathu evela ku dadewabo uLondi.

Wabeka izikhiye zemoto ka Zasembo etafuleni eduze kwe bed ayelele kuyo, waqhubeka nokucofa ucingo lwakhe.

Wayengajwayelanga ukuyithinta ifoni yo mkakhe, eyithinta uma kunesizathu, ngoba engafuni ukuthola into eyayizobaxabanisa.

Kodwa kwabuya amazwi ka Elethu, namanje esazama ukuhlanganisa ukuthi uZasembo ungena kanjani kuyo yonke lento.

Waqala ku WhatsApp wakhe la afica khona imessage yokuqala kweya Londi, ebuza ukuthi akasalubambi ngani ucingo.

Engakayivuli wakhangwa igama la Elethu, naleya profile picture eyazi engakazi zoom.

Wangena kwingxoxo yakhe no Elethu ezibuza ukuthi umkakhe yini le ayeyihlanganisa no Elethu? Beqale nini ukuba abangani?

Wafunda ingxoxo yabo enyuka nayo, kunento ethi akayi delete — waze wagcizelela ukuthi akafuni uNkosiyabo ayibone.

Waphendula uElethu ethi usenzenjalo.

Kwaku nama texts ayeshoda lapha, ebona uNkosiyabo ukuthi enye ingxoxo yayingahlangani.

Yini le ekwakungamele ayibone? Umkakhe ethinteka kanjani egameni la Mpiyakhe?

Wake wamubuka umkakhe elele wangazi azizwe kanjani.

Okwakumqeda amandla kakhulu ukuthi kwakubukeka kuyena isilima lapha—bebaningi ababazi kwenzakalani, kuyena yedwa owayengalazi iqiniso uma laziwa nawo Elethu.

Wangena kwi chat yabo no Londi... emthumele ama messages elandelana uLondi amanye ebuza ngo Leleti ukuthi unjani, amanye ebuza nge video ukuthi unesiqiniseko angeke ifike kwi media?

Washawa uvalo uNkosiyabo esezwa ele media, wajuluka — wacabanga uYandisa owayelokhe emcefezela ngokumubona, ngabe wayenze ivideo yabo yini besembhedeni wayinika isitha sakhe?

Kodwa uYandisa emazelaphi uMpiyakhe? Wayesecabanga izinto eziningi uNkosiyabo, ehlanganisa izinto ezingahlangani, elokhe ezibuzile ukuthi ivideo yani leyo?

Wasuka eduze ko mkakhe wazama ukucabanga, kodwa kunalokho kwakungafiki lutho ekhanda, kulokhe kubuye umbuzo owodwa ukuthi yenzeke kanjani lento?

Eyaseneskhathi uYandisa ecomplain ngokushintsha kwakhe, kodwa wayengeke amhlambelaze njengoba ayecabanga.

Akazi uNkosiyabo yini eyathi akangene ezithombeni za Zasembo.

Into yokuqala azithela kuyo ivideo yocansi. Wacishe wamelwa inhliziyo engayivuli ngoba ayazi uZasembo akawagcina ama video anjeya ocingweni lakhe ngoba uLeleti wayeyithinta.

Uma kweyakhe leya video okusho ukuthi umkakhe wayeseyibonile? No Elethu?

Lwathi heqe uvalo uma kubuya ukuthi uElethu akamcabangi kanjani yena?

Wehlisa ivolume uNkosiyabo uvalo lwakhe seluhambisana nentokuthelo—wathi uma eyivula ivideo, wanaka into ayengazange ayinake ekuqaleni — ukuthi leli room akalazi.

Kodwa abantu ababekwi video wayebazi bobabili.

Wacishe waquleka uNkosiyabo ebona indodakazi yakhe, nalo mfana ayengazange angabaze nokuthi uyena lo owayekwakhe.

U-Delani, indodana ka Mpiyakhe.
..

