
13/12/2024
I-IFP ithi isagculisekile ngohulumeni wobumbano eKZN
MENZI JELE
I-IFP ithi isimi ngomumo ngokhetho loHulumeni baseKhaya, oluzoba ngo-2026. USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, obuye abenguNdunankulu wasifundazwe, ubebambe isithangami nabezindaba emahhovisi aleli qembu ngoLwesine, ucacisa ngezinto ezithinta iqembu lakhe nohulumeni wesifundazwe awuholayo.
Uthe usagculisekile ngendlela uhulumeni wesifundazwe obuswa ngokubambisana ngamaqembu ahlukene, osebenza ngayo. Uthe bonke ongqongqoshe abakulo hulumeni, basebenza ngokuzikhandla futhi babambisene ekuphuculeni impilo yabantu baseKZN. Uthe kuyamthokozisa nokuthi isiteleka sabemboni yamatekisi ahamba amabanga amade, sesiphelile ngoba umphakathi uhlukumezekile yisona.
UNtuli, ubuye wancoma ukusebenza kwamaphoyisa esifundazwe, ngaphansi kobuholi bukaCommissioner, uLt. General uNhlanhla Mkhwanazi.
"Amaphoyisa awavele asukele izigebengu azidubule, azibulale. Yizona ezidubula kuqala, bese amaphoyisa eyaphindisela. Sinomkhankaso esifundazweni wokukhuculula abokufika kuleli, abangenazo izimvume zokuba lapha. Abanye sebephindeselwe emazweni abo, kanti abanye simatasa sizama ukubaphinidela emuva. Iyamangaza lento ngoba efemini eyodwa eMadadeni, eNewcastle, sithole kusebenza khona abantu bokufika abangu 220, abangenazo izimvume zokuba kuleli zwe," kusho uNdunankulu uNtuli.
Esekhuluma njengomholi weNkatha esifundazweni, uthe okhethweni luka 2026, awukho nowodwa umasipala nomkhandlu-wesifunda ongaphansi kwe-IFP njengamanje, abangeke bawugcine.
"Siyakhuluma namakhansela nezimeya eziphethe imikhandlu nomasipala abalawulwa yi-IFP, ukuthi abaqhubeke basebenzele abantu ngokuzikhandla nangokwethembeka. Awukho umasipala ophethwe yiNkatha ozolahleka, esikhundleni salokho baningi esizabathola. Lokhu kufakazelwa ukuthi okhethweni lokuchibiyela olusanda kubakhona, eMtubatuba, eNkandla, oPhongolo, eMvoti, naseNewcastle, i-IFP izidlele amahlanga kumaWadi ahlukene.
[email protected].