Thami Mswazi

Thami Mswazi Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Thami Mswazi, News & Media Website, Durban.

06/05/2025

Abafana abasetshenziswa usathane fire! Phuma kuye, nifakwe ubani phumani madimoni out!

06/05/2025
02/05/2025
Like father like son
21/02/2025

Like father like son

URamaphosa usememe uZelenskiy oselahlwe iUS  ukuba avakashele izwe.  INingizimu Afrika ithi izingxoxo zokuxoxisana ngoku...
21/02/2025

URamaphosa usememe uZelenskiy oselahlwe iUS ukuba avakashele izwe. INingizimu Afrika ithi izingxoxo zokuxoxisana ngokuthula phakathi kwezikhulu zaseMelika neRussia bekumele zifake i-Ukraine.

UMengameli uCyril Ramaphosa umeme uMongameli uVolodymyr Zelenskiy eNingizimu Afrika ukuze avakashele izwe futhi uthemba ukuthi kuzokwenzeka maduze, kusho ihhovisi lakhe kuleli sonto ngenkathi i-United States ibeka eceleni futhi yahlambalaza umholi wase-Ukraine.

"UMengameli ufuna ukuthi lokho kuvakasha kwenzeke ngokushesha," kusho okhulumela uRamaphosa, uVincent Magwenya.

UMengameli Cyril Ramaphosa usevikele ungqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana, wathi ukuhoxiswa kwenkulumo yesabelomal...
21/02/2025

UMengameli Cyril Ramaphosa usevikele ungqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana, wathi ukuhoxiswa kwenkulumo yesabelomali ngoLwesithathu akuyona inkinga ebeka engcupheni uhulumeni wobumbano kuzwelonke.

Ekhuluma nabezindaba emhlanganweni weG20 wongqongqoshe wezangaphandle ngoLwesine, uRamaphosa uthe uGodongwana uhamba entanjeni.

Uthe uGodongwana uzama ukuthola indlela yokweseka izifiso zezwe nokuqinisekisa ukuthi isabelomali sizokweseka ukukhula nempilo yabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.

URamaphosa uthe i-GNU ihlangabezane nezinkinga esezibeke engcupheni ubukhona bayo, nokho lena bekungeyona enye yazo.

Uvikele uGodongwana osegxekwe kakhulu ngamaqembu ezepolitiki athe ukwenyuswa kweVAT ngamaphesenti amabili ahlongozayo bekuzojezisa abantu abahlwempu, wathi akekho ungqongqoshe wezeziMali ofuna kalula ukunyusa intela.

Udaba Luka Monapule SalengNgemuva kokunqumela i-Orlando Pirates ugwayi katiki odabeni lukaMonnapule Saleng umethuli wezi...
19/02/2025

Udaba Luka Monapule Saleng

Ngemuva kokunqumela i-Orlando Pirates ugwayi katiki odabeni lukaMonnapule Saleng umethuli wezinhlelo ohlonishwayo kuleli uRobert Marawa useyivezile inkinga yalo mdlali kweZimnyama.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRob ubhale ekhasini lakhe ku-X kuleli sonto eveza ukuthi useyasazi isizathu sokweqiwa yijezi kukaSaleng kodwa uzonikeza iqembu amahora awu-48 ukuthi likhulume nabalandeli balo licacisa ukuthi kwenzenjani.

IPirates igcine imzibile, wadedela udaba ngoLwesine ekuseni.

“Akaneme ngendlela aphethwe ngayo, nangokungagcinwa kokubekwe kwinkontileka yakhe. Kunomdonsiswano onzima okungaziwa uzophela nini. Wudaba oluqhubekayo oluxuba okuningi okunye kwakho yizinto zangesese okumele zilungiswe.

“Kuningi okuthinta lolu daba, okuningi kwakho yizinto ezizothinta ezomthetho. Angihlosile ukucekela phansi isithunzi somdlali….ngethembeni, nizokwazi maduze.”

Bephendula umbhalo kaRob, abanye abalandeli bakhe bathe naye usaziqhubela amahlebezi nje akazi lutho ngesimo sikaSaleng kwiBucs.

Empeleni, sekunesikhathi kusolwa ukuthi uSaleng akaneme ngenkontileka yakhe kwiBucs okusho ukuthi akukho okusha okuvezwe wuRob.

Uveza lokhu nje uMicky Jnr ngeSonto naye uthe indaba ikwinkontileka, uSaleng akaneme ngemali ayiholayo nokungagcinwa kwezethembiso zokuyikhuphula.

ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini usezothatha ingoduso entsha iNkosazane uSihle Mdluli waseMpumalanga. UPrincess Mdl...
19/02/2025

ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini usezothatha ingoduso entsha iNkosazane uSihle Mdluli waseMpumalanga.

UPrincess Mdluli, okubikwa ukuthi ubalelwa eminyakeni engu-20, ungowasebukhosini bakwaMdluli. Sekuphele cishe amasonto amabili ehlala kwesinye sezigodlo zenkosi.

Omele iSilo beNdlu yobuholi boMdabu KwaZulu-Natal kanye nabaholi bamaKhoisan, uMntwana uGumbela Zulu, ukuqinisekisile ukuthi inkosazana yayikhona emcimbini wokugcina woMkhosi Wokweshwama Emashobeni enyakatho yeKwaZulu-Natal futhi yethulwa ngokusemthethweni emndenini wasebukhosini.

28/08/2024

⚽ Live
Orlando pirate dstv 209
Sundowns sabc 3

Address

Durban

Opening Hours

Monday 09:30 - 15:30
Tuesday 09:30 - 15:30
Wednesday 09:30 - 15:30
Thursday 09:30 - 15:30
Friday 09:30 - 14:30

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Thami Mswazi posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Contact The Business

Send a message to Thami Mswazi:

Share