💯
29/08/2026

💯

 Wayefike kubo uOmnene ilanga selishona—efike nasendlini ku clean, wazitshela ukuthi uNkosiyabo owaqoqa, ngoba into ayey...
29/08/2026



Wayefike kubo uOmnene ilanga selishona—efike nasendlini ku clean, wazitshela ukuthi uNkosiyabo owaqoqa, ngoba into ayeyikhumbula wavuka wayokwenza ukudla ibed engayindlulile mhla ehlaselwa ukugula.

Inkinga ukushisa afica kuvale indlu yonke, namawindi ekade agcina ukuvulwa, kwasiza kona ukuthi kwakukhona aircon.

Ngabo half four waqala amabhodwe uOmnene, wayesezizwa nayezizwa nasemzimbeni engathi anganyakaza.

Kwathi kugxabha ukudla estofini, wenza cereal — wavula ibox elisha, engasayazi nendaba yokuphelelwa into ethile endlini, uNkosiyabo ethi uma kuthenge yena, into iyodwa ayithenge ibeningi. Ethi kuncono ihlale ikhona kunokwiswela ikhona imali.

Kwangena ucingo lwa Grace ehlala nje phansi esitting room.

Waluphendula, babuzana impilo—wam'tshela nokuthi wayesebuyile, eseneskhathi ebuyile endlini.

Waxolisa uGrace ngokungezi ukuzomubona namhlanje, wam'xoxela ukuthi kade bephumile no Muzi, engena nje naye manje endlini.

Wavula iTV uOmnene, wahlala kahle naku sofa, wamubuza ukuthi bebeyephi?

Akazange ayixoxe yonke indaba uGrace, kodwa wakhala ngosuku oluhle ayebenalo, nothando ayengalwazi ayeluthola kulendoda.

Wamujabulela uOmnene, wathi eseblusha kakhulu uGrace, washintsha isubject wamutshela ukuthi isizathu ayesifonele ukum'checka ukuthi uright yini, amutshele nezindaba ezimnandi ukuthi uthe uyafika wafica ama documents akhe eposini.

Akazange akholwe uOmnene, indlela amemeza ngayo ocingweni—waze wahleka uGrace wathi cha kuyabonakala useluleme impela.

Okwase kujabulisa uOmnene ukuthi wayesezokwazi ukuphindela eskoleni, selokhe athola ukuthi umithi—wayesazi impilo ayisekho ngaye yedwa, sekunomuntu okwakumele amakhele impilo.

Enalo novalo ngo Nkosiyabo ukuthi izinto angeke zihlale zizinhle kanjeya phakathi kwabo, noma ayengakaze walikhipha ngomlomo lelo ebantwini, kodwa uvalo lolukhona.

Esethi noma ngabe kwakwenzakalani, akuthi kwenzeka lokho ebe enento ephathekayo, into ayezokwazi ukuziphilisa ngayo noma uNkosiyabo ayengasekho.

Wathembisa ku Grace ukuthi uzowalanda ezinsukwini, bavalelisana no Grace ethi ujahe ukuqala amabhodwe angaze afike no mfundisi, ayengazi nokuthi wayehambile.

Kwaba ukulivala nje ucingo lwa Grace, kwangena icall from uAmahle... wayeseze wayi save uOmnene inamba yakhe, kodwa kwaba ukubona igama lakhe kwi screen warolla amehlo.

Yayingakhathali lentombazane ukumfonela? Isifunani manje?

Waluphendula ucingo, kwaba ukulibeka endlebeni wabe eseshilo uAmahle.

"Babes, ngicela ungaphatheki kabi kodwa ngidojile emsebenzini... ngisendleleni eza esbhedlela ngizokubona, beng'funa ukubuza nokuthi ungathanda ngik'phatheleni?"

Wavele waphelelwa amazwi uOmnene, waye ngayijwayele lentombazane kodwa yayisinomusa kakhulu kuye.
..

