Ingqwele Newspaper

Ingqwele Newspaper We are publishing news.

U Ayanda Ntanzi uyaveva ngabambiza ngedimoni.Umculi woKholo u-Ayanda Ntanzi uwatshele izindaba Zika bhoqo amakholwa aswe...
29/07/2024

U Ayanda Ntanzi uyaveva ngabambiza ngedimoni.

Umculi woKholo u-Ayanda Ntanzi uwatshele izindaba Zika bhoqo amakholwa aswela umgodi wokucasha, ewakhuza ngokumbiza ngomuntu onamadimoni ngoba angena endiza phezu kwezihlwele ekhonsathini yakhe.

UNtanzi uthe abamyeke adumise uNkulunkulu ngendlela athanda ngayo okunokuba bamehlulele bamenze umuntu omubi.

EZINKANTOLO: USiyabonga noMalusi Ndimande babuyele enkantolo yeMantshi eManzini lapho kuqhubeka khona imizamo yokuba bab...
29/07/2024

EZINKANTOLO: USiyabonga noMalusi Ndimande babuyele enkantolo yeMantshi eManzini lapho kuqhubeka khona imizamo yokuba babuyiswe kuleli ukuze babhekane necala lokubulala u-AKA nomgani wakhe uTibz.

Bazovela abokufika abangu-95 baseLibya abatholakale beqeqeshelwa ubusosha enkambini eseMasoyi eMpumalanga.

Liyaqhubeka elikaSenzo Meyiwa enkantolo enkulu yasePitoli.

Ezingena manje || Kubikwa ukuthi umculi odabuka eLesotho uMalome Vector  akasekho emhlabeni ngemuva kokubandakanyeka eng...
25/07/2024

Ezingena manje || Kubikwa ukuthi umculi odabuka eLesotho uMalome Vector akasekho emhlabeni ngemuva kokubandakanyeka engozini yemoto.

Ngokwemibiko abanye abantu ababili abehamba nabo emotweni bashonile.

Imininingwane eyengeziwe ngalolu daba izokwabiwa.

Ukhozi FM radio DJ Khathide Tshata Ngobe has been suspended due to political events .
02/06/2024

Ukhozi FM radio DJ Khathide Tshata Ngobe has been suspended due to political events .

02/06/2024

Izihlalo ngokwahlukana kwamaqembu kuzwelonke:
ANC - 159
DA - 87
MK - 58
EFF - 39
IFP - 17
PA - 9
VFF PLUS - 6
ACTIONSA - 6
ACDP - 3
UDM - 3
ATM - 2
AL JAMA - 2
BOSA - 2
NCC - 2
RISE MZANSI - 2
GOOD - 1
PAC - 1
UAT - 1

02/06/2024

Izihlalo ngokwahlukana kwamaqembu KwaZulu-Natal:
MK - 37
IFP - 15
ANC - 14
DA - 11
EFF - 2
NFP - 1

Uhlabeni niwulawule mphakathi wakithi uMdu Mbatha ucela ukufuniswa nangu umuntu omdalaIgama lakhe uThokozile Buthelezi n...
08/02/2024

Uhlabeni niwulawule mphakathi wakithi uMdu Mbatha ucela ukufuniswa nangu umuntu omdala

Igama lakhe uThokozile Buthelezi ngokuzalwa oPhongola oGodlwayo wahamba eyovakasha eMoolman wafika eMoolman wadla uKhisimuzi kanye noNew year wase ejika mhlaka 03January 2024 ethi ubuyela oPhongola lokhu agcina ukubonakala lapho

Sicela ongaba nolwazi axhumane noMdu Mbatha kulenombolo elandelayo 0761690828

đź“· Ezomphakathi News

  IzindabaAbangani bomrepha u-AKA okubalwa kubo uYanga Chief noL-Tido bavakashele ithuna lakhe eWestpark Cemetery eGoli,...
28/01/2024

