05/07/2025
IZITHAKAZELO ZAKWA ZWANE.!
Zwane
Mangethe
Linda Mkhonto
Umafa avuke
Zikode kaPhikel
Uzwane akadlelanga phansi
Wadlela emkhombeni wezinyamazane
Edla imhlambi yezinkomo zamadoda
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zombili
Zigwele umdakana
Ntshosho!
Wena kamafu kawalingani angaphansi naphezulu
Ngoba aphezuku angubo ngubo!
Ntsele kaLinda kamkhonto!
Awungilinde ngilande ezami
Mthanti!
Nduna ngokutwala isisila sentsele!
UNtsele kangakanani, ngoba nasothini lomkhont' anganela
Nin' enadlela ecansini!
Nin' eniphakela umyeni odengeleni, ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabantsele!
Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu.
Nina bakaVezi owadl'isihlahla njenge ngwababane.
Zwane
Phikela wengwe
Ntselenduna
Nina base tsheni lase Ntshenteka
Zwane
Mandaba
Ukub'uMandaba wayengehlanga phezulu sasobuswa ngubani?
Zinkomo zakwaLindà ezimhlane ugcwele udaka,ezathi zidl'umbhoqo Kanti ziyaw'hlakulela
Ntshosho obhukuda ezizibeni
ezijulile, uma engabhukudi kwezijulile zibuya nodaka.
Mangethe omakhandakhanda
Nina baseMangweni!
Zikode !