📌
29/08/2026

📌

28/08/2026
 Igama la Mpiyakhe Ngcobo labuyisa ama memories amaningi ku Nkosiyabo, uMpiyakhe wake waba umngani wakhe omkhulu once, k...
28/08/2026



Igama la Mpiyakhe Ngcobo labuyisa ama memories amaningi ku Nkosiyabo, uMpiyakhe wake waba umngani wakhe omkhulu once, kodwa wakhetha ukuma nesitha sabo, isenzo sakhe sachitha igazi labantu abaningi.

Wangena emotweni yakhe uNkosiyabo wadonsa umoya—wake wahlala edla amathambo engqondo, engakaze acabange nokuthi lolusuku laluyoke lufike.

Kwase kuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amabili anyamalala eThekwini uMpiyakhe.

Noma ayemsola uMthobisi ngokungamazisi ngokushesha ngalabafana, kodwa futhi wayengamsoli ngokukhetha umndeni wakhe kuqala. Naye wayengenza okufana, naseminyakeni edlule enza okufanayo.

Wakhetha ukuyishiya phansi impilo eyayinobungozi, ifaka izibhamu ngoba kwakugcina ngokuchitheka igazi. Wakhetha umndeni wakhe, ngoba engafuni uphile ngokusaba.

Yathi isuka imoto kwakuvuka nenzondo endala, esho nangenhliziyo ukuthi uMpiyakhe wayengasoze washintsha—namanje esayinja eyayingenamazinyo.

Kulokhu wabona kuncono ukuthi athumele indodana yakhe ukuthi izomenzela imkhuba yakhe... akhulisa ingane eyikhulisela ubugebengu.

Kona unina wayo wayethini uma ekhona?

Kuyini le ababeyifuna emzini wakhe noma kuye emva kweminyaka emingaka?

Okwase kumnika ukuthula ukuthi wayesazi ubani owaye behind yonke lento, ayengakwazi ukuthi kwakuyini umsusa wayo yonke lento.

Wayibuka imoto ka Nkosiyabo yaze yayosithela uMthobisi emi ewindini, waphakamisa ibhodlela lakhe wathatha isip — ediniwe, eshawa nawuvalo, ayehlezi emphikela uNkosiyabo uma ezwa izinto ezimbi ngaye, kodwa namhlanje emtshengise elinye iside lakhe ayengafuni ukulinyathela.

Wagankaza ibhodlela phezu kwetafula, wabamba ikhanda, ecabanga kabili—sebebabili nabantu ayengafuni ukuba crossa.

Kodwa ayengakwazi uNkosiyabo ukuthi wayelapha kulelizinga ayekulo uMthobisi namhlanje, ne business lakhe lisimeme kangaka kwaku Mpiyakhe.

Lemali engaka eyam'qalisa lela business ayeyisebenza kuye, ngokum'lungisela izimoto zakhe ePE—elungisa yonke into ethi moto yakhe ngisho ezasezinkampanani, emholela imali enjengemali.

Wahexa kuye ngoba uMpiyakhe esevukwa umhobholo emubona esene business elikhulu, wam'tshela ukuthi sekuzomele amsebenzele mahala ngoba wayesenza imali eyanele, wakhohlwa ukuthi lemali wayengamuphi kodwa wayesuke eyisebenzele.

Wayesamsiza lapha nalapha, noma kwaku ngasafani nasekuqaleni—and njalo uma bebonana, uMpiyakhe wayezom'khumbuza ukuthi uyamkweleta.

Mhlampe uma emazisa ngo Nkosiyabo iskweletu sakhe sasingaphela? Phela lapho wayeyobe emtholele isitha sakhe esikhulu.

Wadonsa icellphone yakhe wa dial inumber ka Mpiyakhe.

Walubeka endlebeni ucingo, lwaringa...

Lwaringa iskhathi eside lungabanjwa, la esethi uyaluvala khona—walubamba ngendelelo uMpiyakhe, wamubuza ukuthi ufunani?

Indlela abuzwa ngayo uMthobisi yamuphula inhliziyo, eyihloniphile lendoda iminyaka kodwa yona ingamazi nokuthi uyini. Ikhuluma isinoma ikanjani naye, into ayengayazi ku Nkosiyabo.