Izindaba

Abangani bomrepha u-AKA okubalwa kubo uYanga Chief noL-Tido bavakashele ithuna lakhe eWestpark Cemetery eGoli, nogologo iCruz Vodka, eyayiqanjwe ngaye, beyogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngeSonto. U-AKA obezohlanganisa iminyaka engu-36, wadutshulwa wabulawa kuFlorida Road, eThekwini, ngoFebhuwari nyakenye.
đź“· Facebook

 January 28, 2024Kuboshwe owesilisa (29), osolwa ngokudlwengula intombazane (15) ethaveni eNortham ngaphandle kwaseThaba...
28/01/2024



January 28, 2024
Kuboshwe owesilisa (29), osolwa ngokudlwengula intombazane (15) ethaveni eNortham ngaphandle kwaseThabazimbi, eLimpopo, ngoMgqibelo.

Le ntombazane kuthiwa ibisethaveni nesoka layo nabanye abangani ababili, abayizithandani, bephuza utshwala ngoLwesihlanu.

Ngokwamaphoyisa, yona nabangani bayo bahambile ethaveni sebedakiwe baya endlini yomunye, balala endini yodwa.

“Kusolwa ukuthi isoka livuke ezintatha lamshiya elele. Umsolwa uthi umangele ngabo-5 ekuseni ngoMgqibelo, 27 Januwari 2024, ethola enye indoda ilele naye inqunu naye enqunu futhi wezwa sengathi ubenza ucansi ngaphandle kwemvume ngoba ubedakiwe,” kusho uColonel Malasela Ledwaba, okhulumela amaphoyisa aseLimpopo.

Uthe icala livulwe esiteshini samaphoyisa eNortham, ladluliselwa ophikweni lweFamily Violence Child Protection and Sexual Offences, eThabazimbi futhi umsolwa uboshwe ngoMgqibelo.

Kuthiwa uzovela eNkantolo yeMantshi eNortham ngoMsombuluko.

Kwesinye isigameko, ummangali ubike ukuthi ngoLwesihlanu phakathi kuka-6 no-7 ebusuku, ushiye umgilwa ekhaya yedwa.

Ngesikhathi esebuya emgeza, intombazane ikhale ngezinhlungu esithweni sangasese. Ummangali uthe eyibheka wabona igazi.

“Kubikwe ukuthi umgilwa uyiswe esibhedlela esiseduze ukuyohlolwa futhi imiphumela yakhomba ukuthi udlwenguliwe,” kusho uLedwaba.

Icala livulwe esiteshini saseMaake ladluliselwa ophikweni lweFamily Violence Child Protection and Sexual Offences, eTzaneen.

Amaphoyisa athungatha umsolwa kanti onolwazi ngaye angathinta umseshi uLieutenant Colonel Isaac Mahlane ku-082 469 2625 noma ashayele u-08600 10111

 I-RICHARDS BAY FC ISAYINISE UMGADLI WASE-MALAWIINatal Rich Boyz imemezele ukusayiniswa komgadli waseMalawi uKhuda Ike M...
28/01/2024



I-RICHARDS BAY FC ISAYINISE UMGADLI WASE-MALAWI

INatal Rich Boyz imemezele ukusayiniswa komgadli waseMalawi uKhuda Ike Myaba. Amaqembu amaningi ebebonakala engena emakethe ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokudayiselana abadlali ngoLwesihlanu.

The Gauteng Police express concern about a circulating post claiming an elderly woman was arrested for using fake bank n...
28/01/2024

The Gauteng Police express concern about a circulating post claiming an elderly woman was arrested for using fake bank notes in Rietgat. They refute the allegations, as the store manager denies such incidents, and there is no registered case at Rietgat or nearby police stations.

King MisuZulu usememezele u Thulasizwe Buthelezi ngengondunankulu wamaZulu (Traditional Prime Minister)Inkosi Phathisizw...
28/01/2024

King MisuZulu usememezele u Thulasizwe Buthelezi ngengondunankulu wamaZulu (Traditional Prime Minister)

Inkosi Phathisizwe Chiliza uzoba isekela.

Address

Nongoma
Durban
DURBAN

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ingqwele Newspaper posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Ingqwele Newspaper:

Share