Ngalela langa wayeqala uMthobisi ukunyusela uMpiyakhe ivoice—wam'tshela ukuthi usemhloniphe iminyaka, akasazi naleskweleti asisapheli yini uma esezothumela nengane yakhe ukuthi izomenzela imsebenzi yakhe, ezomfaka kwinto eyayithinta uNkosiyabo.

Wavele wathela umoya phansi uMpiyakhe, wamutshela ukuthi uma esazazi okwakumlungele, angeke aphinde amnyusele ivoice engathi ukhuluma nenja yakhe, wamubuza nokuthi ukhuluma ngani? Iyiphi ingane ayithumile? U-Nkosiyabo engenaphi kulento?

Wavele wabona uMthobisi ukuthi shuthi akazi ngempela lomuntu, ezisizile nokunqaba ku Dax noma ayesethi uthunywe uyise—ayesenqatshiswa nawukuthi wayesola vele eka Nkosiyabo imoto ngoba eyazi ihistory yabo bobabili.

Wamtshela sonke istory ukuthi uDelani ubelapha, ehamba nge Maserati ka Nkosiyabo Tshabalala nabangani bakhe — bengene emzini ka Nkosiyabo bantshontsha imoto, badubula nendodakazi yakhe.

Waphelelwa amandla namazwi uMpiyakhe, akazanga nokuthi ucingo walususa nini endlebeni.

Wasala uMthobisi ekhuluma yena, ebuza nokuthi usakhona yini kodwa ucingo lwase luvaliwe.

Kwahamba umqondo ku Mpiyakhe, wandwaza.

Wazama uku process yonke lento ayeqeda kuyizwa.

Indodana yakhe intshontshe imoto ka Nkosiyabo, yadubula nendodakazi yakhe?

Ingadubulanga ingane yanoma imuphi uNkosiyabo, idubule ingane yantshontsha nemoto ka "Nkosiyabo Tshabalala".

Wamemeza iguard lakhe uMpiyakhe elalimi kwi balcony, langena esethela ugologo kwi glass.

Walitshela ukuthi uDelani usebafake emanyaleni. Ususeka lapha ePE wayoqala impi nesitha sabo esikhulu.

Lathi uma libuza ibodyguard la Mpiyakhe ukuthi ubani lesositha, kwaba ukuzwa igama la Nkosiyabo lwashwabana ulimi.

Wathatha isip kwi whiskey uMpiyakhe, eseme waze walifathela iguard, ebheke esthombe somndeni wakhe odongeni.

Yini le uDelani ayebafake kuyo?

Emva kweminyaka emingaka engafuni nokuhlangana nangephutha no Nkosiyabo ngisho eseThekwini, indodana yakhe yayiphuma iyosilanda isitha?

Wayeyizwa idlongoza emadlebeni impi ingakaqali, emazi uNkosiyabo wayebanjani uma uthinta umndeni wakhe. He had aeen it before and it wasn't pretty.

Yeqe omkhulu umugqa indodana yakhe—kukuningi okwababalekisa eThekwini no nina ababengazange bamtshela kona uDelani.

Engazi nokuthi yini eyayimubeka eThekwini, ekubeni babazi ukuthi ulapha ePE eskoleni.

Ayengazi ukuthi ugijima emathekwini wenza ama robberies. Edicilela nesibongo sabo phansi, ezomufaka nasezimpini ayengazifuni.

Labuzela phansi iguard la Mpiyakhe ukuthi yini elalingathanda limenzele kona?

"Call Delani. Umtshele ngimdinga lay'khaya before sunset."

"Yes, sir."

Laphuma estudy iguard ucingo selulubeke endlebeni, lifonela uDelani.
..

Kuncono kukhalwe nhlangothi zonke 😎
28/08/2026

Kuncono kukhalwe nhlangothi zonke 😎

❤💯
27/08/2026

❤💯

Address

Durban

Telephone

+27736575502

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ayo The Storyteller posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ayo The Storyteller:

Shortcuts

Share